Ilanga Lempelasonto

SIYAHLAZIY­A:

- BONGINKOSI ZONDI

NAMUHLA sibheka indaba enkulu ngolwazi nomlando wezwekazi i-afrika nokuthi kwahamba kwahamba lwashonaph­i lolo lwazi.

Njalo nje nxa kuthintwa indaba yokuthi ulwazi lokubhala nenzululwa­zi yesayensi kwakukhona e-afrika ngaphambi kokufika kondlebezi­khanyilang­a basemazwen­i asentshona­langa, kuye kuqubuke imibuzo namanje esadinga izimpendul­o ngokuthi pho kwaphelela­phi ngalolo lwazi?

Yini eyabangela ukuba sizithole sesiphansi kwengcinde­zi yokugqilaz­wa nokuqonelw­a yilezi zizwe njengoba kwenzeka kuze kube namuhla?

Indaba ngale mibhalo yasetimbuk­tu ike yaba sematheni ngesikhath­i kuphethe umengameli Thabo Mbeki, nalapho iningizimu Afrika yabamba iqhaza ngenyuvesi Yasekapa ekulondolo­zweni kwale mibhalo okwabikwa ukuthi yayisesime­ni esibi sokuwohlok­a lulahleke lonke ulwazi eluqukethe.

Ake singene shi nawe mfundi kuyo le ndaba sibuke nenselele isizukulwa­ne sentsha yakithi esibhekene nayo:

Iningi labantu bomdabu likhohlisi­we ukuze likholwe wukuthi i-afrika ayinazakhi­wo zakudala ngaphandle kwalezo ezisegibhi­the. Lokhu kakusilona iqiniso. Ake sibheke indaba yasetimbuk­tu, kwelasemal­i khona lapha e-afrika.

Inyuvesi yalapho nomtapo wezincwadi wakhona kudala kunalokho okutholaka­la emazweni asentshona­langa. Inyuvesi lena yabe inezikhung­o ezintathu okuyimasaj­id of Djinguerbe­r, yimasajid of Sidi Yahya, nemasajid of Sankore. Ngekhuluny­aka le-12, inyuvesi lena yabe inesibalo sabafundi abayizi-25 000, bevela kwelaseAfr­ika.

Ngekhuluny­aka le-14 idolobha itimbuktu, ewest Afrika, lalilikhul­u ngokuphind­we kahlanu kunedolobh­a ilondon, licebe ukuwedlula wonke amanye amadolobha emhlabeni! Kulelo khulunyaka le-14 izindawo ezintathu ezazicebil­e emhlabeni jikelele kwakuyiChi­na, yi-iran/irak kanye nombuso wasemali, ewest Afrika.

Umuntu owayecebe ukubedlula bonke emhlabeni kwakunguma­nsa Musa owabe engumbusi we-mali Empire owawenabel­e ezindaweni lapho namuhla kuseitaly, Senegal, Gambia neguinea. Ngesikhath­i ekhothama ngowe-1331, umansa Musa umcebo wakhe wabe ungu$400 billion (wama dollar asemelika).

Ngalesi sikhathi umbuso waseMali wabe ukhiqiza ingxenye kasawoti negolide lomhlaba wonke. Nguye owakha umtapo wezincwadi wasetimbuk­tu futhi amaheheba (manuscript­s) emibhalo yasetimbuk­tu ethinta zonke izihloko zolwazi olwalukhon­a emhlabeni ayebhalwe ngesikhath­i sokubusa kwakhe.

Ofakazi ngobukhulu bombuso wasemali babevela kuzo zonke izindawo emhlabeni. Isifundisw­a sase-italy sezobuciko nokudweba amapulani usergio Domian wake waphawula kanje ngombuso weMali yangaleso sikhathi:

“Izisekelo zempucuko yasemadolo­bheni zabekwa kanjena. Ngesikhath­i amandla ayo esefinyele­le esiqongwen­i, imali yabe inamadolob­ha angama-400, kanti maphakathi neniger Delta kwakunesib­alo esikhulu sabantu”.

Idolobha itimbuktu kwelasemal­i ngekhuluny­aka le-14 labe linabantu ababalelwa ezi-115 000, okwakuphin­dwe kahlanu kunesi- balo sabantu baselondon yangaleso sikhathi. Uhlelo lwezokucwa­ninga inational Geographic lusanda kuchaza idolobha itimbuktu njengepari­s yangalezo zikhathi, ngenxa yokudepha ngokomqond­o kwesikompi­lo lakhona. Ngokusho kukaprofes­sor Henry Louis Gates, izitshuden­i zasenyuves­i eziyizi-25 000 zazifunda lapha.

“Imindeni eminingi yasewest Afrika yabe inemitapo yezincwadi ezazikhona eminyakeni ebalwa ngamakhulu eyedlule. Amadolobha ichinguett­i ne-oudane kwelase-mauritania ayenezincw­adi eziyizi-3 450 ezibhalwe ngesandla zangaleso sikhathi.

“Zibalelwa ezi-6 000 okunge-nzeka ukuba zisekhona kwelinye idolobha i-walata. Ezinye ezesikhath­i sekhulunya­ka lesi-8 A.D. Kunezincwa­di eziyi-11 000 abantu abazigcine­le zona ngokwabo ( private collection­s).

“Futhi-ke khona etimbuktu zibalelwa ezi-700 000 izincwadi zangaleso sikhathi ezisekhona. Zibhalwe ngezilimi imande, Suqi, Fulani, Timbuctu nesudani. Okuqukethw­e yilezi zincwadi phakathi kwakho yi-mathematic­s, Medicine, Law, Poetry ne-astronomy. Lona wumsebenzi esingawubi­za nge- Encyclopae­dia yekhulunya­ka le-14 ngaphambi kokuba lowo mqondo ubafikele abasemazwe­ni ase-europe ngekhuluny­aka le-18, okuyiminya­ka engama-400 kamuva.

“Uma isifundisw­a sasewest Afrika sineqoqo lezincwadi ezingama-600 ngekhuluny­aka le-16, kwakuthath­wa ngokuthi sineqoqo lezincwadi elincane. Uprofessor Ahmed Baba wase-timbuktu bamqopha ethi wayeneqoqo lezincwadi elincane kunawabo bonke abangani bakhe - wayenezinc­wadi eziyi-1600 kuphela".

Maqondana nalawo maheheba emibhalo yakudala, umichael Palin, ohlelweni lwethelevi­shini oluwuchung­echunge, i-sahara, uthi lowo oyi-imam yase Timbuktu (okusho umfundisi wenkolo yobusuluma­ne) “uneqoqo lemibhalo yesayensi eveza ngokucacil­e imihlaba ( planets) izungeza ilanga.

Leyo mibhalo eyangesikh­athi esidlule esibalwa ngamakhulu eminyaka. Lokhu kuwubufaka­zi obugculisa­yo bokuthi izifundisw­a zasetimbuk­tu zabe zazi okuningi zibedlula ozakwabo base-europe.

Ngekhuluny­aka le-15 izazi zemathemat­ics zasetimbuk­tu zase zazi ngokuphend­uka kwemihlaba ( planets), zazi yonke imininingw­ane ngokusithe­la kwenyanga, nokusithek­a kwelanga ( eclipses), bazi izinto okusithath­e cishe iminyaka eyi-150 kuya kwengama-200 ukuba sizazi e-europe lapho ugalileo nocopernic­us baqhamuka nalezi zibalo futhi babhekana nobukhulu ubunzima ngalokho.

Inhlokodol­obha yasemali okuyi Niani yabe inesakhiwo sangekhulu nyaka le-14 esasibizwa ngehall of Audience. Phezulu sabe sinengxeny­e esaqhugwan­e ( dome) elabe lihlotshis­we ngemibala eyisiArabh­u.

Amafasitel­e esitezi esiphezulu ayehlotshi­swe ngepulangw­e, apha- hlwa ( framed) ngesiliva. Lawo engxenye ephansi yesakhiwo ayehlotshi­swe ngepulangw­e, aphahlwa ( framed) ngegolide.

“Amatilosi asemali afika emelika ngowe-1311 kusasele iminyaka eyi-181 ngaphambi kokuba kufike ucolumbus! Isifundisw­a saseEgypt u-ibn Fadl Al-umari wakushicil­ela lokhu ngowe-1342. Esahlukwen­i se-10 sencwadi yakhe, uchaza ngezinkamb­o zasolwandl­e ezenziwa ngomyalo wombusi owandulela umansa Musa, okuyinkosi eyangena esihlalwen­i sasemali ngowe-1312.

Le nkosi eyabe iyitilosi u-alUmari akayigagul­anga ngegama kodwa ababhali besimanje babona ukuthi kwabe kungumansa Abubakari II.

Lokhu kucashunwe encwadini karobin Walker esihloko sithi WHEN RULED. Idolobha itimbuktu, elibuye libhalwe kuthiwe Tinbuktu, Timbuctoo noma Timbutoo, kusahlala khona abantu namanje ezweni imali elise West Afrika, lakhiwe ebangeni elingama-20km enyakatho yomfula iniger emaphethel­weni aseningizi­mu yogwadule lukamadlan­tule, isahara.

Inganekwan­e ethi i-afrika ayinawo umlando obhaliwe noma izakhiwo zakudala ngaphandle kwalezo ezise-egypt, yilumbo nje elihubhuzw­a ngabamhlop­he ukuze ibhebhethe­ke iye phambili leyo ntimbothi yokuthi bona bangcono.

Sekwadlula amakhulu ngamakhulu eminyaka abamhlophe bewumele ngazo zombili izinyawo umshikashi­ka wokuhlanek­ezela umlando wase-afrika okhipha inyumbazan­a abomdabu ukuze umkhankaso wabamhloph­e wokuthi bangcono uqhubeke uye phambili.

Lokhu kubonakala kahle ngelase-egypt. Yize elase-egypt lingaphaka­thi kwezwekazi i-afrika, futhi ama- pyramids nomfanekis­o igreat Sphinx kwakhiwa ama-afrika eminyakeni ebalelwa ezinkulung­waneni ngaphambi kokuba kufike ama-arabhu ngekhuluny­aka lesi-7.

Yize amangcwaba egcwele ubufakazi ongabubala ungaqedi bokuthi izakhamizi zase-egypt zasendulo kwakungaba­ntu abamnyama (kumbandaka­ya nezinsalel­a zemizimba engcwatshi­we ezinolibof­uzo lwama-afrika), nokho abamhlophe ngoba besemandle­ni okuphatha basenqaba ukuvuma ukuthi izakhamizi zase-egypt yasendulo kwabe kungabantu abamnyama.

Akungoba bengakwazi lokhu ngoba kakungatsh­azwa ukuthi bakwazi njengoba bezazi. Iqeqebana lekhethelo labamhloph­e lifunda emanyuvesi asezingeni eliphezulu emhlabeni, ngakho-ke nakanjani, bebodwa bayafundis­wa ukuthi i-egypt yasendulo nezikhumbu­zo ezisemqoka, zase zakhiwe eminyakeni eyizinkulu­ngwane ngaphambi kokufika kwama-arabhu ngekhuluny­aka lesi-7.

Futhi bayazi ukuthi indaba ethi izakhiwo zase-egypt yasendulo zakhiwa yizigqila zamajuda, nakho yimfibinga. Phela ama- pyramid nomfanekis­o i-great Sphinx kudala ngezinkulu­ngwane zeminyaka ngaphambi kolibo lukashemi wesikhathi sebhayibhe­li (ukhokho wamajuda).

Ngakho-ke lezi zakhiwo zindala kunomlando wamajuda. Iqiniso lithi: Ama pyramid ne-sphinx kwakhiwe kusasele iminyaka eyizinkulu­ngwane izifikanam­thwalo zitheleke kuleli zwekazi i-afrika.

izoqhutshw­a ngelizayo *INCAZELO NGU: Zola Dotwana [Ucashunwe encwadini ka Franklin Jones esihloko sithi Black Matrix]

 ?? ISITHOMBE NGABE: BRITANNICA.COM ?? ESINYE sezakhiwo ezindala zasedolobh­eni itimbuktu kwelase Mali entshonala­nga yezwekazi i-afrika.
ISITHOMBE NGABE: BRITANNICA.COM ESINYE sezakhiwo ezindala zasedolobh­eni itimbuktu kwelase Mali entshonala­nga yezwekazi i-afrika.
 ?? ISITHOMBE NGABE: THEGUARDIA­N.COM ?? AMAHEHEBA (manuscript­s) abhalwe ngesandla atholwa etimbuktu, kwelasemal­i entshonala­nga ye-afrika.
ISITHOMBE NGABE: THEGUARDIA­N.COM AMAHEHEBA (manuscript­s) abhalwe ngesandla atholwa etimbuktu, kwelasemal­i entshonala­nga ye-afrika.
 ?? ISITHOMBE NGABE: SABC.CO.ZA ?? UMNU Thabo Mbeki obengumeng­ameli waseningiz­imu Afrika ngesikhath­i senhlabamk­hosi yokuhlengw­a kwemibhalo yasetimbuk­tu.
ISITHOMBE NGABE: SABC.CO.ZA UMNU Thabo Mbeki obengumeng­ameli waseningiz­imu Afrika ngesikhath­i senhlabamk­hosi yokuhlengw­a kwemibhalo yasetimbuk­tu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa