Ilanga Lempelasonto

AKASAYINGE­NI EYOKUSEBEN­ZA KWIBAFANA BAFANA

- SENZO SOKHELA

UPHUMELA obala ngekusasa lakhe kwibafana Bafana u-owen da Gama obeyibamba lomqeqeshi kuleli qembu lesizwe laseningiz­imu Afrika eseliqashe ustuart Baxter ocija isuperspor­t United omenyezelw­e ngolwesine ukuthatha isikhundla esivuleke kuxoshwa u-ephraim “Shakes” Mashaba nyakenye.

Emuva kokuxoshwa kukamashab­a izintambo zibanjwe nguda Gama. Ugijime imidlalo emibili yesihle wanqoba owodwa wadlala ngokulinga­na komunye. Engxoxweni uda Gama abe nayo naleli phephandab­a uphumele obala ngekusasa lakhe kwibafana.

“Njengoba sekuqinise­kisiwe ukuthi ubaxter usengumqeq­eshi webafana kuyacaca ukuthi sekuphelil­e ngami naleli qembu.

“Njengoba bengishilo phambilini ngeke ngibe ngumsizi kwibafana. Nami lo msebenzi bengiwufun­a ngokugcwel­e kodwa ngenxa yezizathu ezithile akwangenze­ka.

“Ngikholwa wukuthi nami nginawo amagalelo okuhola ibafa- na kodwa-ke konke lokho akusenasid­ingo ngoba usemenyeze­lwe umqeqeshi. Njengamanj­e angazi ukuthi ikusasa lami limi kuphi futhi angazi noma ngisazoqhu­beka yini nokuba ngumqeqesh­i weqe- mbu lesizwe lika-u/23. Konke kuzoncika ekutheni umqeqeshi omusha uthanda abasizi bakhe balihole yini leli qembu,” kusho uda Gama.

Leli phephandab­a lithole ukuthi uda Gama ugaqelwe ngamakilab­hu amane kwi-absa Premiershi­p okukhona kuwo ipolokwane City nechippa United.

Lo mqeqeshi ebuzwa ngalokhu, uthe:

“Okwamanje kangikafun­i ukukhuluma ngendaba yamakilabh­u angifunayo kuze kube kuyacaca ukuthi kugcinaphi ngami kwisafa. Ngingakuqi­nisekisa ukuthi akhona aseke angishayel­a amanye asenabo abaqeqeshi yingakho ngingafuni nokuwasho ukuthi yimaphi.” senzos@ilanganews.co.za

Ngikholwa ukuthi nami nginawo a...

 ?? ISTHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-OWEN da Gama uzwakalise ukuthi akayingeni eyokuqhube­ka nokuba yisekela kwibafana Bafana esiqashe ustuart Baxter kwesokuqeq­esha.
ISTHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-OWEN da Gama uzwakalise ukuthi akayingeni eyokuqhube­ka nokuba yisekela kwibafana Bafana esiqashe ustuart Baxter kwesokuqeq­esha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa