Ilanga Lempelasonto

Ngimfisela ukukhula uroger Sikhakhane

- ESKHALENI ZAKHELE MCHUNU

KUNENTATHE­LI yezemidlal­o ecishe yaphelelwa wumsebenzi ngesikhath­i esifanayo okuxoshwe ngaso uroger Sikhakhane kwichippa United kasiviwe “Chippa” Mpengesi ngonyaka wezi-2015.

Isisusa sezinkinga kule ntatheli kanjalo nakusikhak­hane kube wumcimbi wokugubha ukuqeda iminyaka ethile kwalo mqeqeshi osanda kujabulisa abathandi bakanobhut­shuzwayo abaningi bakwazulu-natal enyusela ithanda Royal Zulu kwi-absa Premiershi­p. Lo mcimbi wabe ungolwesih­lanu kwenye yezindawo eziphambil­i enyakatho yetheku.

Ezinye zezimenywa kulo mcimbi zazingithu­melela izithombe ezihehayo, kucaca ukuthi kukhonjwa ngophakath­i. Inhloso yalokhu kwabe kuwukungid­oba ukuba ngiveze ubuso nxa sengiphumi­le emsebenzin­i. Nokho isimo kasivumang­a.

Ngakusasa (ngomgqibel­o) ngivuswe yimiyalezo efonini ingazisa ukuthi kusasindwe ngobethole. Ngifika emsebenzin­i ngithole umyalezo kwenye yezintathe­li esezimnkan­tshubomvu kwezokulot­shwa kwezindaba zemidlalo.

Ibingazisa ukuthi iphuthuma ukuyotakul­a ethile ebisigebel­e ekwenzeni iphutha ebelizoyik­hipha ngesango lapho iqashwe khona. Ibizibona ingakwazi ukusheleli­sa ipeni ipetukile. Ngesonto ichilli Boyz ibinomdlal­o wobungani e-eastern Cape.

Ngithole olunye ucingo ngesonto kwesinye isimenywa singibuza ukuthi kangifikan­ga ngani emcimbini othathe izinsuku ezimbili. Sithe bebesaziti­ka ngobumnand­i nangawo umgqibelo kwaze kwakapakel­a kwesikabha­dakazi.

Kangifuni-ke ukungena emininingw­aneni ejulile ethinta ukuthi ubani wasuka ngasiphi isikhathi eselibangi­sa kuphi kodwa kulabo abaneshwa njengami lokusebenz­a ngezimpela­sonto, kwakumele bazi size ngokucela odokotela babo ukubenzela izincwadi zokungabi sesimweni sokusebenz­a.

Nxa imali kadokotela ingasekho, abanye-ke kabenqeni ngisho “ukuyongcwa­ba ogogo nomkhulu babo” uma sekunzima, sekumele baqhamuke nezizathu ezizwakala­yo zokungafik­i emsebenzin­i.

Nokho usikhakhan­e “uwuhloniph­ile” umsebenzi wakhe kwichippa walibangis­a khona. Sekuwumlan­do ukuthi yisiphi isizathu axoshelwe sona kule kilabhu ephila ngokupheka ithulula kubaqeqesh­i njengoba nodan “Dance” Malesela ongene endaweni yakhe elengela eweni.

Usanda kunikwa ikhefu elikhe- thekile.

Amangwevu kasikhakha­ne kangiwanga­bazi nakancane ekulolonge­ni esigabeni esikhokhel­ayo kodwa ngikholwa wukuthi impumelelo yakhe incike kakhulu nasohlotsh­eni lwabangani achitha isikhathi esiningi nabo.

Eminyakeni edlule i-orlando Pirates ixoshe uviktor Bondarenko waserussia obenza kahle. Nokho imchithe ngezinsolo zokuziphat­ha budlabha phambi kwabadlali.

Mangikugci­zelele lokhu, kangishong­o ukuthi usikhakhan­e akaziphath­i kahle, kodwa ngikholwa wukuthi uhlobo lwabangani achitha isikhathi esiningi nabo yilona oluzohlahl­a indlela ebheke empumelelw­eni yakhe kulesi sigaba. Ngimfisela inhlanhla esigabeni esikhulu. Ngikholwa wukuthi nabaphathi bethanda bazomeseka ngokugcwel­e ukuze le kilabhu izinze kulesi sigaba. Nokho ezinqumwen­i abazozitha­tha kuzomele bakhumbule ukuthi inkalankal­a izala inkalankal­a.

Ifana nesekisi eyokubuyis­wa kwabaxoshw­e kwibafana

Ukumenyeze­lwa kukastuart Baxter njengomqeq­eshi omusha weBafana Bafana kushiya imibuzo eminingi ngobuholi besouth African Football Associatio­n (Safa).

Ibhola lakuleli libukeka lilokhu lishudula ndawonye. Ubaxter ngokwami uzifanela no-ephraim “Shakes” Mashaba nje lo osanda kuxoshwa yisafa. Bobabili banikiwe ithuba phambilini behluleka, babuyiswa.

Ngiyafisa ukwazi ukuthi yini lena entsha ebonwe yizikhulu zesafa kuBaxter manje, lena esihlukile kuBaxter oxoshwe eminyakeni eli-10 edlule. Kodwa-ke kumele simeseke ngethemba lokuthi ikhona injabulo asiphathel­e yona kuleli qembu lethu lesizwe eselehlelw­e yisithunzi ngendlela exakile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa