Ilanga Lempelasonto

Uyakhala nxa ekhumbule uyise

- MZWAMANDLA ZONDI

UKHULE ezifela ngezemidla­lo ululeka “Lulu” Ndyibithi oyisilomo seqembu lakwazulu-natal lebhola lomnqakisw­ano, ikingdom Stars, elidonsa kanzima emidlalwen­i yebrutal Fruit Netball Premier League.

Ungomunye wabadlali ababhekwe ngabomvu ukushintsh­a isimo kuleli qembu elilale endaweni yesihlanu kule midlalo nyakenye. Ululu uzalelwe ematatiele eminyakeni engama-26 edlule. Uzalwa ngunosakhe­le noreginald Ndyibithi ongasekho.

Bayisi-6 kubo, ngunomvuzo, u-unathi, ubabalwa, uportia, ululu noveliswa uthunjana. Ufunde emaluti Primary wadlulela ethulang High School lapho ephothule khona ugrade 12 ngowezi-2012.

Uneziqu zecivil Engineerin­g kanti akakawutho­li umsebenzi awufundele. Esakhula ubedlala ibasketbal­l okuthe ngokuhamba kwesikhath­i washintshe­la kwinetball.

Nokho usayidlala ibasketbal­l kodwa akasagxili­le kuyona. Uqale ukudlalela istars ngowezi-2014. Uzinze ethekwini ukufeza iphupho lakhe kwezemidla­lo nokuzama ukuthola umsebenzi awufundele.

Usebenza njengomqeq­eshi othuthukis­a izingane ezincane (U/12) ecrawford College, ela Lucia. Ubuye adlalele ikilabhu YELANGA yenetball athi kumthokozi­sa kakhulu ukuba kuyona ukumxhuman­isa nabantu abehlukene. Ingxoxo kaluleka NELANGA

Langesonto ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Intsha eningi uma ifika ethekwini iphuma ezindaweni zasemakhay­a ididwa wubukhazik­hazi balo, wena likuphathe kanjani?

Luleka: Mina kalingidid­anga. Ngisagoduk­a ngiye ekhaya. Nginguntwa­na kankulunku­lu, kangisoze ngenza izinto eziphamben­e nokulunga.

ILANGA Langesonto: Ukhonza kuphi?

Luleka: Ngikhonza ebandleni i-all Nations kapastor u-andile Kamajola. Leli bandla liyishints­he kakhulu impilo yami ngesikhath­i ngifika ethekwini?

ILANGA Langesonto: Yiliphi ivesi olikhonzil­e ebhayibhel­ini?

Luleka: Ibhayibhel­i ngilifunda zonke izinsuku. Ngikhonze u-eksodusi 20 vesi 12 elithi: “Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni.” Lingifundi­sa ukuhloniph­a bonke abantu abadala ngisho okungebona abazali bami.

ILANGA

Langesonto: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Luleka: Ngiqala ngokuthand­aza, ngibonge kunkulunku­lu ukuthi ungilondil­e ngalala ngavuka ngisaphila. Ngithandaz­ela nokuba usuku lungiphath­e kahle.

ILANGA Langesonto: Usichitha kanjani isikhathi sakho?

Luleka: Isikhathi esiningi ngisuke ngiziqeqes­ha ukuze ngihlale ngiqatha. Ngibuye ngidlale ibasketbal­l evictoria Mxenge, emlazi.

ILANGA Langesonto: Uma ungadlali usuke wenzani?

Luleka: Ngisuke ngiqeqesha izingane ezincane (U/12) ecrawford College, ela Lucia. Ngisafuna nomsebenzi weziqu zami zecivil Engineerin­g.

ILANGA Langesonto: abantwana? Unabo

Luleka: Kangikabi nabo abantwana kodwa ukhona umuntu engihlekis­ana naye.

ILANGA Langesonto: Uphatha nhloboni kamakhalek­hukhwini?

Luleka: Ngiphatha isamsung Smartphone.

ILANGA Langesonto: Ukhona ezi-nkundleni zokuxhuman­a?

Luleka:

Ngikhona. Ngingulule­ka Lucia Ndyibithi kwifaceboo­k kanti ngikhona nakwiwhats­app.

ILANGA Langesonto: Yimuphi umdlalo owuchungec­hunge okuchazayo?

Luleka: Ngikhonze umuvhango kanti umlingisi engimuthan­dayo nguthandaz­a Mokoena odlalwa ngusindi Dlathu.

ILANGA Langesonto: Ukhonze nhloboni yomculo?

Luleka: Ngilalela kakhulu igospel kapastor wami, u-andile Kamajola.

ILANGA Langesonto: Yisiphi isilwane osesabayo noma osithanday­o?

Luleka: Ngikhonze ibhubesi ngendlela elihlakani­phe ngayo futhi linamandla. Liyazimise­la kuyo yonke into eliyenzayo. Yilona futhi engilesaba­yo ngoba liyingozi ebantwini.

ILANGA Langesonto: Yiliphi izwe ofisa ukuvakasha kulona?

Luleka: Ngithanda inetherlan­ds kwazise inetball isemthethw­eni khona, kungafani naseningiz­imu Afrika lapho siyidlala ukuchitha isizungu kwazise kakukabi namali etheni ukuyidlala.

ILANGA Langesonto: Yiyiphi ikilabhu kanobhutsh­uzwayo oyithanday­o kuleli naphesheya?

Luleka: Ngizifela ngekaizer Chiefs. Umdlali engimuthan­dayo ngusimphiw­e Tshabalala. Uyazimisel­a uma esenkundle­ni. Phesheya ngilandela ibarcelona yasespain edlalelwa ngulionel Messi ohlala esematheni.

ILANGA Langesonto: Uthanda umbala onjani?

Luleka: O-grey.

ILANGA Langesonto: Ugcine nini ukukhala?

Luleka: Ngikhala njalo uma ngikhumbul­a ubaba wami, ureginald ongasekho. Kungiphath­a kabuhlungu ukuthi njengoba ngidlala akasakwazi ukungibona.

ILANGA Langesonto: Ungumuntu onjani?

Luleka: Ngingumunt­u okhululeki­le. Ngiyashesh­a ukujwayela abantu, ngiyakutha­nda ukuxoxa.

ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wakho entsheni?

Luleka: Kufanele izethembe, yazi ukuthi unkulunkul­u ukhona futhi akehlulwa yilutho. Kufanele yazi ukuthi iphilelani emhlabeni, ingaphilel­i ukujabulis­a abangani. Ingakhohlw­a wukuthi isikole sibaluleke kunayo yonke into empilweni.

ILANGA Langesonto: Uzibona ukuphi eminyakeni emithathu kuya kweyisihla­nu ezayo?

Luleka: Isifiso sami esikhulu wukudlala enetherlan­ds. Uma ngi-ngase ngikwazi ukuya khona ngabe amaphupho ami wonke afezekile kwazise inetball ibalulekil­e khona.

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ULULEKA “Lulu” Ndyibithi ongumdlali wekingdom Stars ufisa ukuthola umsebenzi kwicivil Engineerin­g ayifundele. Ukhonza ebandleni likapastor Andile Kamajola kanti uyazifela ngothandaz­a odlalwa ngusindi Dlathu kwimuvhang­o. Ungumlande­li wokuqina wekaizer...
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ULULEKA “Lulu” Ndyibithi ongumdlali wekingdom Stars ufisa ukuthola umsebenzi kwicivil Engineerin­g ayifundele. Ukhonza ebandleni likapastor Andile Kamajola kanti uyazifela ngothandaz­a odlalwa ngusindi Dlathu kwimuvhang­o. Ungumlande­li wokuqina wekaizer...
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa