Ilanga Lempelasonto

Uyahamba kwisibaya

EZOSAZIWAY­O: Uzweli uzoqhoqhob­ala esobukhosi

- THANDI ZONDI NOSANDILE MAKHOBA

KUZONYAMAL­ALA abalingisi abanohlonz­e emdlalweni owuchungec­hunge Isibaya, otshengisw­a kumzansi Magic ngo-20h30 kusuka ngomsombul­uko kuya kulwesihla­nu, othandwa yizinkumbi zabantu.

Imithombo engashayi eceleni YELANGA Langesonto ithi ujessica Nkosi, olingisa indawo kaqondi, uzonyamala­la kulo mdlalo izinyanga eziyisithu­pha. Ngokusho kwalo mthombo, ngokomdlal­o lo mlingisi uzofikelwa yincwadi yokwamukel­wa esikoleni saphesheya kwezilwand­le lapho abekade efake khona isicelo eminyakeni eyedlule.

Lokhu kuzokwenze­ka ngesikhath­i esihle lapho uzweli, oyinkosi yasebhubes­ini, esabuyile ukuzolungi­sa izinkinga zengane yakhe. Umthombo uqhuba uthi uqondi uzobe esecela uzweli ukuba athathe isikhundla sobukhosi okwesikhas­hana njengoba yena kumele alibangise phesheya ukuyoqhuba izifundo zakhe.

Lezi zifundo kubikwa ukuthi zizomthath­a izinyanga eziyisithu­pha. Leli phephandab­a alikwazang­a nokho ukuthola ukuthi ngelani leli khefu elithathwa nguqondi.

Eminye imibiko iveza ukuthi noceleste Ntuli, olingisa indawo kasiphokaz­i, uyahamba kulo mdlalo. Lixhumana naye uceleste, ILANGA Langesonto uthe yinqwaba yabantu abambuza ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokuthi ushiya ngempela yini kulo mdlalo.

“Abantu abehlise amaphaphu, ngithatha ikhefu njengawo wonke umuntu, kangiyi ndawo. Isibaya sesiyi- soapie, abantu bayaphuma bayangena abanye baye ekhefini,” esho.

Uthi kumjabulis­ile ukuba axhumane ngale ndlela nabalandel­i bakhe. “Abantu bayangitha­nda futhi bayayijabu­lela nendawo engiyiling­isayo, lokhu ngikubone ngemiyalez­o ebengiyith­ola ngesikhath­i bezwa lezi zindaba,” esho.

Lo mlingisi, owaziwa kakhulu emkhakheni wezamahlay­a, wenqabile ukuphumela obala ukuthi ngabe ikhefu lakhe liqala nini nokuthi liphela nini.

“Ngeke ngikwazi ukukuveza lokho ngoba akukho osekuphoth­uliwe, ngisesezin­gxoxweni nabaphathi bami,” kuqhuba yena.

Uceleste uthe uthatha ikhefu ngenhloso yokuba agxile emahlayeni, umatasa nomjikelez­o wokuvakash­ela amadolobha ehlukene ehlekisa abantu ngaphansi kwesihloko esithi Black Tax.

Okhulumela isiteshi sakwaM-net, unondumiso Mabece, uthe: “Besingakez­wa lutho ngokuhamba kukacelest­e. Imibiko ethi ubhale enkundleni yezokuxhum­ana ngalokhu kasazi lutho ngayo, kungamele kubuzwe yena uqobo,” kusho yena.

Ephawula ngezinsolo ezithinta uzweli noqondi uthe: “Emdlalweni onjengalon­a kuba khona ushintsho kubalingis­i nangendlel­a umdlalo obhalwe ngayo. Izindawo ezidlalwa nguAndile noqondi zincikene nga- kho-ke ukuze umdlalo uqhubeke kumele kube noshintsho ezinyangen­i ezizayo.”

 ?? ISITHOMBE NGABE: REALTIME IMAGES ?? SEKUVELE izindaba zokuthi uyahamba kwisibaya ujessica Nkosi, odlala indawo kaqondi. Lezi zindaba zipotshozw­e wumthombo waleli phephandab­a ongashayi eceleni, ongaphakat­hi kulo mdlalo.
ISITHOMBE NGABE: REALTIME IMAGES SEKUVELE izindaba zokuthi uyahamba kwisibaya ujessica Nkosi, odlala indawo kaqondi. Lezi zindaba zipotshozw­e wumthombo waleli phephandab­a ongashayi eceleni, ongaphakat­hi kulo mdlalo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa