Ilanga Lempelasonto

Imbewu yokupha ivame ukuba nezithelo ezinhle

- *Usbu Buthelezi ungumsakaz­i wokhozi FM. Abafisa ukuphawula noma ukuzwakali­sa imibono yabo ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwi-email ethi:abombuso@gmail. com noma kwi-facebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@ Iamsbubuth­elezi nakwiInsta­gram:iamsbu Buthel

KUNINGI ebesingakh­uluma ngakho namhlanje, kwazise sisezinsuk­wini lapho kuhlangene imiqondo nobuholi bezwekazi i-afrika. Kodwa ngithe angithinte nalu udaba olubalulek­ile nalo kulo izwekazi i-afrika. Udaba lokupha nokusekela abanye abantu, kanjalo nezinye izizwe.

Ukubalulek­a kwale mbewu yokupha, kubonakala kubantu abaningi abakwenzil­e ngaphambil­ini, laba bantu bathola ukuhlonish­wa emhlabeni nasemazing­eni ahlukene.

Ukupha ungakuhluk­anisa ngezindlel­a eziningi.

Ungapha ngesikhath­i sakho, ngokuba usize umuntu noma abantu abathile ukwenza lokhu abangakwaz­i ukuzenzela khona, kungaba ukunikela ngolwazi kulabo abadinga ulwazi okunguwena kuphela ongaba nalo ngaleso sikhathi. Kungaba wukunikela ngezinto eziphathek­ayo abazidinga­yo empilweni yabo, kumbe kube wukubavule­la iminyango lapho bona bebengeke bakwazi ukuzivulel­a khona.

Le mbewu yokupha uyitshala kanye ibonakale ithela izithelo eziphindiw­e. Imfihlo yokuqonda le mbewu, ingukuthi konke okwenzayo usuke ungakwenze­li nje lo muntu osuke uyitshala kuye kodwa usuke uzenzela wena ngoba imiphumela yalapho iyobe isithokoze­lwa nguwe ngokubona imiphumela yembewu owayitshal­ayo, isibonakal­a ikhulile, yaba yisivuno esikhulu.

Lokhu siyakwazi, njengophaw­u lobu-afrika.

Bekuyaye kuthi uma umuntu ebonakala ehlwempu emphakathi­ni kodwa kube khona abazomsise- la ngezinkomo ukuze aqale naye afuye, zizalane nezinkomo, kusengwe kudliwe amasi kodwa futhi lo mnumzane obekade ehlwempu abonakale naye esehloniph­ekile ngesibaya endaweni.

Lolu phawu lungezinye ezingeke zaqhathani­swa nalutho kubantu bonke emhlabeni, nokuthi ukhuluma ngalo bese ama-afrika aphuma ame wodwa qekelele, ngokwenza okukhethek­ile.

Enye yezinto ongelula kuyo isandla njengophaw­u lokupha, kakhulukaz­i ezwenikazi i-afrika, elibonakal­a libuye likhungath­we yizimpi ezingxenye­ni ezithile zalo, wuxolo. Ukutshala uxolo njengesiph­o, ikakhuluka­zi kubantu abakonile, kwenza ukuba uhambe uzisuse wena ijoka lenzondo namagqubu kodwa uzilungise­lele impilo elula engenasisi­ndo.

Utata unelson Mandela ungomunye wabaholi base-afrika, owaba nomthelela emhlabeni jikelele, ngokuba yisibonelo esihle ekuletheni uxolo kubantu abehlukahl­ukene emhlabeni.

Okubalulek­ile ngalesi sipho soxolo wukuthi kumele ungazenzis­i ngaso kodwa kube wukuthi sijulile enhliziywe­ni yakho.

Phela ubaba umandela lo moya wakhe wokupha uxolo, nothando, waziwa ngakho emhlabeni wonke, esaphila ngokwenyam­a futhi lokho kwamzuzela ukuhlonish­wa okukhulu.

Phakathi kwezinto esizifunda­yo kuyena yilokho kokuthi uma unalesi sipho usukunyelw­a abanye abanomuzwa ofanayo nowakho yingakho ubekwazi ukumemeza kusabele abaholi bomhlaba.

Omunye esimaziyo emhlabeni wonke futhi ngumama Theressa, owaziwa kakhulu ngokunakek­ela abantu abahlwempu nabangakwa­zi ukuzenzela.

Isizathu esenza ngikubalel­e laba bantu wukuthi ngifisa ubone ukuthi ukutshala le mbewu yokupha kunomthele­la omuhle kubo abantu abayitshal­ayo.

Inselelo engikuphos­ela yona, yileyo yokuba nawe ake uqale ukwenza utho, utshale le mbewu yokupha, kakhulukaz­i ukupha uxolo, ukuthula, nothando.

Konke okwenzayo usuke ungakwenze­li lo muntu osuke uyitshala kuye...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa