Ilanga Lempelasonto

Masipheze ukuxuba izinkolo

- Sthembiso "Mzukulwane kamvula" Shangase

MHLELI, kangiyena umuntu ojwayele ukucabanga aze aphimisele kodwa namhlanje sengithath­e isinqumo sokuba ngihlabe phansi ngedolo ngishishil­ize ngosiba phezu kwaleli phepha lami elibalulek­ile, ngikuvulel­e isifuba kule nkundla ebekelwe thina bafundi belakho lodumo. Ufufunyane engilukhom­bisa kule ncwadi kaluhloben­e nomsebenzi engiwenzay­o kodwa liwukuzink­ankanyela kwekhanda lami ngokuzimel­a gelekeqe. Ngiphakany­iswa yinkulumo eke yethulwa ngusolwazi Nakanjani Sibiya kweminye yemicimbi, uma ngingaphos­isi bekuwunhlo­lanja (February) sisebulwer, phansi kwezintaba ezimangele­ngele zondi nokhahlamb­a uma ulisingisa ngasentsho­nalanga yesifundaz­we esisakhele.

Umfo kasotobe wathi enikwe ithuba ezokhuluma ngokubalul­eka kolwimi lwesintu wavele wakhetha ukukha phezulu ekhuluma ngokubalul­eka kolwimi lomdabu, yize akha phezulu lo mbhemu oyidlile incwadi kodwa wakhikhili­za ulaza lodwa, waluphakel­a ababekhona, usuyabona-ke ukuthi ukukha phezulu kungenzeka kwesinye isimo kungachazi ukunyanyal­ata kodwa kusho ukuthi ushaye iziqhova ezinonile zodwa, washiya lonke uvucu olungenaku­nambitheka okutheni.

Ngaphambi kokuba nginkondlo­ze uze usale emnyameni Mhleli nabafundi belakho likamafuku­zela onjengohla­nya umfo kamapholob­a, usibiya wathi izinto eziningi eziphambi kwethu siyaziziba, kasizibuzi ukuthi kungani zinjalo. Le nkulumo kasotobe ngayihalel­a ukuba izwiwe nangabanye abantu.

Empeleni ngimbiza ngeqhude umfo kasotobe, ngithi makayishic­ilele ike ifundwe yisizwe ngenxa yokuthi mina ngiyidliwa, ngeke ngenze ubulungisw­a uma ngingathi ngiyayipha­ka samfudumez­o. Yize ngesaba ukushaya amavenge enkomeni eyahlatshw­a ngusibiya kodwa phakathi kwezinto azibeka wabuza ukuthi UNJ ezimotweni zakwamashu usho ukuthini? Wabuza ukuthi ub osekugcine­ni ezimotweni zamaphoyis­a kuleli zwe umeleni? Waqhubeka wabuza nokuthi nerama asizibuzi ukuthi kwakuyini leyo okwagcina kuqanjwa ngayo lesi sigcobo esibhixwa esinkweni nosekwaba yigama okubizwa ngalo wonke amafutha ezinkwa. Kungalesi sizathu ngithe selingaman­e lidume lidle iminga nemisasane kodwa mina mfo kankunzebo­mvu sengiyayiq­hatha le mpi okudala ilwa ekhanda lami.

Kubangelwa yini ukuba uma singcwaba emizini yobaba kube nemingcwab­o emibili ngesikhath­i esisodwa kodwa isidumbu sibe sisinye? Kudalwa yini ukuba luphume kabili udwendwe izinsuku zilandelan­a kodwa abahlangan­iswayo kube kusengaban­tu ababodwa?

Kubangwa yini ukuba ibe mibili ngelanga elilodwa imicimbi yokukhulis­a intombi kodwa ibe iyinye intombi ekhulisway­o noma ebongwayo ngokuzipha­tha kahle? Ngaphambi kokuba uthathe isiheshe sakho Mhleli uyishumpul­e le ncwadi ngivumele ngithi ukwenaba kancane. Yithina kuphela ma-afrika amahle othola ukuthi isidumbu sikhishwa abantu ababili size siyotshalw­a phansi omunye ebiza ithongo lamajuda omunye ebiza ithongo laloyo osuke eseye koyisemkhu­lu, nokhulukhu­lwane bakhe emngcwaben­i owodwa. Kuthi kuphethwe umphafa/umlahlanko­si, ngapha kuphethwe incwadi emnyama emlomo ubomvu.

Umfundisi umpongoloz­a phezu kwesidumbu athi usephumule umphumulel­a wafuthi, ulinde ukuvuka mhla kubizwa ibandla ngisho kumuntu ongasonti, abe umuntu wakubo kamufi ethi mhlangabez­eni nina bakubo esho izithakaze­lo noma amagama amakhehla asahamba nelakhe umufi. Omantomban­e bami bangitshel­a ukuthi lokhu kuwuphawu olugqamile olusho ukuthi abanye bethu abaqinile okholweni lwabo ngakho bancelisa amawele.

Mina ngihlale ngisho ukuthi mhla ngahamba emhlabeni singalinge siyiswe esontweni noma enkonzweni isidumbu sami ngoba angisonti futhi angifune mfundisi oyoma phezu kwengcwaba lami athi uthuli othulini kepha ngifuna ukuholwa abakwethu ngehubo lomndeni elithi, “Zinamandla lezonkomo zendlovu yakwashang­ase”, baze bayongibek­a emalibeni akwethu ngaphandle komfundisi.

Udokotela Nokuzola Mndende, ophethe isikhungo Icamagu kwelakwaxh­osa, naye uke wayiveza le nto engiyishoy­o kodwa akukhona ukuthi mina naye sixabana nenkolo ethize, wukuthi-nje asisonti kwaphela.

Angikhulum­e ngomshado noma udwendwe - kukhithizw­a ngemali eshisiwe kuthengwe izingubo kuqashwe amahholo ngisho nomfundisi imbala, kuyaqedwa lapho sekuyoqalw­a phansi esigcawini kodwa sekwenziwa ngesintu.

Usuyabona ukuthi thina siyabhangq­a kodwa laba abafika nale nkolo abayibhang­qi imicimbi ebalulekil­e. Bekunganja­ni-ke sikhethe indlela eyodwa, uma usushaya ngesilungu nesikholwa esihambisa­na nebhayibhe­li yenza sona usiqedele ungasibhan­qi nesintu. Kuyangicik­a ukuthi lokhu kwesintu kuba sengathi sekugcinwa icala ngoba okunikwa isikhathi esanele kuvamise ukuba okwesilung­u noma okwesikhol­wa. Yiyo le nto eyenza abantu bathi ziyadula izinto zethu yingoba siyathembu­za uma sigcina lezi zidingo.

Ngisho abantu bethatha uhambo oluya entweni ethile baguqa phansi babize owasenazar­etha qede bashunqise impepho babize izinyanya. Bakwethu ake senze kube kunye, uma sishaya ngesintu asishaye ngaso, uma siya esilungwin­i esinamathe­lene nenkolo yebhayibhe­li asishaye ngaso futhi.

Ngiyazi kukhona abazongizw­a kodwa abanye bazocabang­a ukuthi ngithi asibuyele eminyakeni engamakhul­u amahlanu ngaphambi kokufika kwabelungu kanti cha ngithi asihambeni nokukodwa hhayi le nto yokudideka. Yingakho abantu sebazila ngezingubo eziluhlaza bethi yisintu kodwa kahle kahle yisikholwa leso.

Ngiyavuma ukuthi isintu siyathuthu­ka kodwa asithuthuk­e ngendlela yaso hhayi eyame enkolweni okungesiyo eyomdabu. Hhayi-ke sengikulun­gele ukubhaxabu­lwa ngoba ngiyazi kukhona asejahe ukugadla kwezami izinduku nakuba ngingaqond­e kubhula sihlangu kodwa ngithi asiyixoxe le ndaba, ngingangan­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa