Ilanga Lempelasonto

Asilubone uguquko lomnotho kuleli

-

YINHLE le nto ekhulunywa ngosopolit­iki nsuku zaphuma, i-radical economic tranformat­ion”, okusho ukuguqulwa komnotho ukuze uhlomulise nabamnyama abebencish­eke amathuba phambilini.

Cishe leli gama, elibuye libizwe ngezinye izindlela, silizwa belimemeza kusukela ekuseni kuphuma ilanga lize liyoshona. Siyavuma, kusemqoka futhi kubaluleki­le ukuba bonke abantu bahlomule emnothweni wezwe, kungahlomu­li nje kuphela abathile.

Futhi-ke phela sesiside lesi sikhathi iningizimu Afrika ithole inkululeko, bonke abantu kufanele bahlomule emnothweni wezwe, kungadli nje ongxiwanku­lu kuphela.

Kumele kube nomehluko endleleni abantu abamnyama abahlomula ngayo manje sekuwuhulu­meni wentando yeningi, nohulumeni wangesikha­thi sengcindez­elo.

Sithi-ke i-radical economic transforma­tion makungabi nje yitemu abantu abafuna ukugqama ngalo, okugcina kuphenduka isitayela ukulibiza.

Labo abakhuluma ngalo kumele baliqonde ukuthi lisho ukuthini, baqhamuke namasu aphusile ukuguqula umnotho wezwe ukuba uhlomulise bonke abantu kuwo wonke amazinga empilo.

Phela kungenzeka ukuba abanye abaholi bepolitiki bayalisho nje kodwa ngempela ngempela kabaqondi ngokuphele­leyo ukuthi yini ngempela le abakhuluma ngayo.

Futhi makungabi nje yindlela yosopoliti­ki yokuzama ukuzisonde­za kubantu ngoba befuna ukuthandwa, bezama ukwenza abantu ukuba babone ukuthi bayabacaba­ngela.

Noma sikuqonda ukuthi le “radical economic transforma­tion” akuyona into esizolala namhlanje sivuke kusasa isiyenzeki­le kodwa sithi sifuna esikhathin­i esizayo ukuyibona yenzeka ngoba uma ingasenzek­i iyosusa isiphithip­hithi.

Masikhumbu­le ukuthi kusuka imibhikish­o eshubile nje ye-#fees Must Fall kwakuqale kancane njengayo indaba ye-radical economic transforma­tion - abaholi bezepoliti­ki bethembisa imfundo yamahhala kodwa manje osekuxaka abantu wukuthi sekuphele iminyaka engaphezu kwama-20 singafezwa leso sethembiso.

Yiso kanye-ke leso sizathu sokwethemb­isa izinto bese zingabe zisenzeka okususa isiphithip­hithi ezweni.

Siyethemba futhi ukuthi akuphushwa nje le radical economic transforma­tion ngenhloso yokuhlomul­isa osipecelen­gwana abazana nosibaniba­nyana abasemandl­eni kuhulumeni. Siyakhuza ukuthi le radical economic transforma­tion mayingabi yindlela yabasemand­leni yokwenza inkohlakal­o. Inkohlakal­o yiyo kanye ebulala izwe lethu.

Abakhuluma ngalo kumele baliqonde ukuthi lisho ukuthini, baqhamuke namasu aphusile ukuguqula umnotho wezwe ukuba uhlomulise bonke abantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa