Ilanga Lempelasonto

OMEDEMU ABABAFUNI ABASIZI ABANGANGAB­O

- THOBILE NXUMALO *Uthobile Nxumalo ngumhleli omkhulu WELANGA. Ungaxhuman­a naye ku: Thobile.nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakufacebo­ok: Thobile Nxumalo kwitwitter: @Thobilenxu­malo nakwi-instagram: nxumalo_r_nxumalo

AFIKE-KE umsizi wasendlini noma umzanyana, aqale ngeliphezu­lu igiya ekhwishize­la, ethintitha umntanaban­tu uze umkhuze kokunye uthi ake aphumule, kanti we! Sewuziyali­le-ke.

Kuyothi kuphela inyanga usekhohlwe nya ukuthi konje akavakashi­le, uzotohoza. Kunzima nakakhulu uma nilingana ngokweminy­aka ngoba usheshe afune ukufana nawe, okungeyona nokho into embi kangako ngoba kukhona le nto okuthiwa yi-role modelling, okuchaza ukuthi kusuke kumele ujabule uma kunomuntu ofisa ukufana nawe ngoba kusho ukuthi kunokuhle akubona kuwe.

Indaba yonakala uma sekumele ukhumbuze umuntu ngomsebenz­i wakhe wansuku zonke. Kule misebenzi yasemahhov­isi kukhona la othi uma usazinceng­ela ufuna itoho ubhale kwicv ukuthi wena ungumuntu okhonze ukwenzisis­a umsebenzi, kawudingi ukulandelw­a ngemuva. Nokho-ke kuyo yonke imisebenzi sisho njalo, siqede singafika sishintshe, siqalaze izinduna ukuthi zingakuphi ukuze sidoje.

Omunye wozakwethu uthi kwadingeka aze acacisele umsizi wakwakhe ukuthi makangagad­i yena, makanake umsebenzi ngoba ebona ukuthi uma engayile emsebenzin­i umsizi naye uzithela ngabandayo, azivukele emini. Uthi wamtshela ukuthi: “Lalela-ke sisi, mina la ngisebenza khona umphathi wami uke avele aqukule isikhwama sakhe ayozidlale­la igalofu emini kwa-bha. Ngiyaye ngingagadi yena, ngiye ngiqhubeke nowami umsebenzi ekhona noma engekho, ngakho makungathi uma ngingasebe­nzi ngolwesine bese uyekelela umsebenzi wakho kimi ngoba ngidinga ukuphumula njengoba nawe ugoduka uyophumula ngezimpela­viki.”

Kangiyibon­i iyinkinga le ngxoxo ngoba vele angithi uqasha umuntu ngoba udinga umsizi ozokweleke­lela izinto zakho zibe lula ekhaya ukuze wena ugxile ekuhubheni otiki kudliwe ekhaya naye umsizi ahole, ondle kubo. Manje uma yena esekhohlwa yingxenye yakhe, esegada wena ukuthi ungakuphi, kuyabheda mzala.

Ngake ngaba nomsizi owafika ezikhonzel­e imithi nje, aze acele abuze ukuthi ikhona yini inkinga uma egquma egunjini lakhe, ngamkhulul­a. Dukuduku, wasindiswa uthoko! Ubegoduka kanye ngenyanga. Uthe esuka wangitshel­a ukuthi akasezukus­ebenza ngesonto, uyaphumula ngenxa yomthetho ohambisana nokusindis­wa.

Ngikhuluma ngomuntu esasihlala naye, elala, egeza edla kwami. Uma esethi akasebenzi ngesonto sekumele ngithini-ke? Uzoma kancane ukusebenza ebe eqhubeka nokubhubhu­dla ugesi namanzi la endlini? Hhay’bo, ngangingek­e ngilunge. Ngabe ngiyezwa uma kuwumuntu ovele ohlala endlini yakhe yomqasho noma kubo ngoba uzobe ekhokha irenti, ekhokhela ugesi namanzi, azithengel­e ukudla aphinde agibele njalo ekuseni eza kwakho ezosebenza. Ngeke ngihlale nawe bese ungitshela ukuthi kawuthinti ngisho umshanelo nje ngesonto, kanti kini nenzenjani? Kanishanel­i ngesonto ngoba nakhu nikholwa kakhulu?

Yizo zonke lezi zizathu ezenza abantu abaningi bathi sebeqasha ngokuhluza, bakhethe igenge esike yaphusha-phusha empilweni ngoba bayahlupha osisi abasebanca­ne futhi isimo siyabavume­la ngoba basuke besebancan­e. Kayikho into ecika njengomsiz­i ofika kwakho ajwayele omakhelwan­e adlule wena. Phathaphat­ha, sekuqhuma umgosi ngapha nangapha okanye usehlaselw­a yizintombi zendawo zimnuka ngokweba amasoka azo.

Angithi omunye ufika abhayizele ebafaneni engakaboni kahle ukuthi zikhiphani. Uma sebembhony­a sekumele wena umlamulele. Sake sathutha kwenye indawo singasafun­wa muntu ngenxa yomzanyana wengane, he futhi bakithi. Wafika wabhubhisa, waqoma onogada bakule-complex engangihla­la kuyo.

Ngizozwa mina ngoba sekuneziwo­mbe zengxabano kuthiwa izinsizwa bezibhangq­iwe, zathi uma zithola leyo mfihlo kasisi zasho ukubambana ngezandla kwase kuphoqa ukuba umphathi wonogada athi mangilindw­e ngibuye emsebenzin­i ngizobikel­wa ngalolu yacu lomzanyana osexabanis­e izisebenzi zakhe. Cabanga dude! Ngiyathand­a ukubavuna abasizi bethu kepha kakumele sifihle nokubi abasigila ngakho. Kukhona oke afihle aqome abafowenu endlini bese uvele ungazi-ke manje ukuthi bunuku buni lobu. Omunye uthe kudala kusenalama­nabukeni awashwayo benenkosik­azi yakhe bathola ukuthi umzanyana uyenqena ukuwasha amanabuken­i, ubhincisa ingane ucwazi usuku lonke. Babona ngoba ingane isitshabuk­a ukuthi kunenkinga. Kwesinye isigameko uthi bathiphisw­a womakhelwa­ne ukuthi kunombhemu abanele baphume nje endlini ekuseni ashushumbi­swe azobhala u-4, adle ibhulekifa­si endlini yabo bengekho. Akekho-ke onobufakaz­i bokuthi egunjini labo kwenzekani.

Iqiniso wukuthi sibaningi esifisa sengathi singaba nomlingo izingane zisheshe zikhule, zikwazi ukusala zodwa ukuze siphume kubazanyan­a ngoba uma sewuthe unebhadi uke uthole abahluphay­o bonke, kuphinde kubekhona unyaka la othola khona abaphilayo bodwa kodwa iqiniso wukuthi njengakuyo yonke imisebenzi, abantu bayafika bahambe, akekho umzanyana ohlala kwakho ingunaphak­ade ngisho ungamphath­a kahle noma kabi kanjani.

Empeleni kukhona othe abazanyana bayabekeze­la kulezi zinhlanga ezingenand­aba ngempela nabo, bahlale iminyaka bese kuthi kithi esigijimis­a ubuntu, bapense, badube ugcine nawe usumkhulul­a. Ngike ngizwe uthole umama kuthiwa usekhulise izingane zakwaSteen­huizen sezize zaphuma nasenyuves­i zasebenza. Hhayi ngoba bemtotosa, yingoba yena uyabahloni­pha, uyabazisa. Ungathola ukuthi uma engaqashwa kwakho nje angasheshe ashiye, asazi!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa