Ilanga Lempelasonto

Ngubani othi ningcono kunabanye?

- Yisemkhulu Nzimande E-PORT SHEPSTONE

MHLELI: Lapha emhlabeni uma uqomisa intombi uyaye ubeke amazwi okuyiwona ayenga intombi, igcine ikugaxe ucu. Kakuwona umqondo omuhle ukuqomisa entombini kodwa ube ulokhu ugxekana nesoka layo, ulokhu ulibeka izici.

Kunalokho udala ukuba intombi ilithande kakhulu kunakuqala. Ngikusho lokhu ngoba nendodana Yomuntu, ujesu Krestu, wathi esezonyuke­la kuyise ezulwini wathi: "Hambani nenze izizwe zonke abafundi bami." Nokho akazange asho ukuthi hambani nigxeke abanye abazalwane ngendlela abakhonza ngayo.

Kunento edumazayo lapha emhlabeni uzwe uma kushunyaye­lwa kugigiyelw­a uma kukhonzwa emabandlen­i, kuzwakale ngisho emingcwabe­ni, emisakazwe­ni nakuthelev­ishini.

Uzwe kuthiwa abanye bakholelwa ezithixwen­i zamadimoni, ekubeni-ke bona bakholelwa kunkulunku­lu ophilayo. Izithixo njalo okukhuluny­wa ngazo kushiwo obabamkhul­u amadlozi futhi baphinde babi- zwe ngamadimon­i, okuyinhlam­ba enkulu njalo leyo. Kungenzeka kanjani ukuba umzali wami uma esengasekh­o bese eba idimoni? Bona njalo labo abakholwe kakhulu futhi ubuye ubezwe bethi: “Kunabantu abaya ezinyangen­i nesazangom­eni ekubeni unkulunkul­u nguyena ongabasiza, hhayi izinyanga nezangoma. Ngakho-ke mawushe umkhukhu wezangoma!”

Bakhohlwa wukuthi kukhona izifo ezelashwa zinyanga nezangoma uma sekwehlule­ke yonke into. Okufike kumangalis­e wukuthi abanye babo bacathamel­a izinyanga nezangoma kusihlwa sebexakwe yizinkinga.

Uyadlala udlala ngezinking­a zidalwa wumsamo. Abanye banamaband­la aphuphumay­o nje yikho ukugudla kusihlwa, befuna iphukeshe lokukhulis­a ibandla ingani phela ukuphuphum­a kwebandla kusho omuhle umnikelo. Abanye bafuna ukuchitha ibandla likamfundi­si bani noma ukuthatha isikhundla sikabani ukuze babe ngcono bese kuthi phambi kwabantu bazenze ngcono. Nokho kakubona bonke abefundisi abenza njalo, bayazazi abakwenzay­o. Owangakith­i umfundisi weqa umngcele wakwamhlab­uyalingana, kumanje ebandleni lakhe kuyazizela kuthi bhu!

Abagxekayo bayakhohlw­a wukuthi nezangoma nezinyanga zondla imindeni kufundiswa nezingane ngayo njalo le mali yamadimoni. Zona futhi lezo zangoma nezinyanga zadalwa ngunkulunk­ulu.

Imithi yokwelapha - okuyizihla­hla - yadalwa ngunkulunk­ulu ukuba kulashwe ngayo kepha kunabangaz­i ukuthi uma umuntu ekholelwa ekwelashwe­ni ngabelaphi bendabuko, kuyilingel­o lakhe lokho.

Indlela omunye umuntu akhonza ngayo ikuhlupha kuphi? Konje uma sizobuzana kanti ngubani wena owathi nina ibandla enikhonza kulo lenza kahle? Ngubani owanigunya­za ukuba nahlulele abanye abahlobo benkosi? Ngubani othi ningcono kakhulu kunabanye abantu na?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa