Ilanga Lempelasonto

SIHLAZIYA AMA-CD

- knowledge.simelane@ilanganews.co.za

UMCULI : POLO B ISIHLOKO : SKEEM SAMI UHLOBO LOMCULO : MIXED DANCE

UNYAKA : 2016 AMAPHUZU : 5/10

INGENISILE le ntokazi, kushoda khona ukuthi umuntu nomuntu unekhono lakhe. Imnandi le albhamu .

Ziyi-10 sezizonke izingoma, zilandelan­a kanje: Skeem sami, Ibill, The dawn, Golden, Do you know, As’hambi la, Drop it, Golden, I wont miss you, nethi As’hambi la instrument­al. Iyatholaka­la ezitolo zomculo.

UMCULI : NQUBEKO MBATHA ISIHLOKO : HEAVEN’S WAYS UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 8/10

WULOZOLO lomculo wokholo, kuyasho kuthi kucula ingcweti ewuqeqeshe­lwe umculo. Amaphimbo nezinsimbi kuhlangene, umyalezo ucacile.

Nokho njengomunt­u omusha unqubeko ucula izingoma zakhe ngolimi lwesingisi ngendlela ehlelekile. Ihamba nomphefumu­lo yonke le albhamu, bangaphuth­elwa yiyo abathandi be-gospel.

Zilandelan­a kanje izingoma: Higher Than Mine, I Want To Know You Lord, Oh Lord My God, Let Your Glory, Ukuthula (Interlude), Oghene Doh - Thank You Lord, Heal Our Land, Organ Worship (Interlude), nethi Harvest time.

UMCULI : UGUDLUGU ISIHLOKO : KUKUDE UHLOBO LOMCULO : MBAQANGA UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 4/10

IYAZAMA le ndoda. Ishaya umbhaqanga. Kusazomele ibhukule ikhuphule amasokisi, ithole isi- tudyo esizoyenze­la umsebenzi omuhle, siyithakel­e kahle. Zimnandi nokho izingoma zayo, azikhalisi.

Izingoma zilandelan­a kanje: Esodwana bay, Imikhuba, Insimbi, Imali yami, Zabalaza, Umahlalela, Mangicaban­ga, Ukuhluphek­a, Kukude, nethi Mali yami instrument­s. Iyatholaka­la ezitolo.

UMCULI : SABELO ISIHLOKO : KUGIYA IZINSIZWA UHLOBO LOMCULO : MASIKANDI WALEMIHLA UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 5/10

USABELO ubalisa ngezothand­o kule albhamu. Umculo wakhe uhlangene, bazoyithok­ozela abalandeli balolu hlobo lomculo.

Ziyi-13 sezizonke izingoma, zilandelan­a kanje: Babie Babie, Umona, Kugiya izinsizwa, Mantombaza­ne, Ukufa, Kukhala icilongo, Amehlo ami, Sitha sami, Bheka mina, Ukuganwa, Nomzamo, Lingcwele igama, nethi Ukufa remix.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa