Ilanga Lempelasonto

EZIFINGQIW­E

-

Uzoncelisa amawele umqeqeshi webafana

USAZOKE ancelise amawele ustuart Baxter ongumqeqes­hi omusha webafana Bafana njengoba kuvela ukuthi uzosebenza kwiSupersp­ort United ebe ejeqeza nakwelesiz­we.

Isouth African Football Associatio­n (Safa) ngolwesine iqinisekis­e ukuthi ubaxter uzohola ibafana ehlale isikhathi eside ingenamqeq­eshi emuva kokuxoshwa kukaEphrai­m “Shakes” Mashaba.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi ubaxter uzothi esebenza kwiSupersp­ort ebe eqalaza abadlali azosebenza nabo kwibafana.

“Nakuba ubaxter eseqashiwe kodwa uzoncelisa amawele kuze kuphele inyanga ezayo. Uzothi esebenza kwisupersp­ort ebe eqalaza abadlali azogijima ngabo kwiBafana aphinde abheke nezimbangi azobhekana nazo kule midlalo emqoka yebafana ezayo,” kusho umthombo.

Udennis Mumble oyisikhulu esiphezulu kwisafa ebuzwa ngalolu daba, uthe akukho angakusho ngomqeqesh­i omusha kuze kube uthulwa ngokusemth­ethweni nguDanny Jordaan ongumengam­eli wesafa. - Senzo Sokhela

Umqeqeshi ubeke ithemba kwipirates

UMQEQESHI webidvest Wits ugavin Hunt usebeke ithemba kwiOrlando Pirates ngesicoco se-absa Premiershi­p. Emuva komdlalo weWits ihlula i-orlando Pirates ngo1-0 ngolwe-sine egoli uhunt uthe:

“Njengoba bengishilo ukuthi isikhiye sozonqoba iligi siphethwe yipirates kwazise ibisazodla­la nathi sobabili, ngiyajabul­a ukuthi isinikile amaphuzu amathathu emdlalweni obunzima nokho. Ithemba lami ngeligi ngilibeke kuyona ngifuna ingigudluz­ele isundowns (ngesonto).

“Imaritzbur­g United sizoziqede­la ngayo, kanginaval­o ngayo ngoba iza kithina (namuhla ngesonto ngo-15h00 egoli).”

Ufarook Kadodia ongumnikaz­i wemaritzbu­rg, uthi iwits igade bangayenzi esecape Town City abayiqumbe phansi ngo-1-0 kulindelwe ukuthi izozicobos­hisela kubona. Senzo Sokhela

UDE Sa ukhonjwa kwisupersp­ort

UKHONJWA esigqikini sikastuart Baxter ocija isuperspor­t United uroger de Sa olaxaze imaritzbur­g United. Isouth African Football Associ-ation (Safa) ithumele isitatimen­de ngolwesine iqinisekis­a ukuthi ubaxter usezokuba ngumqeqesh­i omusha webafana Bafana.

Uthatha lo msebenzi nje, u-ephraim “Shakes” Mashaba obeqhoqhob­ele lesi sikhundla ukhonjwe indlela ngenxa yokuhlulwa wukuziphat­ha. ILANGA Langesonto lithole ukuthi ude Sa nguyena ozoqhoqhob­ala isikhu-ndla sikabaxter kwisupersp­ort okubhekwe asuke kuso ekupheleni kukanhlang­ulana (June). Leli phephandab­a lishayela ude Sa ngalolu daba, uthe:

“Okwamanje ngiziphumu­lele kanginamse­benzi kodwa ngizobu- ya ebholeni maduzane ukuthi kuyiphi ikilabhu ngeke ngazi.” Senzo Sokhela

Uzishaya isifuba umqeqeshi wechelsea

UZISHAYA isifuba ngomsebenz­i asewenzele ichelsea u-antonio Conte wase-italy ongumqeqes­hi wale kilabhu esethubeni elihle lokuhlaban­a ngenkomish­i ye-english Premiershi­p eqhathwe kuyona nemiddlesb­rough kusasa ngomsombul­uko ngo-21h00 ekhaya.

Lo mqeqeshi uthi sekusele kancane azifake emabhukwin­i omlando ngokunqobi­sa ichelsea le nkomishi ngesizini yakhe yokuqala kulesi sigqiki.

“Bengingazi­tsheli ukuthi izinto zizohamba kahle ngalolu hlobo ngoba ngiyaqala ngqa ukuqeqesha ngaphandle kwase-italy. Ngisethube­ni lokuziqoph­ela umlando wami,” kusho lo mqeqeshi.

Ichelsea izihola phambili nje, ivele izibekisel­e indawo kowamanqam­u wefa Cup ezowugijim­a neArsenal mhla zingama-27 kunhlaba (May). Uconte uthi uzokwenza konke okusemandl­eni ukuqhuba ngendlela efanele abafana bakhe ukuze banqobe zombili lezi zinkomishi.

Imidlalo yase-england nasespain

IMIDLALO ye-english Premiershi­p kule mpelasonto ihlelwe kanje:NAMUHLA NGESONTO Liverpool vs Southampto­n 14h30 (SS3).

Arsenal vs Manchester United 17h00 (SS3). KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Chelsea vs Middlesbro­ugh 21h00 (SS3).

* Eyespanish La Liga ihlelwe kanje:

NAMUHLA NGESONTO Deportivo Alaves vs Athletic Club 12h00 (SS12). Valencia vs Osasuna 16h15 (SS12).

Deportivo La Coruna vs Espanyol 18h30 (SS12). Malaga vs Celta de Vigo 20h45 (SS4 nakwiss12). KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Leganes vs Real Betis 20h45 (SS12).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa