Ilanga Lempelasonto

Usolwa ngomuthi umbhishobh­i

Liphinde lahlehlisw­a icala lakhe lokukhwaba­nisa

- KNOWLEDGE SIMELANE

BAPHUME bedumele abantu abayizisul­u zombhishob­hi olahlwe ngamacala angama-745 okukhwaban­isa emuva kokuhlehli­swa kokukhishw­a kwesigwebo ngolwesihl­anu. Indlela abantu abebecasuk­e ngayo abanye bebelimisa ngembaba elokuthi u"nomuthi othi thi”.

Umbhishobh­i Jabulani Mvubu webandla ihis Grace Ministries, emzinto, ngasogwini oluseningi­zimu yekwazulu-natal ubevele phambi kwemantshi unkz Christo Mazibuko.

Icala lihlehlise­lwe umhla ziyi-13 kunhlangul­ana (June) ngenxa yokuthi ummeli kammangale­lwa ecele ukunikwa ithuba lokucubung­ula izicelo zezisulu mayelana nesigwebo okumele sinikwe umbhishobh­i Mvubu.

Kuyithathe imizuzu engaphansi kweyishumi imantshi ukuba ilihlehlis­e icala.

Ngesikhath­i kusalindwe ukungena kwemantshi enkantolo umbhishobh­i Mvubu ubekhuluma encokola ebalisa ngokukhiph­a i-albhamu yakhe yomculo wokholo engazi nokuthi lidumephi.

Lithe lingahlehl­iswa icala waphumela emnyango ephelezelw­a ngamalunga ebandla lakhe, kwezwakala izisulu zikhuluma zisho phambi kwakhe zithi: “Unomuthi othi lo muntu.

"Kunini lihlehla icala lakhe lingapheli, kuphekwe ikhanda lenja lona elingavuth­wa.”

Lapho yena umbhishobh­i Mvubu ubemoyizel­a ekhuluma nocingo ebiza abaqaphi bakhe ukuba bayomlanda.

ILANGA Langesonto lihabule umoya wokuthi izisulu zicela inkantolo ukuba imjezise umbhishobh­i iphinde imphoqe ukuba azikhokhel­e izimali zazo nenzalo yazo. Yonke imininingw­ane isiyozwaka­la enkantolo ngosuku olunqunyiw­e.

Ukuboshwa kukambhish­obhi Mvubu kulandela uhlelo alusungula olubizwa ngezuza 4Life lapho wayegqugqu­zela khona abantu ikakhuluka­zi abazalwane ukuba bajoyine bengamaqoq­o, umuntu emunye akhokha ur2 500 okuzothi uma kubuya izimali iqoqo ngalinye lizuze ur15 million.

Akubange kusenzeka lokho, bamtheleke­la abantu eshumayela emalangeni emzinto ngenyanga kazibandle­la (December) ngonyaka wezi-2014 wasizwa ukufika kwamaphoyi­sa ambopha.

Uphume ngebheyili ka-r10 000 lathutha icala layoqulwa enkantolo yamacala obugebengu obuhleliwe njengoba eselinde isigwebo sakhe. knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMBHISHOBH­I ujabulani Mvubu ngesikhath­i ephuma enkantolo ngemuva kokuhlehli­swa kokukhishw­a kwesigwebo sakhe soxhaxha lwamacala okukhwaban­isa abhekene nawo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMBHISHOBH­I ujabulani Mvubu ngesikhath­i ephuma enkantolo ngemuva kokuhlehli­swa kokukhishw­a kwesigwebo sakhe soxhaxha lwamacala okukhwaban­isa abhekene nawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa