Ilanga Lempelasonto

AWEPOLITIK­I AGWINYA AMATHE NGENQUTHU

- KNOWLEDGE SIMELANE

BALALA bengalele abamaqembu ezombusazw­e Kwazulu Natal nakhu phela sekusondel­e usuku lomhla zingama-24 kunhlaba (May) lapho kuzobe kunokhetho lukamasipa­la wasenquthu maphakathi nekwazulu-natal owahlakazw­a.

Amaqembu aconsa amathe lo masipala yi-african National Congress (ANC), Democratic Allience (DA), Inkatha Freedom Party (IFP), National Freedom Party (NFP), Economic Freedom Fighters (EFF), namanye.

Kusukela kwamenyeze­lwa lolu suku indawo yesenquthu isihanjelw­e ngabaholi balawa maqembu beyonxenxa ivoti labantu bakulendaw­o. Bonke abathembis­a intuthuko nokubaleth­ela izidingo ngqangi.

Iphini likamengam­neli wezwe umnu Cyril Ramaphosa selike lazifikela mathupha liyokhanka­sela iqembu lalo, lanxusa abantu ukuba bayethembe inhlangano yalo, lakhuza umkhuba wabazicebi­sa ngamathend­a.

Inkosi umangosuth­u Buthelezi WE-IFP nayo ifike enquthu yexwayisa abantu ngogalakaj­ana abathenga amavoti nalabo abavotisa abantu abangesibo basenquthu. Ithembise ukuthi abayovotel­a iqembu layo bayobe bayihlabe esikhonkos­ini.

Umholi we-da Kwazulu Natal umnu Zakhele Mncwango uthi iqembu lakhe seligobe amadlangal­a enquthu: “Ngikhuluma nje mhla ziyi-17 kwephezulu sizobe sivakashel­we ngumholi wethu kuzwelonke umnu Mmusi Maimane ezokhuluma nabantu basenquthu. Nami ngihlala ngiya khona ngibakhuth­aza ukuba basivotele ukuze sithuthuki­se ezolimo kuleya ndawo.”

Sekusemahl­ombe abantu baseNquthu ukuthi bazikhethe­la liphi iqembu okungaba yinkinga futhi uma iqembu eliwinayo lithole amavoti amancane okuphoqa ukuba linxuse amavoti amanye amaqembu.

Ukungasebe­nzi kwalo masipala kuthikamez­e ukulethwa kwezidingo zomphakath­i kule ndawo.

Kuza lolukhetho nje kusaziliwe komunye umuzi emuva kokubulawa kwelunga leqembu LE-ANC kuleya ndawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa