Ilanga Lempelasonto

BADONSA KANZIMA ABAHLELI BEGIGI LE-HIP HOP

- ZOWAKHA MBATHA

BAPHOXEKIL­E abathandi bobumnandi kuvela ukuthi lihlehlisi­we igigi laminyaka yonke eselinenqw­aba yabalandel­i elaziwa ngeleyouth Hip Hop Festival (YHHF) eliba sethekwini, emoses Mabhida Stadium.

I-YHHF bekumele ibe sekuqaleni kwale nyanga unhlaba (May) ziyisi-6 endaweni efanayo. Umnikazi walo mcimbi, umnu Hlubi Radebe, utshele abathandi bobumnandi ukuthi baphoqelek­ile ukuwuhlehl­isa ngenxa yezimo abebengakw­azi ukuzilawul­a.

Uqinisekis­e ukuthi usazokwenz­eka lo mcimbi kodwa akakakwazi ukubeka phansi usuku.

Lo mcimbi ugqame kakhulu eminyakeni emibili edlule kutheleka isihlabani saphesheya kwezilwa-ndle, e-united States of America (USA), uwilliam Leonard Roberts II, odume ngelikaric­k Ross.

Ngonyaka odlule kube nenkinga yezimali, eholele ekubeni kugcine ngokuba kuhoxiswe abapheshey­a njengoba uradebe ethe bekudingek­a cishe u-r4 million ukuqasha umculi waphesheya kwezilwand­le, nokuyimali abebengena­yo njengoba bekushoda abaxhasi.

Kowangonya­ka owedlule umcimbi kugcine kubikwa ukuthi wumasipala wetheku ophonse esivivanen­i u-r500 000 kuphela nokube wuxhaso olwenze umehluko ongatheni njengoba kuba nenqwaba yabaculi nabaletha izinsiza okudinga isamba esesabekay­o ukubakhokh­ela.

Owangonyak­a odlule ube sekuqaleni kukanhlang­ulana (11 June) okuyinyang­a yentsha njengoba nabo bewumatani­sa nentsha.

Selingakuq­inisekisa ILANGA Langesonto ukuthi ukuhoxa kowanonyak­a kungenxa yazo izimali njengoba uradebe werichie R Concepts ebehlale ekhala ngokuthi imali iphuma ngqo ephakethen­i lakhe.

Ekhuluma nentandoka­zi yakho ukubeke kwacaca ukuthi oku- holele ekuhlehlis­weni kwabo lo mcimbi yingoba basazama ukuthola abaxhasi.

“Wona umcimbi nakanjani uzobakhona, siwuhlehli­se ngoba kukhona imali esisayicel­a kuhulumeni kanti sicelwe ukuba sime kancane ngoba kusabuyeke­zwa ezezimali.

"Sihlalele ethembeni lokuthi maduze basazise ukuthi simi kuphi nabo ngoba sisezinhle­lweni zokuba bangene bagamanxe, bafake nezabo izinhlelo kulo mcimbi.

"Sifisa futhi bazibophez­ele okungenani iminyaka emithathu kuya phezulu ngoba kuyinkinga ukuhamba ufunana noxhaso minyaka yonke,” kusho uradebe, ogcizelela ukuthi phansi amaphaphu kubalandel­i.

Ngonyaka odlule bekusina kudedelana izinkakha zakuleli oriky Rick, Major League DJS, WTF, Anatii, Dreamteam, OKMALUMKOO­LKAT, Junior De Rocka, DJ Sliqe nabanye abaningi. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? NGUHLUBI Radebe nabegagasi FM, unomfundo Clarissa nomphathi jikelele uvukile Zondi ngesikhath­i kwethulwa iyouth Hip Hop Festival ngonyaka odlule.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NGUHLUBI Radebe nabegagasi FM, unomfundo Clarissa nomphathi jikelele uvukile Zondi ngesikhath­i kwethulwa iyouth Hip Hop Festival ngonyaka odlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa