Ilanga Lempelasonto

INTSHA ETHUBENI LOKUQEQESH­WA NGEZEMFASH­INI KWI-DFF

- THANDI ZONDI NOMPUME SIBIYA

BADELE imvula ebilidliva ngoLwesihl­anu namakhaza abeshubisa umnkantsha izolo ngomgqibel­o ebotanic Gardens, ethekwini, abesilisa nabesifaza­ne abebefisa ukuthola ithuba lokuba ngabakhang­isi bezimpahla zokugqoka (models), kwinhlolok­hono yedurban Fashion Fair.

Inhlolokho­no iqale ngolwesihl­anu yaphothulw­a izolo ngomgqibel­o lapho intsha ibiphume ngobuningi bayo ukuzozama inhlanhla. Umasipala wetheku uvulela intsha ithuba eliyingqay­izivele lokuba yingxenye yombukiso omkhulukaz­i wezemfashi­ni oba minyaka yonke, idurban Fashion Fair oba sethekwini.

Lo mcimbi ubuye unike ithuba lokuzibona­kalisa kubasiki bengqephu abasafufus­a nalabo asebephume­lele ukuba bakhangise ngemiseben­zi yabo kulo mbukiso. Unkk Zandile Gumede oyimeya yetheku, uthi sekuyinto esihambe yaqaphelek­a ukuthi umkhakha ofuze lona ungomunye wedala amathuba emisebenzi.

“Umasipala uqhamuke nohlelo ifashion Developmen­t Programme njengeziny­e zezindlela zokwenyusa umnotho. Lena yinkundla enhle yokuba intsha ifunde ngamathuba eza nendima yezemfashi­ni.

"Lolu hlelo luyindlela esithuthuk­isa ngayo intsha futhi siyivula namehlo kulo mkhakha wezemfashi­ni,” kusho yena.

Uthi uhlelo lokuthunga­tha abakhangis­i luyindlela yokuvulela intsha amathuba ukuze ingene kulo mkhakha futhi ikwazi nokuba izivulele amabhizini­si ayo.

ILANGA Langesonto belikhona kule nhlolokhon­o ngolwesihl­anu, intsha ibiphume ngobuningi bayo ikakhuluka­zi izolo ngomgqibel­o. Ubuthi uma ufika ubhalise imininingw­ane yakho bese ubizelwa esigxobeni ( pole) esibhalwe isili- nganiso sobude obudingeka­yo.

Babodwa obubabona ukuthi vele bayamodela futhi bade ngokwenele. Silobe usindi Shangase oyiprogram­mes Manager kwibusines­s Support Tourism and Markets Unit kumasipala wetheku nosebe kwidff iminyaka, engakacaci­si ngemuva komcimbi ukuthi bangaki abathole ingqayiziv­ele yethuba nokuthi bazoqala nini ukuqeqeshw­a.

Abafisa ukumodela bebengadin­gi ukuba nesipiliyo­ni noma babe ngaphansi kwe- agency, bekudingek­a umazisi wabo ukuqinisek­isa iminyaka yabo njengoba bebethatha intsha eneminyaka yobudala esuka ku-16-35.

Abazokheth­wa bazothola uqeqesho olunzulu kwizazi zezemfashi­ni. Bazophinde babe yingxenye yabazokhan­gisa ngezimpahl­a zabasiki bengqephu abehlukene kulo mbukiso ozoba ngoncwaba (August) khona ethekwini. tzondi@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa