Uphika eyesexwayiso usomizi
KUBIKWA ukuthi sithole isexwayiso isilomo somsakazi wemetro FM ngemuva kokungalubhadi emsebenzini ngolwesine.
Usomizi Mhlongo oshayela uhlelo lwasekuseni, ifresh Breakfast ngokubambisana nodj Fresh, Angie Khumalo nompho Maboi kuthiwa izikhulu zalo msakazo zimnike isexwayiso ngemuva kokungayi emsebenzini njengoba kubikwa ukuthi ubambeke elimpopo wangakwazi ukufika emsebenzini.
Ngokuthola KWELANGA Langesonto, ubizelwe ehhovisi watshelwa ukuthi uyaxwayiswa ngesenzo sakhe. Ngokusho komthombo osondelene nalo msakazi, isenzo sabaphathi simnengile, waphuma ecasukile kwazise ngokusho kwakhe uyenzile imizamo yokubika kusenesikhathi ngokungaphumeleli kwakhe emsebenzini.
“Uphume ehhovisi labaphathi ecasukile ngemuva kokuthola isexwayiso sakhe sokuqala kulo msakazo,” kusho umthombo. Ethintwa lo msakazi ukuphikile ukuthi uthole isexwayiso. Uthi ulandele imigomo yakwasabc, wabhala i- email echaza ngesizathu sokungafiki emsebenzini.
“Ngibhale i- email ngichaza uku- thi kungani ngingakwazanga ukufika njengoba benginomcimbi elimpopo, ngagcina ngingakwazanga ukubuya ngesikhathi,” kusho usomizi egcizelela ukuthi kungamampunge ukuthi uxwayisiwe.
Okhulumela ISABC, ukaizer Kganyago, utshele ILANGA Langesonto ukuthi usomizi ucelile ukungabi khona emsebenzini ngolwesine kuze kube wulwesihlanu, isiteshi savuma. Uthi kasikho isexwayiso anikezwe sona.
Usomizi ungene kulo msakazo eshayela uhlelo iwhose Show Is It Anyways, ebambisene nokhanyi Mbau nontombi Mzolo, ubuye abe nohlelo lwakhe kumzansi Magic, aphinde abe yijaji kwi-idols SA.