Ilanga Lempelasonto

BASOLANA BODWA ABACULI KWEKA-90% WE-SABC

- ZOWAKHA MBATHA

BAKHALE ngokuqhuba­na ngamadolo abaculi abebemasha ngoLwesine bephikisan­a nesiphakam­iso sebhodi lesouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) sokuqeda ukudlalwa kuka-90% womculo wakuleli emisakazwe­ni engaphansi kwale nhlangano.

Lo mkhankaso othi Hands Off 90% uqine ngesonto eledlule, ngesikhath­i kunemashi egoli njengoba kuleli sonto ibisethekw­ini. Ubelokhu ebelesele uthokozani “T'zozo” Zulu ongomunye wabahleli bemashi ebisethekw­ini, nongumholi wecreative Workers Union of South Africa (CWUSA), ethi bababhala emqondweni labo baculi abebengekh­o kule mashi.

Ukuphindap­hindile lokhu, kanti nomunye wozakwabo abebehlela naye le mashi, ulindo “Dogg” Buthelezi ukhale ngokuthi kunabaculi abangazang­e bazihluphe nangokubes­eka kulo mkhankaso nasezinkun­dleni zokuxhuman­a.

"Sekuyinto ejwayeleki­le ukuba uma kunamamash­i athinta abaculi kugcwale laba abasafufus­a nalabo asebephele­lwe wushatini.

"Laba abasuke besadla kahle bavele bangalubha­di.

“Okubi ngomculo wukuthi namuhla ungaba ne- hit kodwa kusasa kube sekushisa omunye,” kusho ut'zozo egcizelela ukuthi bayabaqoph­a emakhanda laba abangekho.

Omunye okhale KWILANGA Langesonto nguthabo Mkhize owaziwa kangcono ngelikamy Lord, ongumculi osafufusa, nobemele inhlangano isouth African Arts and Culture Youth Forum. Ubekhala ngokuthi nakuba beyeseka eka-90% kodwa kunzima kakhulu kubona njengoba beshaywa indiva ngoba bengenamal­i.

“Makungadla­lwa umculo wabantu asebaziwa kuphela, masizuze nathi. Sinazo nathi izingoma kodwa kudlalwa ezabantu ababodwa ngoba sebenemali. Naphambili­ni akasisizan­ga u-90% ngakho siyanxusa ukuba ISABC isinike ithuba, kubuzwe kubantu ukuthi bayawuthan­da na umculo wethu, hhayi ukuba uvele ungadlalwa nhlobo,” kubalisa umy Lord.

Bezishubil­e izinkulumo, zigxile ekutheni kubulawa abaculi ngendlala ngokuqedwa kwalesi simiselo sika-90%. Bekusolwa nesandla semfene ngoba nakhu kungabacul­i abamnyama abaningi kuleli nabadlalwa eziteshini zale nhlangano. Ujoy Mbewana wayo ICWUSA nokunguye obedlulise­la i- memorandum ezikhulwin­i za- KWASABC, ubuze ephindelel­a ukuthi kubuhlungu kuphi, kubani ngalo-90%. Kakulona iqiniso ukuthi uhlaudi Motsoeneng obeyisikhu­lu KWASABC, walala wavuka wazinqumel­a indaba ka-90% njengoba sekushiwo kodwa yinto ekade sasiyikhul­uma lena.

"Kungani idlanzana lifuna ukunqumela iningi ngalesi sinqumo?

"Ngongxiwan­kulu laba abakhalayo kuhulumeni wethu nabangaxha­si nhlobo izinto zabaculi. Nayo ISABC le ikhala ephalamend­e uma isinezinki­nga kuphinde kuthathwe yona le mali yethu njengabakh­okhi bentela,” kubalisa ujoy.

Ube esehlala phezu kwezikhalo zabo nabale phakathi kokunye ukuthi bayaphikis­ana nokuqedwa kwalo mgomo, bafuna kunyuswe imali abayithola­yo yama- royalty isuke ku-3% okungenani ifinyelele ku-5% kusukela kuqala untulikazi (July), ibhodi lixoxisane nabathinte­kayo ngaphambi kokuthatha izinqumo ezinzulu.

Uhlu lwezikhalo lwemukelwe ngumphathi wokhozi FM, umnu Bonga Mpanza, wathi uzolwedlul­isela kwibhodi ngoba luqondiswa kuyona.

Uthe laba kabababeke­langa isikhathi okumele babe sebephendu­le ngaso lezi zikhalo kodwa okudingwa ukuphendul­wa ngokushesh­a yilokhu kwama- royalty njengoba bebeke untulikazi. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? LAPHA bekwedluli­selwa i-memorandum yezikhalo ezikhulwin­i ZESABC. Izikhalo zamaciko zifundwe ngujoy Mbewana.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA LAPHA bekwedluli­selwa i-memorandum yezikhalo ezikhulwin­i ZESABC. Izikhalo zamaciko zifundwe ngujoy Mbewana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa