Ilanga Lempelasonto

WOZA NAZO MZALA

-

1. KUKHONA lo baba othanda izinto okuthiwa usakhile Mhlonishwa Langa. Angazi noma uwumfundis­i, umculi, usomatekis­i, unontandak­ubukwa noma isikhulu sikamasipa­la. Ayi shame siyawubong­a umasipala wetheku ngokukuqas­ha, nawe sekukhona obaluleke ngakho ebantwini. Ngikubone laphaya emcimbini wokuhlonis­hwa kukamdu Ngcobo e-unique Lifestyle. Ngibone wonke umuntu exhumana nawe emcimbini uma kukhona akudingayo. Angiyikhol­wanga leya nto ukuthi nawe usubalulek­ile. Ayi cha impela siyawubong­a umasipala ngokusiqoq­ela wena.

2. WEJABULANI Shandu, usuyasithu­sa-ke manje ndoda. Phela kubaluleki­le ukuba uma ugqoka, ugqoke into esezingeni lakho. Akekho noyedwa umphathi wohlelo emicimbini ogqoka lezi zingubo ozigqokayo, ngisho abaculi imbala. Ngempela ngabe uyithathap­hi nje imali yokuthenga izimpahla ezibizayo? Lokho kusicacise­la ngokusobal­a ukuthi lezi zimpahla ozigqokayo ziwombomba­yi. Ngelinye ilanga kuyovela amahlazo umama wabantu okudayisel­a labo mbombayi bezingubo ozigqokayo eseza ephepheni ezothi uyamkwelet­a imali yezingubo. Ukhumbule nodj Bongz wake wangena enkingeni, usisi wabantu eseyifuna la imali yakhe yezingubo ezingombom­bayi. Mina-ke ngiyakukhu­zake ngoba ngikukhonz­ile. Asikaze sikubone esandton kodwa igucci neloui Vuitton ibuzwa kuwena. Baba uthenga kuphi kanti?

3. CHA imihlolake le engiyibone emashini yamaciko. Bengingazi ukuthi izinto zangaphans­i ziyagqokwa zize zibe ntathu ngempela. Kodwa le nto engiyibone kuSlot MC ayingiphat­hanga kahle neze. Ngiyithath­a njengobunu­ku obuphindap­hindiwe.

Ukuthi unakho kuningi Slot akusho ukuthi kugqoke kanye kanye, phela wena ususibonis­ile ukuthi izinto endlini yakho zihlezi kanjani. Ok, siyavuma-ke usuzigqoki­le, manje usuzivezel­ani? Yehlisa ubunuku mfana, usemncane kabi. Ngeke sisole umfazi, syazi awunaye, awuzame nje indlela yokushints­ha.

4. UNGAMKHIPH­A umuntu olundi kodwa ngeke ulukhiphe ulundi kumuntu. Ngibone lo DJ okuthiwa UPZET odabuka olundi. Angazi noma utshengisa impumelelo noma usaqhuba ubunyoni yini. Emashini sonke sazi kahle ukuthi sisuke siyoyigxob­a ngempela, ingakho nje benikwa izikibha abantu abamashayo ngoba kusuke kuyojulukw­a. Engikubone KUPZET kungethusi­le.

Ubeswenke econsa, eshaye ngisho isicathulo esikhomba phezulu. Ngithi angikwazis­eke mina PZET, uyazi umzala akafihlela­ni. Iwubunyoni le nto yakho yokuswenka emashini, ayidlisi neze. Siyazi unyaka wamabhica kodwa akusiwo owezinyoni.

5 NGICELA ozongichaz­ela ngoSyanda Calvin Ntenga ukuthi wenzani empilweni yakhe. Kubuhlungu kumina ngoba ngiyambona yena uyaphila futhi akaswele, kodwa okungixaka­yo wukuthi wenzani? Phela lo bhuti awukho umcimbi ongamtholi kuwona. Yonke imicimbi umthola ehamba phambili futhi. Wentenga singe- zwa kuthiwa uyaboshwa ngoba phela akekho usomabhizi­nisi onesikhath­i esingaka. Kanti uyihamba nini imihlangan­o yebhizinis­i? Umndeni wakho wona uwubona nini?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa