WOZA NAZO MZALA
1. KUKHONA lo baba othanda izinto okuthiwa usakhile Mhlonishwa Langa. Angazi noma uwumfundisi, umculi, usomatekisi, unontandakubukwa noma isikhulu sikamasipala. Ayi shame siyawubonga umasipala wetheku ngokukuqasha, nawe sekukhona obaluleke ngakho ebantwini. Ngikubone laphaya emcimbini wokuhlonishwa kukamdu Ngcobo e-unique Lifestyle. Ngibone wonke umuntu exhumana nawe emcimbini uma kukhona akudingayo. Angiyikholwanga leya nto ukuthi nawe usubalulekile. Ayi cha impela siyawubonga umasipala ngokusiqoqela wena.
2. WEJABULANI Shandu, usuyasithusa-ke manje ndoda. Phela kubalulekile ukuba uma ugqoka, ugqoke into esezingeni lakho. Akekho noyedwa umphathi wohlelo emicimbini ogqoka lezi zingubo ozigqokayo, ngisho abaculi imbala. Ngempela ngabe uyithathaphi nje imali yokuthenga izimpahla ezibizayo? Lokho kusicacisela ngokusobala ukuthi lezi zimpahla ozigqokayo ziwombombayi. Ngelinye ilanga kuyovela amahlazo umama wabantu okudayisela labo mbombayi bezingubo ozigqokayo eseza ephepheni ezothi uyamkweleta imali yezingubo. Ukhumbule nodj Bongz wake wangena enkingeni, usisi wabantu eseyifuna la imali yakhe yezingubo ezingombombayi. Mina-ke ngiyakukhuzake ngoba ngikukhonzile. Asikaze sikubone esandton kodwa igucci neloui Vuitton ibuzwa kuwena. Baba uthenga kuphi kanti?
3. CHA imihlolake le engiyibone emashini yamaciko. Bengingazi ukuthi izinto zangaphansi ziyagqokwa zize zibe ntathu ngempela. Kodwa le nto engiyibone kuSlot MC ayingiphathanga kahle neze. Ngiyithatha njengobunuku obuphindaphindiwe.
Ukuthi unakho kuningi Slot akusho ukuthi kugqoke kanye kanye, phela wena ususibonisile ukuthi izinto endlini yakho zihlezi kanjani. Ok, siyavuma-ke usuzigqokile, manje usuzivezelani? Yehlisa ubunuku mfana, usemncane kabi. Ngeke sisole umfazi, syazi awunaye, awuzame nje indlela yokushintsha.
4. UNGAMKHIPHA umuntu olundi kodwa ngeke ulukhiphe ulundi kumuntu. Ngibone lo DJ okuthiwa UPZET odabuka olundi. Angazi noma utshengisa impumelelo noma usaqhuba ubunyoni yini. Emashini sonke sazi kahle ukuthi sisuke siyoyigxoba ngempela, ingakho nje benikwa izikibha abantu abamashayo ngoba kusuke kuyojulukwa. Engikubone KUPZET kungethusile.
Ubeswenke econsa, eshaye ngisho isicathulo esikhomba phezulu. Ngithi angikwaziseke mina PZET, uyazi umzala akafihlelani. Iwubunyoni le nto yakho yokuswenka emashini, ayidlisi neze. Siyazi unyaka wamabhica kodwa akusiwo owezinyoni.
5 NGICELA ozongichazela ngoSyanda Calvin Ntenga ukuthi wenzani empilweni yakhe. Kubuhlungu kumina ngoba ngiyambona yena uyaphila futhi akaswele, kodwa okungixakayo wukuthi wenzani? Phela lo bhuti awukho umcimbi ongamtholi kuwona. Yonke imicimbi umthola ehamba phambili futhi. Wentenga singe- zwa kuthiwa uyaboshwa ngoba phela akekho usomabhizinisi onesikhathi esingaka. Kanti uyihamba nini imihlangano yebhizinisi? Umndeni wakho wona uwubona nini?