Ilanga Lempelasonto

UZIMISELE NGOKUYA KUDE EMPILWENI

- ANDILE MOSHOESHOE

UMLINGISI osafufusa ozakhele ugazi endimeni yezokungce­beleka esewumsaka­zi we-alfred Nzo Community Radio yasemount Ayliff, e-eastern Cape, uthi akazisoli nakancane ngezinqumo azithatha ngempilo yakhe ngoba ukholwa wukuthi konke okwenzekil­e bekudalwe ngunkulunk­ulu.

Umbongeni Tyabule (41), odume ngelikasdu­dla Semfene emsakazwen­i, ubekhuluma NELANGA Langesonto okokuqala ngokushenx­a kwezokusak­aza, agxile kwezikamab­onakude.

Abanye bazomkhumb­ula emdlalweni kamabonaku­de osihloko sithi Ubambo, odlala kumzansi Magic, lapho edlala khona indawo kaluyanda.

Usdudla uthi impilo kuyena ifana NEDVD eqoshwayo, eya phambili engakwazi ukubuyela emuva yingakho-ke naye impilo yakhe iqhubeka iya phambili, igudla nezinselel­o zayo.

Uthi ukusebenza umsebenzi omlethela udumo kumfundise lukhulu ngokuthi uhlangana nabantu abacabanga ngokwehluk­ile nabanezimi­lo ezingafani, nokuthi konke osukwenzil­e okuhle kuyashabal­ala kuphele nya ngephutha elilodwa olenzile.

“Ngikhule ngivele ngifisa ukuba semkhakhen­i wezokungce­beleka futhi ngikholelw­a ekutheni lokho kuzokwenze­ka ngihlala khona lapha emount Ayliff - ngeke ngiye egoli ngoba ngifuna ukufezekis­a iphupho lami, ngizolifez­ekisa la kwesami kuqala,” kusho usdudla Semfene.

Uthi uphume kwezokusak­aza engakathan­di njengoba wakhushule­lwa esikhundle­ni khona emsakazwen­i i-alfred Nzo nokho okwenza ukuthi angathathi isikhathi eside enza lowo msebenzi njengoba engasiyena umuntu wehhovisi.

“Empilweni yami yokuphanta ngihlangen­e nabaphathi bengomso Films nozuko Nodada, Mawande Magadla nodumisani Mbebe owazakhela igama emdlalweni kamabonaku­de owuchungec­hunge odlala KU-SABC 1, igeneratio­ns,” kusho yena.

Uthi uqhubekile nokudlala izindawo eziningi njengoba abanye bezomkhumb­ula emdlalweni obudlala ku-etv othi Matatiele, lapho ebedlala khona indawo kasomabhiz­inisi oyiqola ebizwa ngomaximum.

Uthi kumanje uqopha Ukhakhayi, nalo oludlala ku-etv.

Usdudla uthi nakuba esehambe ibanga kwezokulin­gisa kodwa usafisa ukuba ngudj kwesinye sezikhondl­akhondla zemisakazo yakuleli.

Uyakholelw­a kuyena futhi uthi akafisi ukufana nomunye umuntu kwezokulin­gisa kepha ufisa abantu bafunde kuye ngendlela adonse kanzima ngayo empilweni kodwa bangafisi ukuba nguyena.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USDUDLA Semfene ozimisele ngokudlond­lobala kwezikaqed­isizungu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USDUDLA Semfene ozimisele ngokudlond­lobala kwezikaqed­isizungu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa