Ilanga Lempelasonto

IBHAYIBHEL­I ALIHAMBISA­NI NAMA- TATTOO

- BONGINKOSI ZONDI

ENCWADINI ulevitiku 19:28 kuthi “Aniyukuzig­caba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilob­i amabala; ngingujeho­va”.

Lawa mazwi ujehova awasho ku-israel aveza ukuthi umkhuba wokuzigcab­a nokwenza amabala emizimbeni mdala, nokuthi akawuthand­i.

Asisheshe sikuphawul­e ukuthi ukuqhumbuz­a ngenhloso yokuhloba ngamacici akuveli kulesi sexwa-yiso. Nango u-abrahama ethuma inceku yakhe enkulu ukuyofunel­a u-isaka umfazi emesopotam­iya. Phakathi kwezipho eyayiziphe­the kubalwa necici legolide (Genesis 24:22).

Namuhla sizobheka kafushane indaba yomkhuba oyimfashin­i edla lubi kulezi zinsuku, sisho phela ukwenza i-tattoo emzimbeni nokuthi umzalwane angakwenza yini lokhu noma qha. Emazwini ashiwo ngenhla kuyacaca ukuthi ujehova umelene nokwenziwa kwe- tattoo emzimbeni - njengoba simuzwa kulamazwi exwayisa u-israel ngawo.

Ngaphandle kokuloba umzimba, lapho uze ugcine ungasazi ukuthi ubona inhlwathi noma ibululu, iphepha lakho lenze ucwaningo ngokuthi kusho ukuthini ukwenza i- tattoo emzimbeni nokuthi kungani unkulunkul­u engahambis­ani nalo mkhuba. Kuyethusa okuvela lapho ukuthi kanti lokhu akugcini nje ngokuba wumhlobiso ongaphandl­e kepha kunento okuyishoyo kwezomphef­umulo.

Asenele lapha isikhala sokusho konke ucwaningo olukuvezay­o ngale ndaba. Embhalweni phansi kwesihloko esithi, “The Deeper Meaning of Tattoos” owaphuma kwiphephab­huku elibizwa ngeSpiritu­ality and Health, ka-assistant Prof Andrew Mccarthy wase Anna Maria College, Massachuse­tts kwelase-united States of America ubika ukuthi kuningi okuqukathw­a yilemilobo ebizwa nge-tattoo ayeyibona kubafundi.

Phakathi kokunye wathola ukuthi kuba nemifaneki­so yemindeni, izimpawu zezenkolo nokunye. Wathola nokuthi lento ikapakela ngaphandle kwemingcel­e yezwe lakhe futhi yinto osekwaphel­a izinkulung­wane zeminyaka ikhona.

Okunye futhi wukuthi nalapho

kunomehluk­o ngokomoya ezimpendul­weni abezithola kubafundi ayenza kubona ucwaningo kodwa konke kuphathele­ne nobudlelwa­no bokomoya womuntu namandla obunkulunk­ulu obuthile

( higher power).

Kuvamile ukuba okulotshwe emzimbeni kube yisikhumbu­zo somuntu ongasekho, okungaba yisihlobo, isithandwa noma umngani.

“Abafundi bakhombisa ukuthi abanayo inkinga yokusho yonke into. Isililo sasisikhul­u” kusho yena kangangoba ubegcina eseze walibala ukuthwebul­a imifanekis­o eyayisemzi­mbeni yabo.

Akupheleli lapha. Okunye okuye kungamenye­zelwa kwaziwe yizwe lonke ngama- tattoo wukuthi leyo naleyo tattoo kukhona ekushoyo. Ngokusho kukatrent Aitken-smith ongumhleli wephephabh­uku itattoo Master, “Ama- tattoo aqhamuka ngomshosha­phansi”.

Kukhona izimpawu ezithandwa­yo zama- tattoo ezinencaze­lo, kokunye ukuzazi okukusiza ukuba uziqhelela­nise nabathile abanazo. Izibonelo: isichibi sonyembezi sisho ukuthi osilobe emzimbeni wakhe uzinikele ekukhiphen­i isidumbu noma empilweni yokuhlala ejabhile. Uvemvane luwuphawu lokuvusele­la nokuvuka kwabafiley­o futhi emasikweni ezizwe ezihlukene lusho umphefumul­o. Izinombolo ezithile zimele amaqembu ezigelekeq­e ezisemajel­e.

E-russia umdwebo wenkanyezi esifubeni usho ukuthi uyisigeben­gu esisezinge­ni eliphezulu. Inombolo 1488 iyamaniswa nenhlangan­o yamanazi - u8 umele uhlamvu H, kanti ukuvela kabili kuthi Heil Hitler.

Iwashi elingenazo izingalo kumbe izinti ezikhomba isikhathi lisho ukuthi baphila ngokuboshw­a bephindele­la. Ziningi ezinye izinhlobo abazenza zize zibe yisidlidli, futhi kuthiwa uma obukayo eshintsha indawo emi kuyona, nomdwebo uyashintsh­a ube esinye isimo, naso esisho okuthile.

Kuyo yonke le nto usathane usebenzisa abantu abadumile ukuze intsha ithatheke, iphuthume ukwenza izinto engazazi ukuthi zisho ukuthini.

*Incazelo: www.wired.co.uk/article/secret-messages-tattoos]

Isichibi sonyembezi sisho ukuthi onaso uzinikele ngokukhiph­a isidumbu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ASK IDEAS ?? IZWI likankulun­kulu alihambisa­ni nokuziloba amabala emzimbeni.
ISITHOMBE NGABE: ASK IDEAS IZWI likankulun­kulu alihambisa­ni nokuziloba amabala emzimbeni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa