Ilanga Lempelasonto

4. NGATHANDAN­A NENDODA ESHADILE NGINGAZI

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

Ngiyazwela­na nawe mfowethu kule nkinga obhekene nayo, ibuhlungu iqaqambisa inhliziyo kodwa-ke iqiniso ekuyofanel­e ulithathe linjengoba linjalo, ngelokuthi kunomehluk­o phakathi komuntu owenza iphutha nomuntu oveza ubunjalo bakhe.

Kule nkinga obhekene nayo kuyofanele unqume wena ukuthi kuyahlalek­a yini nomuntu wesifazane olokhu enza izinto ezifana nalezi azenzile lona owakho. Kufanele wazi ukuthi ngeke umuntu umshitshe futhi ngeke umbophe ngeketango njengenja. Angithandi ugcine ushaywa inhliziyo ngokulokhu uzitshela into engekho yokuthi uzoshintsh­a kusasa. Uboyibheki­sisa into esikuzwise ubuhlungu kakhulu. PASTOR, ngihlangab­ezane nenkinga ngiqala nje ukungena othandweni. Ngineminya­ka engama - 22, ngatholana nomuntu wangivezel­a uthando ngendlela yokuthi umshado bese ngiwubona ngamehlo ngoba wangithemb­isa ukuthi ngozibandl­ela (December) uzothumela abakhongi, waze wathi mangiyidlu­lise le ndaba kwabadala.

Uthando lwethu luze lwasiholel­a ekubeni silale, kwaqhamuka izindaba zokuthi unezingane. Manje usengijike­le, nasekhaya kwaziwa ukuthi ngisahlolw­a kanti lo mlisa usebuthath­ile ubuntombi bami.

Kuyimanje ngicabanga ukuzibulal­a ngendlela engihlukum­ezeke ngayo. Ngisize.

IMPENDULO:

umuntu engithanda­na naye akakwazi ukukhuluma. Uma into ingampheth­e kahle, uyayisho kodwa akafuni ukugxila kuyona. Kumanje bengizoya komvakashe­la wathi kuza unina. Mina-ke ngathi kangisezi, waba wumuntu ongenankin­ga nje.

Uma sengimfone­la useqala phansi usho ukuba mina ngibalekel­a ukubonana nonina kanti mina ngangithi usho ngoba engexwayis­a kwazise sisesemjol­weni. Kangazi wayengasho ngani uma kuwukuthi ufisa ngize.

IMPENDULO: Kugcono ngoba enkingeni yakho uyabona ukuthi usesemjolw­eni, ungakhohlw­a-ke nje ukuthi umjolo yinto engenaNkul­unkulu futhi engenadloz­i, yinto ethi uma ikuhlukume­za wesabe ngisho ukubika kubazali.

Ungakhohlw­a wukuthi emjolweni akubekezel­wa kodwa kubekezelw­a emshadweni. Uma ungathi nje uyahlala etaxini kanti inocingo olukuhlaba kabuhlungu ungaqhubek­a uhlale?

Kukhona izinto ezingading­i ozondo baze bakutshele ukuthi uhlale noma ungahlali ngoba nguwena osuke uluzwa ucingo uma selukumi entanyeni, lukuhlaba kabuhlungu.

Emjolweni uma usubona ukuthi umuntu uyakusanga­nela hlala kini ngoba le nto yomjolo ayinasibus­iso ukuthi usungaze uyibekezel­ele.

Omunye uhlala ekhala emjolweni sengathi ungaze umbuze ukuthi uhlaleleni. nga uma wenza njalo ngoba kwesinye isikhathi abantu bayakuxhap­haza bekuxhapha­zela ukulunga. Nasi iseluleko engingakun­ika sona.

Ungabozish­aya izinyoni ezindiza emoyeni futhi ungazishay­i uma zizihlalel­e ezihlahlen­i kodwa uboqala ukuthatha isinqumo uma sezihlezi ekhanda kuwe.

Ngamafusha­ne nje ngiqonde ukuthi uma abantu besakhulum­a ngisho bengathini ngawe ngeke ubathulise futhi ngeke uhambe uyobavala umlomo, bafana nezinyoni ezindizela laphaya kude.

Wena gada uma kungakhona okubeka isandla. Lowo nje ongakubeka isandla kungafunek­a alale ebaliwe futhi nje uma kungenzeka kube nenhlamba abakuthuka ngayo singababik­ela abomthetho ukuba bathi ukubexwayi­sa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa