4. NGATHANDANA NENDODA ESHADILE NGINGAZI
Ngiyazwelana nawe mfowethu kule nkinga obhekene nayo, ibuhlungu iqaqambisa inhliziyo kodwa-ke iqiniso ekuyofanele ulithathe linjengoba linjalo, ngelokuthi kunomehluko phakathi komuntu owenza iphutha nomuntu oveza ubunjalo bakhe.
Kule nkinga obhekene nayo kuyofanele unqume wena ukuthi kuyahlaleka yini nomuntu wesifazane olokhu enza izinto ezifana nalezi azenzile lona owakho. Kufanele wazi ukuthi ngeke umuntu umshitshe futhi ngeke umbophe ngeketango njengenja. Angithandi ugcine ushaywa inhliziyo ngokulokhu uzitshela into engekho yokuthi uzoshintsha kusasa. Uboyibhekisisa into esikuzwise ubuhlungu kakhulu. PASTOR, ngihlangabezane nenkinga ngiqala nje ukungena othandweni. Ngineminyaka engama - 22, ngatholana nomuntu wangivezela uthando ngendlela yokuthi umshado bese ngiwubona ngamehlo ngoba wangithembisa ukuthi ngozibandlela (December) uzothumela abakhongi, waze wathi mangiyidlulise le ndaba kwabadala.
Uthando lwethu luze lwasiholela ekubeni silale, kwaqhamuka izindaba zokuthi unezingane. Manje usengijikele, nasekhaya kwaziwa ukuthi ngisahlolwa kanti lo mlisa usebuthathile ubuntombi bami.
Kuyimanje ngicabanga ukuzibulala ngendlela engihlukumezeke ngayo. Ngisize.
IMPENDULO:
umuntu engithandana naye akakwazi ukukhuluma. Uma into ingamphethe kahle, uyayisho kodwa akafuni ukugxila kuyona. Kumanje bengizoya komvakashela wathi kuza unina. Mina-ke ngathi kangisezi, waba wumuntu ongenankinga nje.
Uma sengimfonela useqala phansi usho ukuba mina ngibalekela ukubonana nonina kanti mina ngangithi usho ngoba engexwayisa kwazise sisesemjolweni. Kangazi wayengasho ngani uma kuwukuthi ufisa ngize.
IMPENDULO: Kugcono ngoba enkingeni yakho uyabona ukuthi usesemjolweni, ungakhohlwa-ke nje ukuthi umjolo yinto engenaNkulunkulu futhi engenadlozi, yinto ethi uma ikuhlukumeza wesabe ngisho ukubika kubazali.
Ungakhohlwa wukuthi emjolweni akubekezelwa kodwa kubekezelwa emshadweni. Uma ungathi nje uyahlala etaxini kanti inocingo olukuhlaba kabuhlungu ungaqhubeka uhlale?
Kukhona izinto ezingadingi ozondo baze bakutshele ukuthi uhlale noma ungahlali ngoba nguwena osuke uluzwa ucingo uma selukumi entanyeni, lukuhlaba kabuhlungu.
Emjolweni uma usubona ukuthi umuntu uyakusanganela hlala kini ngoba le nto yomjolo ayinasibusiso ukuthi usungaze uyibekezelele.
Omunye uhlala ekhala emjolweni sengathi ungaze umbuze ukuthi uhlaleleni. nga uma wenza njalo ngoba kwesinye isikhathi abantu bayakuxhaphaza bekuxhaphazela ukulunga. Nasi iseluleko engingakunika sona.
Ungabozishaya izinyoni ezindiza emoyeni futhi ungazishayi uma zizihlalele ezihlahleni kodwa uboqala ukuthatha isinqumo uma sezihlezi ekhanda kuwe.
Ngamafushane nje ngiqonde ukuthi uma abantu besakhuluma ngisho bengathini ngawe ngeke ubathulise futhi ngeke uhambe uyobavala umlomo, bafana nezinyoni ezindizela laphaya kude.
Wena gada uma kungakhona okubeka isandla. Lowo nje ongakubeka isandla kungafuneka alale ebaliwe futhi nje uma kungenzeka kube nenhlamba abakuthuka ngayo singababikela abomthetho ukuba bathi ukubexwayisa.