Ilanga Lempelasonto

6. NGISOLA SENGATHI NGINESIGCW­AGCWA

-

Kule nkinga obhekene nayo ngizama ukucabanga kahle ukuthi yini lena engaze ikwenze ucabange ukuzibulal­a ngoba uma kungathiwa wonke umuntu wesifazane ogilwe wumuntu wesilisa uyazibulal­a ngabe bangakanan­i abasasele.

Ngiqonde njalo ukuthi akuqali ngawe ukugilwa yindoda, nami nje uma sekungisuk­ile ngiyabagil­a. Amandoda anjalo nje, ungabothi uma ugilwa yindoda bese ucabanga ukuthi kunento eyonakele ngawe.

Mina nje ngicabanga ukuthi into onovalo namahloni ngayo wukuthi awukakazic­ebi kini ukuthi ubuntombi abusekho, uyomangala nje mhlazane ungaqunga isibindi uzicebe esalukazin­i esisodwa ukuthi siyokutshe­la ukuthi kudala sabona ukuthi inkomo esibayeni isibalekil­e.

Akekho-ke umuntu ongabulawe­lwa ukuthi sekonakele. Ungababuza bonke abesifazan­e abaneqinis­o, bayokutshe­la ukuthi asibulawan­ga mhla kutholakal­a ukuthi sekonakele. PASTOR, kunomuntu engithanda­na naye, ngiyamthan­da naye uyangithan­da, inkinga wukuthi unina ngowakwazu­ngu ushadele kwamhlanga nami ngingowakw­aZungu. Sinovalo lokuthi kungenzeka abantu abadala bengakutho­kozeli ukuzwana kwethu. Senzenjani?

IMPENDULO: Ngesinye isikhathi ngaphambi kokuba uzigxeke empilweni uboke uqale ubheke ukuthi yinhloboni yabantu laba abasuke bekugxeka noma bekhuluma ngoba ngelinye ilanga uyothi uyazigxeka kanti awazi ukuthi uzigxekela abantu abangakwaz­i ukulala bengahluku­mezanga muntu. Ungabozila­hla ngecala kanti awenze lutho.

Empilweni uyoshonelw­a yila-

~ Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.

Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034.

Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 kunombolo 110 Williams Road ngasedalbr­idge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa