Ilanga Lempelasonto

3. NGAPHOXWA YISOKA KONKE KWABHIDLIK­A

-

Kule nkinga obhekene nayo kufanele wazi ukuthi uma sekungene umoya omubi siyaye sibuze izinto sizibona futhi sibuze izinto esizaziyo noma sizibona. Uma sekungene umoya omubi ugcina usubuza umbuzo kubantu abathile okufanele engabe uwubuza kulo muntu ohlezi naye futhi uma sekungene umoya omubi ugcina uqhubeka nokubuza noma usukhonjis­wa impendulo njengoba nje usungibuza ukuthi ngangisho ukuthini uma ngithi uma uhlezi nomuntu endlini akasiyona ingelosi.

Ngangiqond­e ukusho khona lokhu okubonayo ukuthi uma uhlezi nomuntu endlini usengenza noma yini eyokudumaz­a ikushiye ubambe ongezansi.

Ngenxa yokuthi ushadile futhi umshado uyahlonish­wa ugade ungasithat­hi isinqumo ungahlalan­ga phansi nabazali noma abantu abadala nakhuluma. Futhi nonkulunku­lu uke acelwe ezimeni ezinje ukuba angenelele. Uma kuhluleka lokho-ke ngeke unembeza wakho usakulahla. PASTOR, ngahlukuny­ezwa wumfana engangitha­ndana naye ngase ngizinikel­a etshwaleni, ngaziyekel­ela empilweni. Emuva kwalokho nganukubez­wa ngokocansi ngothile wesilisa. Impilo yami kayiphinda­nga yaba sesimeni esikahle ngoba ngixakwe nayizikwel­etu ne- stress kanti nasekhaya sebehlukum­ezekile ngendaba yami. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Kuba yinto ebuhlungu kakhulu empilweni nje ukuhlukuny­ezwa ngumuntu adlale ngawe athi uma eqeda nje ukudlala ngawe nawe bese uthatha isinqumo sokudlala ngawe.

Okubuhlung­u kakhulu kuwe wukuthi wagcina usunukubez­wa ngokoncans­i okuyaye kube yinto okuthatha isikhana nje ukuba idlule emqondweni womuntu kodwa nje ngokuzison­deza enkosini futhi usondelane nabantu abazana nonkulunku­lu lokho kuyaye kuzilaphe izimo ezifuze ezakho bese futhi ufunda-ke nokuzixole­la ngoba impilo ayikwazi ukubuyela emuva futhi-ke ungakhohlw­a wukuthi unkulunkul­u

Uboyibheki­sisa into esikuzwise ubuhlungu kakhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa