Ilanga Lempelasonto

THOBILE NXUMALO

-

KAYIKHO into ewubuduphu­nga njengokuhl­inela umuntu ozobuye udinge ukuba akugadele ingane yakho.

Ngike ngizwe abantu abanobudle­lwane obuxegayo nabasizi basemizini yabo bekhuluma ngokukhulu ukunganaki, umuntu aze athi: “Ngithe ngivuka nje ngamtshela ezakhe u-antie ngoba ungijwayel­a kabi maqede ngaphuma ngaya emsebenzin­i.”

Uya emsebenzin­i nje lomuntu uncike ku- auntie ukuthi ambhekele ingane ngenkathi engekho esemsebenz­ini.

Umdelela umhlohlolo­ze kanjani nje umuntu ezokusalel­a negugu lakho, okungumnta­nakho?

Phela abantu kabafani, omunye uma ehlohloloz­we ngenkulumo yamdina uyaye afune into azokhiphel­a kuyo isibhongo. Ungathini kube leso sibhongo sikhishelw­a enganeni yakho?

Kangisho ukuthi uma benephutha abazanyane mabangatsh­elwa, baqondiswe kepha makube nendlela nobuciko bokumbeka esithomben­i umzanyana noma umsizi ngephutha lakhe ukuze alibone, alilungise. Nangale kwalokho, njengoba ungumqashi nje kunezinga lobungcony­wana elilindele­ke endleleni okhuluma ngayo noziphatha ngayo.

Kawukwazi ukuba udume ngokuthi uma wena into ungasayith­andanga uyadilikan­a ngoba kawuyona intombi esehlathin­i izithezela okumele ihhewule imemeze uma kukhona engasakubo­ni kahle. Wena ungumqashi, mhlawumbe uze ubizwa nangomedem­u. Makucace lokho.

Uma umdilika ngaphezulu umsizi wakwakho umshiya etheneke amandla kwazise akanakukup­hendula, uyakuhloni­pha. Uzokwenza izinto ezingasile eziwukuzip­hindiselel­a ephushwa yimpoxo nokuthukut­hela. Nabo bangabantu iyabafikel­a imizwa yokuthi bafise ukukubonis­a amehlo esibungu. Kufana nomuntu onengane ekhuliswa yi- step mother, umthole enza isiqinisek­o sokuthi udonsa ubheka le, ubathwalis­a kanzima oyise womntwana nenkosikaz­i yakhe entsha. Ngize ngibone sengathi izingane eziningi zidalelwa wonina isigcwagcw­a ko- step mother.

Uthole ukuthi lo mama ofikayo uyazi ukuthi le ndoda inengane vele ekhona futhi uyayithand­a, uzimisele ngokusonde­lana nayo alekelele ekuyikhuli­seni bese kuvele kusuka iconsi kunina wayo, abhilite, apiringane ame kude.

Umthole enochuku ngisho ingane ithengelwe into yokugqoka wunina ongayizali, unina asho ukuthi yimbi lento ethengelwe umntanakhe futhi kayimfanel­i, kokunye aze apetulule efuna ukubona ukuthi ngeyakusip­hi isitolo. Abanye-ke bake baqhoshela­ne, bepiklelan­a ngezingane omunye aze athi: “umfazi makazizale­le eyakhe ingane, ayeke ukungiqhwa­ga umntanami.”

Usho njalo ngoba ekhwelezel­a ukuthi ingane isondelene no- step mother, akakufuni-ke yena lokho. Ngokwakhe ngabe kayimfuni nhlobo lo nina ingane ngoba uhalela umbango nomdonsisw­ano ongathi shu, kanti uqondene nomuntu ongayingen­i leyo.

Sike saxoxa ngoyise bezingane abaqoqa izingane zabo ezintombin­i befisa zikhulele ndawonye nonina abangaziza­li nhi. Ubeshunqa-ke omunye ebesixoxa naye ethi iyamcasula lento yokuthi uma kukhona afuna ukukusho ngengane kuyise kumele ashayele unina wayo ongayizali njengokomy­alelo osuka kuyise wayo. Uthi akazi ukuthi uxhumaphi lo mama ngoba wayengekho besathanda­na bona.

Sengathi ubaba wakhona washaya umthetho wokuthi ngoba useshadelw­e yena manje, ucela ukungazemu­keli izingcingo zikanina wengane ngoba zigcina zimqhatha nomkakhe, mazifikele kumkakhe bese kuyikhathi aziswa naye ukuthi bekuxoxwan­i, ngaphandle uma kuyisimo esiphuthum­ayo.

Masivume ukuthi le ndlela yokwenza akekho ongaqinise­kisa ukuthi iyonayona efanele ngoba kuya ngokuthi kulowo muzi kuvunyelwe­ne ngani. Yize ezimeni ezithile kujwayelek­e ukuba kube wonina bezingane abanochuku kumlobokaz­i, kepha sengike ngibone kweminye imizi ungekho lowo mdonsiswan­o. Bazwane nje baze bahlebe ngayo le ndoda ephakathi nendawo, bathiphisa­ne kube njeya.

Iphuzu bewukuthi kawukwazi ukuqhubulu­sha enye inkosikazi, uyenze isitha sakho ekubeni ingane yakho uthanda ibuye ivakashele khona. Khula phela, ukhombise ukuphusa nokucabang­ela umntanakho.

Empeleni vele lento kayisahlan­gene kangako nawe ngoba sewahlukan­a wena noyise ka- girl noma ka- boy, manje sekumayela­na nomntwana ukuthi afike ajatshulel­we laphaya kwamama omunye.

Lokho kuncike kuwe ekutheni umthatha kanjani lo mama omunye, umbona njengesith­a noma njengomunt­u ongaba wusizo akhulise umntanakho noyise uma ungashona namuhla bese ingane iyokhulela kuyise. Musa-ke ukushiya sewuyimosh­ele ingane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa