THOBILE NXUMALO
KAYIKHO into ewubuduphunga njengokuhlinela umuntu ozobuye udinge ukuba akugadele ingane yakho.
Ngike ngizwe abantu abanobudlelwane obuxegayo nabasizi basemizini yabo bekhuluma ngokukhulu ukunganaki, umuntu aze athi: “Ngithe ngivuka nje ngamtshela ezakhe u-antie ngoba ungijwayela kabi maqede ngaphuma ngaya emsebenzini.”
Uya emsebenzini nje lomuntu uncike ku- auntie ukuthi ambhekele ingane ngenkathi engekho esemsebenzini.
Umdelela umhlohloloze kanjani nje umuntu ezokusalela negugu lakho, okungumntanakho?
Phela abantu kabafani, omunye uma ehlohlolozwe ngenkulumo yamdina uyaye afune into azokhiphela kuyo isibhongo. Ungathini kube leso sibhongo sikhishelwa enganeni yakho?
Kangisho ukuthi uma benephutha abazanyane mabangatshelwa, baqondiswe kepha makube nendlela nobuciko bokumbeka esithombeni umzanyana noma umsizi ngephutha lakhe ukuze alibone, alilungise. Nangale kwalokho, njengoba ungumqashi nje kunezinga lobungconywana elilindeleke endleleni okhuluma ngayo noziphatha ngayo.
Kawukwazi ukuba udume ngokuthi uma wena into ungasayithandanga uyadilikana ngoba kawuyona intombi esehlathini izithezela okumele ihhewule imemeze uma kukhona engasakuboni kahle. Wena ungumqashi, mhlawumbe uze ubizwa nangomedemu. Makucace lokho.
Uma umdilika ngaphezulu umsizi wakwakho umshiya etheneke amandla kwazise akanakukuphendula, uyakuhlonipha. Uzokwenza izinto ezingasile eziwukuziphindiselela ephushwa yimpoxo nokuthukuthela. Nabo bangabantu iyabafikela imizwa yokuthi bafise ukukubonisa amehlo esibungu. Kufana nomuntu onengane ekhuliswa yi- step mother, umthole enza isiqiniseko sokuthi udonsa ubheka le, ubathwalisa kanzima oyise womntwana nenkosikazi yakhe entsha. Ngize ngibone sengathi izingane eziningi zidalelwa wonina isigcwagcwa ko- step mother.
Uthole ukuthi lo mama ofikayo uyazi ukuthi le ndoda inengane vele ekhona futhi uyayithanda, uzimisele ngokusondelana nayo alekelele ekuyikhuliseni bese kuvele kusuka iconsi kunina wayo, abhilite, apiringane ame kude.
Umthole enochuku ngisho ingane ithengelwe into yokugqoka wunina ongayizali, unina asho ukuthi yimbi lento ethengelwe umntanakhe futhi kayimfaneli, kokunye aze apetulule efuna ukubona ukuthi ngeyakusiphi isitolo. Abanye-ke bake baqhoshelane, bepiklelana ngezingane omunye aze athi: “umfazi makazizalele eyakhe ingane, ayeke ukungiqhwaga umntanami.”
Usho njalo ngoba ekhwelezela ukuthi ingane isondelene no- step mother, akakufuni-ke yena lokho. Ngokwakhe ngabe kayimfuni nhlobo lo nina ingane ngoba uhalela umbango nomdonsiswano ongathi shu, kanti uqondene nomuntu ongayingeni leyo.
Sike saxoxa ngoyise bezingane abaqoqa izingane zabo ezintombini befisa zikhulele ndawonye nonina abangazizali nhi. Ubeshunqa-ke omunye ebesixoxa naye ethi iyamcasula lento yokuthi uma kukhona afuna ukukusho ngengane kuyise kumele ashayele unina wayo ongayizali njengokomyalelo osuka kuyise wayo. Uthi akazi ukuthi uxhumaphi lo mama ngoba wayengekho besathandana bona.
Sengathi ubaba wakhona washaya umthetho wokuthi ngoba useshadelwe yena manje, ucela ukungazemukeli izingcingo zikanina wengane ngoba zigcina zimqhatha nomkakhe, mazifikele kumkakhe bese kuyikhathi aziswa naye ukuthi bekuxoxwani, ngaphandle uma kuyisimo esiphuthumayo.
Masivume ukuthi le ndlela yokwenza akekho ongaqinisekisa ukuthi iyonayona efanele ngoba kuya ngokuthi kulowo muzi kuvunyelwene ngani. Yize ezimeni ezithile kujwayeleke ukuba kube wonina bezingane abanochuku kumlobokazi, kepha sengike ngibone kweminye imizi ungekho lowo mdonsiswano. Bazwane nje baze bahlebe ngayo le ndoda ephakathi nendawo, bathiphisane kube njeya.
Iphuzu bewukuthi kawukwazi ukuqhubulusha enye inkosikazi, uyenze isitha sakho ekubeni ingane yakho uthanda ibuye ivakashele khona. Khula phela, ukhombise ukuphusa nokucabangela umntanakho.
Empeleni vele lento kayisahlangene kangako nawe ngoba sewahlukana wena noyise ka- girl noma ka- boy, manje sekumayelana nomntwana ukuthi afike ajatshulelwe laphaya kwamama omunye.
Lokho kuncike kuwe ekutheni umthatha kanjani lo mama omunye, umbona njengesitha noma njengomuntu ongaba wusizo akhulise umntanakho noyise uma ungashona namuhla bese ingane iyokhulela kuyise. Musa-ke ukushiya sewuyimoshele ingane.