Ilanga Lempelasonto

SIHLAZIYA AMA-CD

-

UMCULI : SGWILI LIVE WINSTON CHURCHIL PIETERMARI­TZBURG ISIHLOKO : JESUS AT WORK UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2016 AMAPHUZU : 8/10

BAZOTHOKOZ­A kakhulu labo ababekhona emgungundl­ovu usgwili eqopha le CD yakhe. Onjiniyela bamenzele umsebenzi omuhle. Lapha uqoqele ndawonye zonke izingoma zakhe ezaziwayo nezintsha.

Ziyi-18 sezizonke, zilandelan­a kanje: Intro, We worship you, Konke kungumusa, Gideon, Bayede, Ngivez’izandla, Mphefumulo wami, Indawo, Ungujehova, Hamba nami, Sihamba ngesizotha, usigcinile, Uyasinika ithemba, Umhlobo, Libala kuye, Izithelo zikamoya, Jesus is my Savior, nethi ngimbikele konke. Iyatholaka­la ezitolo.

UMCULI : MATLAKALA ISIHLOKO : EMMANUEL UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2016 AMAPHUZU : 7/10

ISISHIYE ne-albhamu emnandi le ntokazi umatlakala engasekho emhlabeni.

Icula ngolimi lwesi-suthu kepha kakudingek­i nakutolikw­a ekushoyo kungokukam­oya kodwa. Izingoma zayo ziyadumisa zonke awukwazi ukuhlala phansi uma zidlalwa.

Ziyi-13 izingoma zilandelan­a kanje : Eloi lamasabath­a, Emmanuel, Lesedi laka, Refilwe moemedi, Sentebale mongwaka, En jwale ke tla goroga, Renamolele, Tau dikalapa, Tumelo ke thebe, Modimo wa mehlolo, Jesu yo bonolo, Mmusong wa dira, Matlhomole­ng, nethi Kebatla gommona Messiah.

Iyatholaka­la ezitolo.

UMCULI : VELISWA ISIHLOKO : AMANDL’ ENDUMISO

UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 8/10

IPHELELE le albhamu, inogcobo. Usho ngephimbo lakhe elibalisay­o uveliswa kudume amawa, kubaleke amadimoni. Ungumakade ebona. Le albhamu isezingeni eliphezulu uma iqhathanis­wa nengaphamb­i kwayo. Zixubile izingoma, ngezendumi­so nezigxumis­ayo kepha akasishint­shile isitayela sakhe sokukhala ngephimbo ebalisa. Ukuthatha akubeke kwelikapaw­ula izulu.

Ziyi-10 sezizonke, zilamana kanje: Jehova ngenelela, Bless the Lord, Hlobo luni lwabantu olu, Ujesu nguye, Kuwe baba, Amen, Ujesu uthanda bonke abantu, Yesu nyana lo ka Thixo, Siphumelel­a ngomthanda­zo, nethi Dumisani ujehova. 072 667 2764, yinombolo yomphathi wakhe lena.

UMCULI : PASTOR KHAYA MAYEDWA ISIHLOKO : NGIYAMETHE­MBA UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 5/10

IHOSHOZELA inkosi inceku lapha akukho esingakugx­eka ngaphandle kokuthi nje iyibekile induku ebandla. Kuhle ukungazeny­ezi ngephimbo lakho noma linjani, kukhona abazolitha­nda.

Kuyacaca ukuthi igxumeka amatende inceku yenkosi futhi aba yimpumelel­o, iyavangela ngalo mculo wayo. Izingoma ngamakhora­si ajwayeleki­le, ayabusisa.

Ziyi-11 izingoma, zilandelan­a kanje: Intombi zejerusale­ma, Ngi-yamethemba, He restoreth my soul, Usaphila ujesu, I lay my life, Uyintoni umntu, Amandel’egazi, Yes to the Lord, Yehlis’umlilo, Yiguqule nethi amayuyuyu instrument­s.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa