Isicelo kubasubathi ngemandela Marathon
Banxuswa ukulwela ukugcina imiklomelo
KUZOKWAKHIWA isikhungo sokugcina amagugu emanaye Hall, embali lapho unelson Mandela akhuluma nezinkumbi zabantu ngaphambi kokubanjwa waboshwa ngowe-1962 emandela Capture Site, ehowick.
Umjaho wanonyaka uzokuba mhla zingama-27 kuncwaba kanti ugubha unyaka wesi-6 wasungulwa kanti ngokusho kwabadidiyeli bawo kulindeleke abasubathi abangaphezulu kwezi-15 000. Lo mjaho uzokube uhlukaniswe izigaba ezingaphezulu kweziyisihlanu, i-42km, i-21km, i-10km, i-4.6664km okuyinombolo kamandela yasejele. Lo mjaho wenombolo kamandela uzokube ugiji- nywa yizitatanyiswa okuhlanganisa izimeya, ongqongqoshe nosomabhizinisi.
Ngomgqibelo kuzokuba netrial Running, umjaho wezingane, itriathlon, owabahamba ngezihlalo nabamabhayisikile.
“Umandela wenza inkulumo yakhe yokugcina embali, wabe eseboshwa ehowick lapho kunesikhungo sokugcina amagugu. Nasemanaye Hall kufanele sibe khona isikhungo esifuze lesi. Lo mjaho usemusha kodwa ukhula ngesikhulu isivinini. Ungenelwa ngabasubathi base-afrika nabaphuma phesheya.
“Ngicela abasubathi bakwazulu-natal bawuthathe lo mjaho ube ngowabo. Kungangijabulisa kakhulu uma kunganqoba abesifundazwe. Ukuze bawunqobe kufanele babe baningi kakhulu abesifundazwe ukuze imali isale la,” kusho ubongi Sithole-moloi ongungqongqoshe wezemidlalo Kwazulu-natal.
Izingqwele zizohlomula ngoR100 000 kwi-marathon kubo bobubili ubulili bese kuba ngu-r50 000 kwabazophula amarekhodi aphethwe ngokwahlukana nguthobani Chagwe okungu-2:27 no-irvette van Zyl ono-2:47.
Kunemali ebekelwe abasubathi abazofika kuqala ezindaweni ezithile (hotspot).
Umasipala wasemgungundlovu utshele abezindaba ukuthi sewakhe izinkulisa eziyisi-7 ngokusizwa yimandela Marathon.
Lo mjaho kuvele ukuthi ungase usebenzisane netoure de France okusaxoxiswana nayo.