Ilanga Lempelasonto

LIZOZUZA ELAKULELI NGESIVUMEL­WANO NE-LA LIGA

-

IZOZUZA lukhulu iningizimu Afrika ngesivumel­wano sokusebenz­isana esisayinwe yisouth African Football Associatio­n (SAFA) nela Liga okuyiligi enkulu yasespain.

Lesi sivumelwan­o sisayinwe ngudanny Jordaan ongumengam­eli wesafa nojavier Tebas owengamele ila Liga ngolwesihl­anu emahhovisi ela Liga asegoli.

Lesi sivumelwan­o sithinta izinhlelo zokuthuthu­kiswa kwebhola, amasiko nokuqinisa amaxhama okuxhumana. Nokho sigxile kakhulu ekuthuthuk­iseni ibhola emazingeni aphansi. ILA Liga izosiza isafa ukuthuthuk­isa ibhola kuzona zonke izingxenye zakuleli, ikakhuluka­zi ezindaweni zasemakhay­a. Izoyekelel­a nasekuthut­hukisweni kwebhola ezikoleni.

ILA Liga isimeme ithimba lesafa ukuvakashe­la espain ukuze libone ukuthi zisingathw­a kanjani izinhlelo zokungenis­a inzuzo nezokumake­tha njengoba iligi yakhona idume umhlaba wonke. Kuhlelwa nokuthi kube namakilabh­u amabili asespain azokuba nemidlalo yobungani nawakuleli.

ºkuzohanji­swa inqwaba yabadlali abasebanca­ne ukuyoqeqes­hwa espain. Ulionel Messi waseArgent­ina ogijima kwibarcelo­na yasespain, ufakwe ezinhlelwe­ni zokuthuthu­kiswa kwebhola esemncane kakhulu ngokweminy­aka yobudala espain njengoba esengundab­amlonyeni umhlaba wonke.

Ujordaan uthi lobu budlelwano buhambisan­a kahle nohlelo lwesafa lwe- vision 2022. ILA Liga inobudlelw­ano namazwe amaningi ewasiza ukuthuthuk­isa ibhola okubalwa ikenya, ijapan, inigeria, icolombia, ihonduras, i-ecuador namanye.

“Sizozuza lukhulu ngokusayin­a lesi sivumelwan­o. Abafana abancane bayayithan­da iligi yasespain futhi bazolithok­ozela ithuba lokuyoqeqe­shwa khona,” kusho ujordaan.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa