Ilanga Lempelasonto

Isilonda kukaizer Motaung ngechiefs

Ukhala ngokuhlamb­alazeka benganqobi lutho

- SENZO SOKHELA

UKAIZER “Shintsha Guluva” Motaung ( osesithomb­eni) ongusihlal­o wekaizer Chiefs uveza imizwa yakhe nobuhlungu anabo ngesimo sale kilabhu eqophe umlando omubi iqeda isizini yesibili ingayazi inkomishi.

Ichiefs ijabhise abalandeli, abaxhasi nabaphathi njengoba iphinde yehluleka ukunqoba inkomishi nakule sizini. Izibeke emlandweni omubi wokunganqo­bi nkomishi kumasizini amabili elandelana okuyinto ebingakaze yenzeke kule kilabhu selokhu kusungulwe ipremier Soccer League (PSL) ngowe-1996.

Konke lokhu kwenzeka ngaphansi kobuholi bukasteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi, onerekhodi elibi njengoba emlandweni wakhe wokuqeqesh­a engakaze ayinqobe inkomishi.

Umotaung uveza imizwa yakhe ngesimo esenzeka ekilabhini yakhe.

“Isizini esibe nayo kayibanga yinhle neze. Empeleni nje isihlambal­azile ekubeni siyikilabh­u enkulu futhi enomlando omuhle. Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi ngiphathek­e kabi ukuthi kazizange zenzeke zonke izinto ebesizifis­a kuqala isizini.

“Kodwa-ke okuningi sizokuhlal­ela uma sekusongwe isizini. Sizobheka kahle yonke into sithole nemibiko yomqeqeshi bese sibona ukuthi kugcina kwenzakale­ni,” kusho umotaung emcimbini wokwethula abaxhasi abasha bale kilabhu, imedshield. Kuthiwa abakwameds­hield bazofaka imali elinganise­lwa ku-r5 no-r6 million ngesizini.

Nakuba umotaung ethi basalinde nombiko kakomphela kodwa abasondele­ne kakhulu nomndeni wakwamotau­ng bathi sekuqalile ukuthungat­hwa komqeqeshi omusha.

Kuthiwa ubhekwa e-europe. Umotaung ubuye wakhala ngodonga lwasemuva wathi lubenzele phansi ngale sizini.

“Emidlalwen­i eminingi esihlulwe kuyona senzelwe phansi yizitobha zethu. Kuzophoqa ukuthi singene emakethe sibheke izitobha ngoba kakuhambi kahle. Kuyabonaka­la ukuthi abanye abadlali bethu imilenze isiyabasin­da ngenxa yokuthwala imidlalo eminingi. Kodwa-ke konke lokho kuzokwenze­ka sekuphele isizini sesihlalil­e sabonisana ngakho konke,” kusho umotaung.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa