Ilanga Lempelasonto

KUKHISHWE AMABHONASI OKUNYOMFA I-SUNDOWNS

- SENZO SOKHELA

USIHLALO wemaritzbu­rg United ufarook “Ntshebe” Kadodia ukhuphule amabhonasi abadlali ngaphambi komdlalo obucayi nemamelodi Sundowns kwi-absa Premiershi­p ozokuba ngolwesith­athu ngo-19h30 elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille.

Lo mdlalo umqoka kula makilabhu kwazise iteam of Choice ifuna ukungena kwi-top 8 okuzokube kungokwesi­bili emlandweni wepremier Soccer League (PSL) kwazise ihlale ivika izembe, kanti isundowns ilwela ukuvikela isicoco seligi.

Idowns iyizimfivi­lithi ukunqoba lo mdlalo kwazise ivamise ukuyimisa kabi le kilabhu yasemgungu­ndlovu.

ILANGA lihletshel­we ngumthombo walo ukuthi ukadodia unyuse amabhonasi okunqoba lo mdlalo wedowns kwazise uwufanisa nowamanqam­u.

Kuthintwa ukadodia uthe: “Nakuba ngingeke ngithande ukuphumela obala ngamabhona­si abadlali bami ngoba ayimfihlo kodwa akhona futhi-ke uma befake le kilabhu kwi-top 8 bazothola amahle kakhulu. Lo mdlalo wethu nesundowns umqoka ngendlela eyisimanga kithina sobabili kodwa ngikholwa wukuthi singawunqo­ba.

“Ngiyazi ukuthi kasinikwa lutho kulo mdlalo kodwa irekhodi lethu lemidlalo yangaphand­le kwasekhaya lihle. Sizokuya kwidowns siyihlomel­e nxa zonke, okubi nje wukuthi sizokuya kulo mdlalo ngaphandle kwesitobha sethu ukwanda Mngonyama othole ikha- di elibomvu sibhekene neplatinum Stars ngolwesith­athu. Kodwa-ke abantu bangasitha­thi kancane, singayipha­zamisa isundowns,” kusho ukadodia.

Uhlompho Kekana ongukapute­ni wedowns, osanda kwelula inkontilek­a nale kilabhu, uthi bazokwenza ngamandla abo wonke ukuyinqoba le midlalo ezayo.

“Nakuba isicoco seligi singekho ezandleni zethu kodwa sisenalo ithemba lokuthi sizosivike­la. Inkinga nje kawukho umdlalo olula manje wonke amakilabhu ayazimisel­a. Nemaritzbu­rg esizobheka­na nayo ngeke ibe lula ngoba ifuna i- top 8.

Kodwa-ke siyakwazi okufanele sikwenze kufanele siwunqobe noma kanjani lo mdlalo siye kowokugcin­a simincile ngoba kasazi ukuthi kuzokwenza­kalani,” kusho ukekana.

Imidlalo ye-absa Premiershi­p ehlelelwe ukugijinyw­a ngolwesith­athu imi kanje:

E-orlando Stadium: Orlando Pirates vs Ajax Cape Town 19h30 (Select).

Elucas Moripe: Mamelodi Sundowns vs Maritzburg Utd 19h30 (SS5).

Eroyal Bafokeng: Platinum Stars vs Kaizer Chiefs 19h30 (SS9).

EDR. Molemela Stadium: Bloemfonte­in Celtic vs Free State Stars 19h30.

Ebidvest Stadium: Bidvest Wits vs Polokwane City 19h30 (SS4).

E-athlone Stadium: Cape Town City vs Golden Arrows 19h30.

Enew Peter Mokaba: Baroka FC vs Highlands Park 19h30.

Enelson Mandela Bay: Chippa United vs Supersport United 19h30.

senzos@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUHLOMPHO Kekana wesundowns othembisa ukugudluza imaritzbur­g United endleleni yale kilabhu yokuvikela indebe ye-absa Premiershi­p.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUHLOMPHO Kekana wesundowns othembisa ukugudluza imaritzbur­g United endleleni yale kilabhu yokuvikela indebe ye-absa Premiershi­p.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa