Ilanga Lempelasonto

UNCOME ABADLALI I-CHELSEA IDLA UBHEDU

-

UMQEQESHI wechelsea eyizingqwe­le ezintsha ze-english Premiershi­p unxuse abadlali bakhe ukuba bayijabule­le ngokwedlul­ele impumelelo yokunqoba le nkomishi ngoba kuseza isikhathi esinzima.

Le kilabhu ibidinga amaphuzu amathathu emidlalwen­i esele yeligi ukunqoba le nkomishi.

Ihlule iwest Bromwich Albion ngo-1-0 ngolwesihl­anu yase igcotshwa njengezing­qwele.

U-antonio Conte wase-italy ongumqeqes­hi wechelsea uthi abadlali bakhe basebenze kanzima, ngakho-ke kumqoka ukuthi bayijabule­le le mpumelelo.

“Ngibabonga kakhulu ngokushesh­a ukubamba isitayela sami.

Ngesizini edlule baqede endaweni ye-10 ekubeni bebevikela isicoco.

Lokhu kuchaza ukuthi ziningi izinto obekumele sizishints­he. Sisebenze ngokubambi­sana kwaze kwaba siyasinqob­a lesi sicoco. Ngibavumel­a ngamabomu ukuthi bajabule ngoba kunomseben­zi onzima osihlalele.

Ngifuna sinqobe IFA Cup esizodlala owamanqamu wayo ne-arsenal mhla zingama-27 kwephezulu ewembley. Ngaphezu kwalokhu, ngizobahla­la ngobhongwa­ne abadlali bami ukulungise­lela isizini ezayo ngoba kumele sivikele iligi, IFA Cup uma siyinqoba bese silwela i-uefa Champions League. Sizosebenz­a ngaphansi kohlelo olunzima,” kusho lo mqeqeshi. Ngesizini edlule le nkomishi inqotshwe yileiceste­r City ebilolongw­a nguclaude Ranieri ongumkhaya kaConte.

Imidlalo ye-english Premiershi­p namuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Crystal Palace vs Hull City 13h00.

West Ham United vs Liverpool 15h15.

Tottenham Hotspur vs Manchester United 17h30.

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Chelsea vs Watford 21h00.

NGOLWESIBI­LI

Arsenal vs Sunderland 20h45.

Manchester City vs West Bromwich Albion 21h00.

Eyespanish La Liga namuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Deportivo Alavès vs Celta de Vigo 16h00.

Las Palmas vs Barcelona 20:00

Eibar vs Sporting Gijûn 20h00.

Real Sociedad vs M·laga 20h00.

Athletic Club vs Leganès San Mamès Barria 20:00

Real Madrid vs Sevilla 20h00.

Real Betis vs Atlètico Madrid 20h00.

Villarreal vs Deportivo La Coruòa 20h00.

 ?? ISITHOMBE: LIVELOADED. COM ?? IJABULE kanje ichelsea FC idla ubhedu kwi-english Premiershi­p ngokuphaka­misa isicoco ngemuva kokushaya i-west Bromwich ngo 1-0 ngolwesihl­anu.
ISITHOMBE: LIVELOADED. COM IJABULE kanje ichelsea FC idla ubhedu kwi-english Premiershi­p ngokuphaka­misa isicoco ngemuva kokushaya i-west Bromwich ngo 1-0 ngolwesihl­anu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa