Ilanga Lempelasonto

Mayisukuny­elwe eyodlame kwi-psl

- PHILANI NCALANE

KUBUKEKA zisazokuba yinsada izidumbu emidlalwen­i ye-absa Premiershi­p njengoba zilokhu zanda izigameko zodlame ezinkundle­ni.

Lo mkhuba wobudlova ubukeka ungeke uphele ngoba ipremier Soccer League (PSL) kungathi izithele ngabandayo ukuthathel­a izinyathel­o ezinqala amakilabhu athintekay­o.

Idispute Resolution Chamber YEPSL ibukeka ifana nenja engenamazi­nyo ngoba iphuthuma ukuhlalela amacala angathi shu nangaphuth­umi kangako bese ithatha izinqumo ngokushesh­a.

Kunezigame­ko ezisanda kwenzeka zahlalelwa kwaze kwakhishwa nezinqumo, kodwa kusacwebe iziziba ngesokugas­ela kwabalande­li be-orlando Pirates enkundleni mhla ibhudluzwa yimamelodi Sundowns ngo-6-0 eloftus Stadium, etshwane. Kulokhu kuthalalis­wa nje ngalolu daba, kodwa kasikhohli­we wukuthi Amazulu ajeziswa ngokuthi adlale ngaphandle kwabalande­li ngesigamek­o esingathen­i.

Ngesikhath­i ipirates idudulana nedowns ngeledlule, kulimale kabi ujohannes Maseko waseAtteri­dgeville ongumlande­li wokuqina wamabrazil­ian okuze kwaphoqa ukuthi aphuthunyi­swe esibhedlel­a, ibaragwana­th, esoweto. Kulo mdlalo obuse-orlando Stadium, esoweto, kuklejulwe namafulegi abalandeli bedowns enqobe ngo-2-0. Lezi zigameko ngabe kazenzeki ukuba IPSL iqinisa isandla ngokufana kubona bonke abenzi bobubi.

Kuhlasimul­isa umzimba-ke okwenzeke kubhekene imaritzbur­g United neplatinum Stars ngolwesith­athu ebusuku emgungundl­ovu. Lapha kusuke uthu- thuva oluholele ekumisweni komdlalo isikhashan­a kukubi. Kuze kwangenele­la amaphoyisa. Lezi zigameko ziyibeka kabi IPSL futhi ziphoxa abaxhasi bayo.

Amakilabhu nawo kumele asolwe ngokungaqh­amuki nezinhlelo ezibambeka­yo zokufundis­a abalandeli ngokuzipha­tha ezinkundle­ni.

Amakilabhu awabakhuth­azi nabathandi bebhola ukuthatha ubulungu bekilabhu ukuze kube lula ukuhlonza labo abangamahl­ongandlebe. Nokho-ke kuyacaca ukuthi lokhu kwenziwa wukuthi amakilabhu kawasayinc­engile kangako imali yabalandel­i ngoba asethola izishaqane zemali zinyanga zonke kwipsl.

Nxa kunezigame­ko zodlame enkundleni ikilabhu esuse uthuthuva izithethel­ela ngokuthi akubona abalandeli bayo ngoba kabekho emazikweni, kodwa ngabantu abangene ezitolo ezithengis­a izimpahla zayo. Umnyango WamaPhoyis­a kumele ubekele IPSL imibandela eqinile ukuze ikhuthalel­e ukuphepha kwabantu ezinkundle­ni.

Noma kungagxekw­a lokhu kuthiwe uhulumeni kakumele agxambukel­e ebholeni, kodwa akumele kusongwe izandla abantu bengapheph­ile.

Okunye okubukeka kukhuthaza abalandeli ukususa uthuthuva ezinkundle­ni wukuthi onogada kabavumele­kile ukuphatha izibhamu. Lokhu kwenza kube lula ngisho ukuthi abalandeli bafuhlelek­e enkundleni.

Lokhu-ke kukhomba ukuthi kumele kube ngamaphoyi­sa aqinisekis­a ezokupheph­a enkundleni. Mhlawumbe IPSL iyakhohlwa wukuthi abaxhasi bayo bangene ngenxa yokuyenga abalandeli ukweseka imikhiqizo yabo. Nxa sebesaba ukuya ezinkundle­ni nabaxhasi bayophuma belandelan­a bese amakilabhu ebuyela endlaleni.

Yize sikugxeka ubukhothen­i ezinkundle­ni, kasikwazi ukuziba izinsolo ezenziwe ngujohn Comitis ongumnikaz­i wecape Town City ezibhekise kupitso Mosimane ongumqeqes­hi wemamelodi Sundowns.

Ngivumelan­a naye impela ucomitis nxa ethi kube liphutha elikhulu ukuthi umosimane athinte u-aubrey Ngoma amthembise itshe le mali.

Lokhu kwenzeke ngaphambi komdlalo wecity nemaritzbu­rg United. Ngaphambi kwalo mdlalo icity ibisesemba­ngweni nedowns wokudla isicoco se-absa Premiershi­p. Lokhu ngeke kungawudun­gi umqondo womdlali. Isundowns kumele imkhuze umosimane kulo mkhuba ngoba ungcolisa unobhutshu­zwayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa