Ilanga Lempelasonto

I-arrows ithwese ibucs ubunzima

IBHOLA: Iyishovele kude ne-top 8

- SENZO SOKHELA

ILETHE usizi kwi-orlando Pirates ilamontvil­le Golden Arrows iqumba phansi ibaroka ngo-3-2 kowe-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.

Amagoli okunqobe ngawo i-arrows avalelwe enethini ngusiphele­le Magubane ngomzuzu wama-40, umzwanele Mahashe okube wumkhonto ogwaze ekhaya ngowama-76 nokudakwas­he Mahachi ngowama-78.

Awebaroka ashaywe nguvictor Letsoalo ngomzuzu wama-70 nangowama-86. Uma-gubane ubeqala ukushaya igoli esigabeni sepremiers­hip.

I-arrows icishe yawudedela lo mdlalo njengoba ike yahamba phambili ngo-3-1 kodwa yabuye yavuzisa emuva. Kucishe kwadungeka umcimbi uvictor Gomes obedlalisa lo mdlalo enikeza ibaroka iphenathi engacacile sekuzophel­a umdlalo. Ithathwe ngurichard Matloga wayiqulela enethini. Ugomes uvele wayiphika ezeseka ngokuthi kunomdlali webaroka ongene ebhokisini ngesikhath­i kukhahlelw­a iphenathi. Le phenathi ibiyenza ukuthi zibambane ngo-3-3 kulo mdlalo.

Ukunqoba kwe-arrows kushiye kukhalwa kweminye imizi njengoba iqinise indlela yebaroka ebheke ehlathini njengoba kuyiyona ebambe ibhuleki ngamaphuzu angama-24 emidlalwen­i engama-28. Ilingana nechippa United ehleli endaweni yesibili ukusuka emsileni. Ihighlands Park isendaweni yesithathu ukusuka emsileni ngamaphuzu angama-25. I-arrows iphinde yagadla kwipi- rates njengoba icente indlela yayo ephumayo kwi-top 8. Ibucs iphume kwi-top 8 ngemuva kokuhlulwa yibidvest Wits ngo

1-0 nemamelodi Sundowns ngo-2-0 imidlalo ilandelana. Iwits nedowns basembangw­eni oshisayo wokunqoba i-absa Premiershi­p eyisango lokudlala kwicaf Champions League kwizingqwe­le.

I-arrows nebucs banemidlal­o engama-28 kodwa i-arrows inamaphuzu angama-35 kuthi ibucs ibe nangama-32. Lama kilabhu asembangwe­ni wokungena kwi-top 8 eyisango lokudlala kwimtn 8 okuwumqhud­elwano okhokha kakhulu ngaphansi kwepremier Soccer League (PSL).

Ipirates izokube iqophe umlando omubi uma igcina ngokungang­eni kwi- top 8 kwazise kayikaze isale ngaphandle selokhu kwasungulw­a IPSL ngonyaka we-1996.

I-arrows izovakashe­la icape Town City ngolwesith­athu ukuzama ukuthola amaphuzu okuqinisa indawo kwi-top 8, kanti ibucs izogijimis­ana neAjax Cape Town ngosuku olufanayo. I-ajax nayo isempini yokuqeda kwi- top 8. Ibucs izovala isizini ngokududul­ana nayo i-arrows ngomgqibel­o womhla zingama-27 emoses Mabhida Stadium, ethe-kwini. Ngaphambi kwalo mdlalo, lama kilabhu azophinde atholane kwi

Semi Final yenedbank Cup ezokuba ngempelaso­nto emagogo.

Ozonqoba lapha uzobhekana nozodlula phakathi kwechippa United nesuperSpo­rt United kwenye i- Semi Final. Owamanqamu uzokuba semoses Mabhida Stadium ngenyanga ezayo.

“Ibaroka ayizange yakhe amathuba angako ibidlala amabhola amade.

"Nokho ayizange ingijabuli­se indlela esivuzise ngayo amagoli udonga lwethu luphisane ngamagoli alula.

Uma sifuna ukubamba indawo yethu kwi-top 8 kufanele sikugweme ukwenza amaphutha anjena.

"Ngaphandle kwalokho kuhle ngoba sithole amaphuzu amathathu,” kusho uclinton Larsen we-arrows.

Umilton Dlamini ocija ibaroka uthi basazolivi­ka izembe. “Sihluliwe impela kodwa lokho akuchazi ukuthi sesiliphos­ile ithawula ngokuvika izembe.

"Kufanele sinqobe umdlalo owodwa nje bese siyasuka kule ndawo esikuyona,”

kusho udlamini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UMATOME Mathiane ongukapute­ni we-golden Arrows emdlalweni nebaroka FC izolo ngomgqibel­o eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UMATOME Mathiane ongukapute­ni we-golden Arrows emdlalweni nebaroka FC izolo ngomgqibel­o eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa