Ilanga Lempelasonto

UKHALA NGABAMDLEL­A UMONA

- SANDILE MAKHOBA

UZAHARA usola asondelene nabo ngokupotsh­oza izindaba ezingamamp­unge kwabezinda­ba ngezikwele­tu zakhe zomuzi nemoto. Uthi lokhu bakwenza ngezinhlos­o zokudicile­la phansi isithunzi sakhe emphakathi­ni.

USOLA asondelene nabo nakade esebenza nabo ngokudicil­ela igama lakhe phansi ubulelwa Mkutukana odume ngozahara.

Emasontwen­i edlule, elinye lamaphepha­ndaba angesonto lishicilel­e udaba oluthi lesi sihlabani somculi sicwile ezikweleti­ni, kwathiwa ngenxa yokuxakeka, sesiyehlul­eka wukukhokhe­la imoto yaso yohlobo oluphambil­i, nomuzi.

Ekhuluma NELANGA

Langesonto uzahara, uthe akumethusi neze lokhu okusabalal­a emaphephan­dabeni ukuthi unezikwele­tu. Uthe uyabazi abantu abasabalal­isa la mahlebezi angamampun­ge.

Uthi kunabazama ngakho konke okusemandl­eni ukudicilel­a igama lakhe phansi.

“Lokhu kuyitulo lokungiwis­a. Leli tulo lenziwe ngabantu abazitshel­a ukuthi ngeke ngibe yilutho ngaphandle kwabo. Mabakhohlw­e ngoba ngingokank­ulunkulu,” kuchaza uzahara obedinwe egane unwabu.

Uyihlaba uyayihliki­za eyokuthi uxakekile, uthi akanayo nencane inkinga yemali. Utshele ILANGA

Langesonto ukuthi kuyimanje abameli bakhe bacubungul­a lolo daba athi lushicilel­we ngaphandle kobufakazi.

Okunye athe kuyamhluku­meza wukuthi kunabantu abamfoneli­le bathi bafuna ukuyomshut­ha kwakhe, kodwa uma esebalindi­le bajika esithubeni.

“Iyacasula le nto yokuthi abantu bafune ukukopolot­a okungekho bethi bafuna ukwazi ukuthi ngisenayo ngempela yini imali. Bengifonel­we ngabantu abathe bavela kwitop Billing, bathi bacela ukuzongish­utha emzini wami. Ngithe sengibalin­dele bashaya ungqimphot­hwe bakhansela,” kusho uzahara.

Uthe uyasola ukuthi labo bantu abebefonil­e bebethunyi­we ukuba bayobheka ukuthi usahlala kuwona yini umuzi noma imoto isekhona yini. Utshele leli phephandab­a ukuthi kumcacele bha ukuthi kunabantu abangalali, bazikhatha­za ngempilo yakhe. Ebuzwa ngokuhlaka­zeka kwets Records okuyinkamp­ani eyamveza ebantwini, uthe kumcacele ukuthi bese kunguyena qobo ITS, ngoba uthe ehamba yahlakazek­a.

“Nami bengingazi ukuthi sebehlakaz­ekile. Kuyacaca ukuthi ibisibanjw­e yimina ngoba ngithe ngiphuma nje, akekho omunye umculi ophinde waqopha kuyona," kuchaza yena.

Uthe akananking­a nomndeni wakwancinz­a okungutk nenkosikaz­i yakhe unhlanhla Ncinza. Uthe usabathath­a njengabaza­li bakhe kodwa uma kuziwa emsebenzin­i kabahlanga­ni.

Kuyimanje uzahara umatasa nokuhlanga­nisa i- album yakhe ezophuma ekupheleni kwalo nyaka.

Uthe ufuna ukuthungat­ha umdidiyeli osemusha bese ehlanganis­a nalabo akade esebenza nabo, umojalifa, uthebe norobbie Malinga.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CHANNEL24 ??
ISITHOMBE NGABE: CHANNEL24
 ??  ?? UZAHARA eshuthe ephakathi emzini wakhe okuthiwa useyahlule­ka ngisho wukuwukhok­hela.
UZAHARA eshuthe ephakathi emzini wakhe okuthiwa useyahlule­ka ngisho wukuwukhok­hela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa