UKHALA NGABAMDLELA UMONA
UZAHARA usola asondelene nabo ngokupotshoza izindaba ezingamampunge kwabezindaba ngezikweletu zakhe zomuzi nemoto. Uthi lokhu bakwenza ngezinhloso zokudicilela phansi isithunzi sakhe emphakathini.
USOLA asondelene nabo nakade esebenza nabo ngokudicilela igama lakhe phansi ubulelwa Mkutukana odume ngozahara.
Emasontweni edlule, elinye lamaphephandaba angesonto lishicilele udaba oluthi lesi sihlabani somculi sicwile ezikweletini, kwathiwa ngenxa yokuxakeka, sesiyehluleka wukukhokhela imoto yaso yohlobo oluphambili, nomuzi.
Ekhuluma NELANGA
Langesonto uzahara, uthe akumethusi neze lokhu okusabalala emaphephandabeni ukuthi unezikweletu. Uthe uyabazi abantu abasabalalisa la mahlebezi angamampunge.
Uthi kunabazama ngakho konke okusemandleni ukudicilela igama lakhe phansi.
“Lokhu kuyitulo lokungiwisa. Leli tulo lenziwe ngabantu abazitshela ukuthi ngeke ngibe yilutho ngaphandle kwabo. Mabakhohlwe ngoba ngingokankulunkulu,” kuchaza uzahara obedinwe egane unwabu.
Uyihlaba uyayihlikiza eyokuthi uxakekile, uthi akanayo nencane inkinga yemali. Utshele ILANGA
Langesonto ukuthi kuyimanje abameli bakhe bacubungula lolo daba athi lushicilelwe ngaphandle kobufakazi.
Okunye athe kuyamhlukumeza wukuthi kunabantu abamfonelile bathi bafuna ukuyomshutha kwakhe, kodwa uma esebalindile bajika esithubeni.
“Iyacasula le nto yokuthi abantu bafune ukukopolota okungekho bethi bafuna ukwazi ukuthi ngisenayo ngempela yini imali. Bengifonelwe ngabantu abathe bavela kwitop Billing, bathi bacela ukuzongishutha emzini wami. Ngithe sengibalindele bashaya ungqimphothwe bakhansela,” kusho uzahara.
Uthe uyasola ukuthi labo bantu abebefonile bebethunyiwe ukuba bayobheka ukuthi usahlala kuwona yini umuzi noma imoto isekhona yini. Utshele leli phephandaba ukuthi kumcacele bha ukuthi kunabantu abangalali, bazikhathaza ngempilo yakhe. Ebuzwa ngokuhlakazeka kwets Records okuyinkampani eyamveza ebantwini, uthe kumcacele ukuthi bese kunguyena qobo ITS, ngoba uthe ehamba yahlakazeka.
“Nami bengingazi ukuthi sebehlakazekile. Kuyacaca ukuthi ibisibanjwe yimina ngoba ngithe ngiphuma nje, akekho omunye umculi ophinde waqopha kuyona," kuchaza yena.
Uthe akanankinga nomndeni wakwancinza okungutk nenkosikazi yakhe unhlanhla Ncinza. Uthe usabathatha njengabazali bakhe kodwa uma kuziwa emsebenzini kabahlangani.
Kuyimanje uzahara umatasa nokuhlanganisa i- album yakhe ezophuma ekupheleni kwalo nyaka.
Uthe ufuna ukuthungatha umdidiyeli osemusha bese ehlanganisa nalabo akade esebenza nabo, umojalifa, uthebe norobbie Malinga.