Ilanga Lempelasonto

Umculi uyazisola ngokujola noben 10

EZOSAZIWAY­O: Uthi kumehlise isithunzi, kwamphoxa

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UYAZISOLA umculi ozakhele udumo eminyakeni yama-90’s ngokujola noMsawawa obewuben 10 wakhe.

Untokozo Masinga uthi isahluko somjolo wakhe nomsawawa akasiphuph­i ngisho elele.

Uthi ukuba kuya ngaye ngabe akwenzekan­ga ukuba bajole futhi uthi akazi nokuthi yayiqale kanjani.

“Ngiyazisol­a kakhulu ngalobu budlelwano ngoba bungehlise isithunzi, baphoxa nabantu abaningi engisondel­ene nabo okubalwa kubo umndeni nabalandel­i bomculo wami,” kusho untokozo. Uqhuba watshela ILANGA

Langesonto ukuthi kuningi okonakala empilweni yakhe ngesikhath­i ejola nalo mculi.

“Ngiyazi ngibe nawo amaphutha kulo mkhakha (womculo), ngaphoxa nabantu abebengith­embile okubalwa kubo nomdu Ngcobo ofana nobaba kimina emculweni. Kodwa kukho konke, akukho okwedlula okokujola nomsawawa,” kuqhuba untokozo engeza ngokuthi ukuba kuya ngaye ngabe akakhulumi nokukhulum­a ngalobu budlelwano.

Ukujola kwalaba baculi kuphenduke undabuzekw­ayo cishe ngowezi-2009 kwazise untokozo ubemdala kunomsawaw­a. Nabo bebengakuf­ihli ukuthandan­a kwabo njengoba bebebonaka­la emicimbini eyahlukene, kucaca

ukuthi bangamathe nolimi. Ngaleso sikhathi futhi bobabili bebengapha­nsi kwenkampan­i itouch Africa.

Untokozo ubonakale okokuqala e-unique Lifestyle Cafe ngesonto ngemuva kweminyaka emihlanu enyamalele kulo mkhakha.

Kulo mcimbi bekuhlonis­hwa umdu Ngcobo ongumnikaz­i wetouch Africa futhi osevundulu­le inqwaba yabaculi okubalwa naye untokozo.

Untokozo uqhulule amanoni aduma ngawo okubalwa esihloko sithi, “All I Need” nethi “Hello”.

Udalule ukuthi usekhuza ibuya emculweni futhi esekhulile.

Uthi kuphoqelek­e ukuba aqale axolise kungcobo ngaphambi kokuba amamukele futhi njengoba esazoqhube­ka nokusebenz­a netouch Africa.

“Baningi abantu engiqale ngaxolisa kubona kanti namanje ngisaxolis­a kakhulu kubalandel­i bami ngakho konke engikwenzi­le ikakhuluka­zi okomjolo. Ngifundile kulesi senzo njengoba singasophi­nde senzeke,” esho.

Uthi okwamanje akajoli namuntu kodwa uzithandel­a indodakazi yakhe athi isho lukhulu kuyena.

Ngakolunye uhlangothi umsawawa wenqabile ukuphawula ngokujola kwakhe nalo mzwilili.

“Akukho engizokuph­awula okuthinta untokozo, ngiyaxolis­a,” eshaya ngamafuphi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNTOKOZO Masinga akayiphuph­i ngisho elele eyokujola nomsawawa.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNTOKOZO Masinga akayiphuph­i ngisho elele eyokujola nomsawawa.
 ?? ISITHOMBE: DAILY SUN ?? UMSAWAWA, ogama lakhe langempela ngusibonis­o Dlamini oke wathandana nontokozo Masinga.
ISITHOMBE: DAILY SUN UMSAWAWA, ogama lakhe langempela ngusibonis­o Dlamini oke wathandana nontokozo Masinga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa