Ilanga Lempelasonto

"Kuyangikhu­lisa ukusebenza nabanye"

- SIZIPHOLEL­E: LUCKY CAIN

UMA ucabanga umculo wekwaito ngeke lingakufik­eli igama likaprofes­sor Langa ongomunye wabaculi abadlisayo kulolu hlobo lomculo.

U-professor ungomunye wabaculi abadumile futhi osekhiqize inqwaba yezingoma ezishisa izikhotha. Kunoma yimuphi umcimbi wobumnandi kukancane lapho ungeke uyizwe khona ingoma enaye futhi othola abantu beyidansel­a. Abaningi baqale ukumazi ecula notzozo ingoma yodumo ethi “Woz’edurban”.

Uma kuvela ehhovisi ukuthi kumele kupholwe noprofesso­r ngisukumel­e phezulu kwazise ungomunye wabaculi engibahlon­iphayo futhi osezuze olukhulu kulo mkhakha. Ngiphikele­le emzini wakhe okwaz emlazi, eningizimu yetheku, ngihamba nomthwebul­i waleli phephandab­a, USANDILE

MAKHOBA.

Simfica umatasa uxilonga i-laptop yakhe, kukhona azama ukukwenza kodwa sengathi akwenzeki ngendlela okubukeka ngayo.

“Hhola bafwethu, kuhamba kanjani?” esamukela singena ngaphakath­i. Kumabonaku­de kudlala iphalamend­e nokwenza ngibe nentshisek­elo yokwazi ukuthi ucabangani ngesimo sepolitiki eningizimu Afrika.

“Isimo esibhekene naso sepolitiki sibi ngoba iqembu elibusayo libukeka sengathi lihlukene phakathi. Ubonakala uxhawula lo kuthiwe kusho ukuthi uhambisana nolunye uhlangothi. Kungakuhle ukuba kubuyiswan­e, lihlangane (iqembu) ngoba ukuhlukana kwalo kubuyisela izwe emuva,” kusho uprofessor ekubeka kucace ukuthi uhambisana neqembu elibusayo kodwa akuyona into afuna ukuyiqhaka­mbisa kakhulu leyo. Sisakhulum­a ngepolitik­i uveza ukuthi uyakhala nangendlel­a esingenise ngayo emculweni.

“Uma ubheka, singabacul­i asihlangen­e sisodwa nokwenza amabhizini­si ahluleke wukusebenz­a nathi. Abaculi bajaha izinto ezingahlan­gani nabo, bazifake kuzona. Uma ubona umculi bheka ukuthi ningasizan­a kanjani ukuze nikhululis­ane,”

esho.

U-professor uyaziwa ezingomeni eziningi ebezishisa izikhotha okubalwa kuzo ethi, “Imoto Entshontsh’ imali”, “Jezebel”, “KOTW Anthem” kasphectac­ula nonaives, “Umsindo wedurban’s Finest nezinye eziningi.

Ugcine ukukhipha i-album egcwele ngowezi-2013 njengoba eveza ukuthi uzimisele ngokukhiph­a kulo nyaka. Echaza ngesizathu esiholele ekubeni angakhiphi iminyaka emithathu uthi ubesafuna ukuhlangan­yela nabanye abaculi.

“Kuhle ukuba noma ungayikhip­hanga i-album kodwa ungapheli kubantu. Kuyakukhul­isa ukusebenza nabanye abaculi ngoba kuningi okufundayo ngezinhlob­o ezahlukene zomculo nangendlel­a abanye abaculi abenza ngayo izinto,” echaza.

Sikhuluma nje ngiyakuqap­hela ukuthi umculo ungaphakat­hi kuyena njengoba eshintsha nasebuswen­i uma esekhuluma ngawo.

Uthi ngaphambi kokuba ahlanganye­le nomunye umculi noma UDJ kuningi akubhekayo njengokuth­i ngeke yini kumehlise isithunzi ukucula nalowo mculi.

“Ngibheka indlela lowo mculi abantu abamamukel­a ngayo nokuthi ingoma yakhe iyahambisa­na yini nesitayela sami,” esho. Uthi nakuba kubukeka sengathi izinto zimhambela kahle emculweni kodwa uhlangabez­ane nazo izingqinam­ba ezinye zazo ezimfikise­la ngosizi.

“Kubuhlungu ukuba abantu bangalibon­i igalelo obe nalo empilweni yabo uma sebephumel­ele. Ngisebenze nabaculi nodj abaningi, ngibhala izingoma ezishise izikhotha kodwa kuyaye kube nzima ukuthola ukunganakw­a ngeqhaza engisuke ngilibambi­le,” esho esukuma eyobheka ekhishini kwazise ubethenge ukudla kwesintu obese kudinga ukufunduny­ezwa.

Uthi uphatheke kabi ngesikhath­i sekuba khona abantu abebefuna ukudla amandla akhe ngengoma ethi, “Woz’edurban”.

“Le ngoma ngayibhala mina futhi ekalawa bayakwazi lokho kodwa sekukhona abantu abahamba betshela abantu okunye,” echaza ngale ngoma ayicula notzozo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi akubanga kuhle ukuhlukana kwakhe notzozo njengoba kwabikwa izinto eziningi kwaze kwavela nombango wemali phakathi kwabo nokunye. Ngaphambi kokuchaza ngokuhluka­na kwakhe notzozo ubuyela kusofa uyazinza.

“Ngesikhath­i kwenzeka kwaba buhlungu ngoba utzozo obaziwa kakhulu kunami nakuba besiseqenj­ini elilodwa ngakho kube nalokho kodwa uma ngibheka manje kwakumele kwenzeke ukuze kube nje. Ngeke ngande kakhulu ngokwasihl­ukanisa kodwa ngiyabonga ukuthi kwenzeka ngoba kwavela elinye isayidi ngami enganginga­linakile,” engeza ngokuthi akananxa notzozo futhi basaxhuman­a namanje.

Ngolwesine bekunemash­i yamaciko lapho ebehambisa uhlu lwezikhalo mayelana nokuthi lungase luphele uhlelo lwakwasaBC lokudlala u-90% womculo ovutshelwe kuleli. U-professor uthi kungakubi kakhulu uma inhlangano yezokusaka­za ingase iluqede lolu hlelo.

“Uhulumeni kumele asibhekele­le nathi njengamaci­ko ngoba sibe nayo indima esiyidlali­le kulo hulumeni obusayo. Uma bekhankasa bayasithin­ta siyobakhan­kasisa, sinandise emicimbini yabo, kwesinye isikhathi ngaphandle kwenkokhel­o.

Ngakho makangenel­ele ngoba thina siyahlomul­a kulolu hlelo futhi kuyasikhut­haza ukuba siqhubeke nokukhiqiz­a umculo osezingeni ozothola ithuba lokudlalwa emisakazwe­ni eyahlukene,” kusho lo mculi osanda kusungula inkampani yakhe ebizwa ngeproper Files.

Uthi le nkampani yakhe izosebenza ngokubambi­sana neKalawa njengoba yona izoqeqesha, ithuthukis­e amaciko ngaphambi kokuba asayine ngaphansi kwekalawa.

“Ikalawa yikhaya lami okuyilona elingenze ngaba kuleli zinga ngakho angisoze ngayilaxaz­a. Ukuqala kwami inkampani bekuyindle­la yokukhula kulo mkhakha kodwa ngibambisa­ne nekalawa njengoba kuseyiyona enkulu,” esho.

Uth i ne-album yakhe

azoyikhiph­a ngasekuphe­leni konyaka izophuma ngaphansi kwazo lezi zinkampani ngokubambi­sana bese isatshalal­iswa yi-universal. Uthe ngaphansi kwenkampan­i yakhe usayine i-avante, Ndu Shezi, Oros, Malini, Nels, Gudman, DJ Mngani no-emza.

Uprofessor usanda kukhipha ingoma eshisa izikhotha ethi, “Unobenga”. Le ngoma uyicula ngokuhlang­anyela nondu Shezi wodumo lweJoyous Celebratio­n nothebe othathwa njengenkak­ha emculweni wekwaito. “Abantu sebeqalile ukukhombis­a ukuyithand­a njengoba ngesikhath­i iphuma kuma-download ngeledlule ihambe phambili kanti nasezindaw­eni lapho nginandisa khona abantu bayayidans­ela. Kuyangijab­ulisa ngendlela abayamukel­a ngayo,” esho encoma ingoma yakhe.

Ngaphandle komculo, uprofessor uthi uyazifela ngebhola likanobhut­shu zwayo njengoba engumlande­li weKaizer Chiefs, uthi namaqembu akwazulu-natal uyaweseka. “Ngithanda nokubongel­a ithanda Zulu Royal ngokunyuke­la esigabeni esiphezulu SEPSL,” esho. Sesiphothu­la ingxoxo yethu ungazisa ngezinhlel­o aphezu kwazo zokwenza umcimbi kamaskandi eport Shepstone ngalapho ezalwa khona. Uthi lo mcimbi uhlela ukuwenza ngasekuphe­leni kukamandul­o (September). “Ngiyazi ukuthi kunoqhekek­o olukhona kubaculi kodwa kulo mcimbi sizogqugqu­zela ubunye nokuzwana,” ephetha.

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA/ZITHUNYELW­E ?? U-PROFESSOR nabanye abaculi abangaphan­si kwenkampan­i yakhe.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA/ZITHUNYELW­E U-PROFESSOR nabanye abaculi abangaphan­si kwenkampan­i yakhe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa