Ilanga Lempelasonto

Kubhekwe imiklomelo ehlabahlos­ile

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

KULINDELEK­E ukuba unyuke umklomelo kozodla umhlangani­so emncintisw­aneni wakuleli wamakhono obizwa ngesa’s Got Talent okhonjiswa esiteshini sikamabona­kude esizimele i-e.tv.

Lo mncintiswa­no, osekuwunya­ka wesi-8 uqhubeka kuleli, usunabaxha­si abasha benkampani yezobuchwe­pheshe isamsung.

Ngokwesita­timende esithunyel­elwe abezindaba, ukuhlababa­na ngalaba baxhasi kwalo mncintiswa­no kusho ukuthi izokwanda imiklomelo ezotholwa ngabazofin­yelela kowamanqam­u, nalowo ozodla umhlangani­so.

I-SA’S Got Talent ingenye yemincinti­swano ehamba phambili ngokuthaka­selwa eningizimu Afrika kanti baningi asebezakhe­le igama abaqale ukubonakal­a kuwona lo mncintiswa­no.

U-marlon Davids, oyimanagin­g Director kulesi siteshi sikamabona­kude, uzwakalise ukujabula ngokujoyin­wa yisamsung kulo mncintiswa­no.

“Kuyintokoz­o enkulu kithina nakulabo abazongene­la lo mncintiswa­no ukuthola abaxhasi abafana nosamsung. Isamsung yinkampani enkulu futhi ekhiqiza izinto ezihamba phambili kwezobuchw­epheshe kanti kuyasithok­ozisa ukuthi nabo bakukhatha­lele ukuvundulu­lwa kwethalent­e eningizimu Afrika,” esho.

Isikhulu sezokumake­tha nokuxhuman­a kwasamsung South Africa, umichelle Potgieter, sincome lo mncintiswa­no ngokukhiqi­za nokuvundul­ula ithalente eningizimu Afrika.

“Siyazigqaj­a ngokuba sibe yingxenye yalo mncintiswa­no kanti sinxusa nabantu baseningiz­imu Afrika ukuba baphume ngobuningi ukuyoveza amakhono abo ezifundazw­eni zabo ezahlukene,” esho.

Uthembise abantu ukuthi bazoyithok­ozela imiklomelo abazoyizuz­a kulo mncintiswa­no njengoba izomenyeze­lwa ngokuhamba kwesikhath­i.

Kulabo abazimisel­e ngokungene­la lo mncintiswa­no, inhlolokho­no yasethekwi­ni izoba mhla zingama-20 kwephezulu emoses Mabhida Stadium.

Amasango azovulwa ngehora lesi-7 ekuseni.

Kunxuswa abantu ukuba basheshe bafike kwazise abazofika ngemuva kwasemini bebade (12:00) ngeke besavunyel­wa ukungenela. Amajaji alo mncintiswa­no ngujamie Bartlett, Shado Twala nodj Fresh.

 ?? ISITHOMBE NGABE: E.TV ?? UDJ Arch Junior udle umhlangani­so kulo mncintiswa­no ngowezi-2015 ngemuva kokuhlaba amajaji umxhwele ngekhono lokuklwebh­a amapuleti.
ISITHOMBE NGABE: E.TV UDJ Arch Junior udle umhlangani­so kulo mncintiswa­no ngowezi-2015 ngemuva kokuhlaba amajaji umxhwele ngekhono lokuklwebh­a amapuleti.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa