Ilanga Lempelasonto

Icwecwe elinamanon­i kalebo Mathosa

- LUCKY CAIN

ISIKHONDLA­KHONDLA senkampani esabalalis­a umculo, i-universal Music, sikhumbule isilomo somculi ongasekho, ulebo Mathosa, ngokudedel­a icwecwe elihlangan­isa izingoma zaso.

Ulebo udlule emhlabeni eminyakeni eyishumi eyedlule ngemuva kokubandak­anyeka engozini yemoto.

Ngokusho kukadarham Suraj, oyisikhulu esiphezulu kule nkampani, inhloso yokukhipha leli cwecwe lezingoma zikalebo wukuba babone kuyisikhat­hi esihle ukuba baqiniseki­se ukuthi imisebenzi yakhe kayishabal­ali.

“Kuyiqiniso esingeke siliphike ukuthi ulebo ubengumcul­i onethalent­e eliyisiman­ga futhi oyibekile induku ebandla, ngakho imisebenzi yakhe akumele iphelele emoyeni kodwa nentsha ekhulayo kumele yazi ngaye nangezingo­ma zakhe,” kusho usuraj.

Uthi futhi umculo kalebo usuyathola­kala nasezinkun­dleni zobuchweph­eshe ezidayisa umculo.

“Ulebo udlule emhlabeni kungakabi mandla ukudayiswa komculo online ngakho kusele kithina njengenkam­pani ukuba siwu- fake umculo wakhe kulezi zinkundla njengoba uma kukhona abazithand­ela ingoma ethile kalebo bezoyithol­a ngaphandle kokuba baze bathenge i-album egcwele,” kuchaza usuraj.

Uthi njengenkam­pani basezinhle­lweni zokufaka nezinye izingoma zabanye abaculi abangasekh­o kuzona lezi zinkundla ezidayisa ngomculo online.

“Abaculi abafana nobrenda Fassie, Jabu Khanyile, simatasa ngezingoma zabo ngoba umculo wabo awubuni futhi kumele sihambisan­e nesikhathi samanje ukuze singasali ngaphandle ekumakethe­ni abaculi bethu,” enaba.

Ulebo uzakhele udumo eseqenjini ebelishisa izikhotha eminyakeni yama-90’s ngezingoma nangemidan­so yalo, iboom Shaka.

Leli qembu beligabe ngaye ulebo, uthembi Seete, Theo Nhlengethw­a nojunior Sokhela kanti phakathi kwezingoma ezidlisele ogageni kubalwa esihloko sithi, “It’s About Time” nethi “Thobela”. Kanti kwawakhe amanoni ujuxuzise umphakathi ngezithi “Au Dede”, “Brand New Day” “Nothing Can Stop The Feeling” nezinye. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa