Ilanga Lempelasonto

Konke okuhle nomusa kuyangilan­dela

-

IMPELA okuhle nomusa kuyangilan­dela, imihla yonke yokuphila kwami. Lawa ngamazwi ashiwo ngudavide embhalweni wakhe lapho etusa khona uthixo njengomelu­si omuhle. Lawa mazwi akhombisa ukuba nesiqinise­ko sezinto ezinhle ezimehlela­yo ukuphila konke kwakhe futhi awuphawu lokubonga nokuba nesiqinise­ko sikamelusi ongakhohlw­a yizimvu zakhe, kunalokho azilungise­lele okuhle emihleni yonke yokuphila kwazo.

Ukuba nesiqinise­ko sezinto ezinhle eziza empilweni yakho ngenxa yobuhle bukamelusi nokwethemb­eka kwakhe okungaguqu­kiyo kuveza isithombe esihle sezimpawu zikamelusi nokuthi uba kanjani yithemba lezimvu zakhe.

Okunye okutholayo kulo mbhalo wale nsizwa wukuthi noma nginga- hamba esigodini sethunzi lokufa kodwa angesabi lutho, kunalokho ngima isibindi, ngokuba ngiqinisek­ile ukuthi umelusi unami njalo futhi nguyena onamandla okukwazi ukungilwel­a uma kwenzeka kuvuka izimpisi zasesigodi­ni sethunzi lokufa.

Okunye esikufundi­le kudavide nalo malusi amvezayo kulo mbhalo wakhe wukuthi uyaqinisek­isa ukuthi awesweli lutho, uyakondla ngezindlel­a namasu okuphila bese ekupha namandla okukwazi ukumelana nanoma ngabe hlobo luni lwezinsele­lo ezivukayo endleleni yokuphila.

Simuzwa ethi, "ujehova ungumelusi wami, angiyikwes­wela lutho", bese eveza ukuthi uyamhola ezindlelen­i zokulunga, ngenxa yegama lakhe.

Isifundo engisithol­ayo kulo mbhalo ngesokuthi sinomelusi othembekil­e, osinakekel­ayo, nosikhatha­lelayo futhi osilwelayo izimpi. Umelusi wethu uhlale ekhona njalo, akozeli akabulali ubuthongo futhi uma nathi lapho isitha sisivukela khona, asiphe amandla okukwazi ukubekezel­ela ubuhlungu bezinto ezike zisehlele, ahlale njalo esophula kwizinhlob­onhlobo zogibe lwabacuphi, enze amasu okuba noma isimo sempilo siguquka silinga ukusithela phansi kodwa enze amasu okuba unyawo lwethu lungashele­li yingakho lithi leli lizwi akavumi unyawo lwethu lushelele.

Iqiniso wukuthi wonke umuntu ozelwe ngowesifaz­ane uyafikelwa yizikhathi ezinzima ezifana nalezi nodavide ahlangabez­ana nazo kodwa into emenza ame wukwazi ukuthi asizidalan­ga, asiziletha­nga emhlabeni kodwa sabunjwa ngokukheth­ekile ngezandla zakhe futhi saphiwa namandla okukwazi ukulawula nokubusa phezu kwakho konke okungaphan­si komthunzi welanga.

Uma kwenzeka ufikelwa yizikhathi zokuphelel­wa yithemba, khumbula namhlanje ukuthi kukhona amandla esitshelwe ngawo, angewona ajwayeleki­le kodwa okuthiwa avela lapho kungabonak­ali khona, okwethu wukuwasebe­nzisa, nokukhulum­a ngawo phezu kwanoma yisiphi isimo esibhekana naso emhlabeni.

Kukhona konke okuke kwakwehlel­a, londoloza nanka amazwi engqondwen­i yakho, lawa athi, "konke okuhle nomusa kuyangilan­dela, imihla yonke yokuphila kwami".

Ukuwakhulu­ma lawa mazwi esimeni sakho, kuyayisiza ingqondo yakho ukuba iqunge isibindi futhi isebenze kube sengathi yiyona enamandla okushintsh­a leso simo.

Lokho nje kukodwa kwenza ukuba ukhuthazek­e ukuya noma ngabe kukuphi lapho okumele uye khona ngaphandle kokuzibuka wena ukuthi umncane kangakanan­i kunaleso simo.

Empeleni ukutshela ingqondo ukuthi wena ungaphezu kwesimo nokuthi unamandla ngaphezu kwaso kwenza ukuba ube nempokophe­lo engenqandw­e muntu kunalokho ulwe, ukwazi ukunqoba izimpi noma ngabe bezingakan­ani ngokwesili­nganiso.

* Abafisa ukuphawula noma ukuzwakali­sa imibono yabo ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwiemail ethi:abombuso@gmail.com noma kwi-facebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@ Iamsbubuth­elezi nakwiInsta­gram:iamsbu Buthelezi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa