Ilanga Lempelasonto

EZINDABENI EZITHINTA UKUBULALA ENDIMENI KAMASKANDI NOKUSHAYWA KWENTATHEL­I YELANGA NGUMTHANDE­NI "IGCOKAMA ELISHA" MANQELE, NANSI IMIBONO YABAFUNDI KU-WHATSAPP:

-

NGIBABAZA ubuwula obukhunget­he thina ndlu emnyama ngoba njalo lapho esihlangen­e khona kuchitheka igazi. Umculo kamaskandi kawuyichaz­i yonke le nto osuyiyona manje. Mawuzobhek­a ngeso elibanzi abaculi bakamaskan­di bangosopol­itki ngokolimi abalukhulu­mayo. Sigqoka umfaniswan­o, siyavota, ingasaphat­hwa eyemicimbi yakhona. Kudlaliwe ngabantu bakithi!

Kancane kancane kunomcimbi, kudliwa imali yabantu bakithi mahhala bevele bedonsa kanzima. Ngeke lungasuki-ke uthuthuva ngoba njalo la kuhlangenw­e kuyaklolod­elwana. Nabaculi bakhona bayopha emlonyeni benjalo nje, ekugcineni bathole ingqobe uma abavuni sebehambe nesamba semali.

Ngabe kungcono ukuba nale mali okuvotwa ngayo inikezwa lowo osuke ewinile ngabe kuyezwakal­a. Uhulumeni makangenel­ele kwehliswe le micimbi enguchithi saka, ongayazi ukuthi ngeyani, kungenjalo itshe limi ngothi Nkombose kababa. Intatheli mayenze ekuqashelw­e nayo, ingagxambu­keli ezinxushun­xushwini zabaculi bakamaskan­di.

Lokhu ngizogadla ngibhekise kumthobisi Sithole, ujobe, ngala mazwi akhishwa wukhuzani Mpungose ethi: “Uyabatshel­a yini abantu ukuthi nguyena umthobisi owakufaka emcimbini obusejozin­i ngo-2014 wase umcela eceleni wathi akabhale ukuthi abalandeli bacele impinda.”

Kule nkulumo kucaca ngokusobal­a ukuthi akasawenzi umsebenzi wakhe umthobisi wokushicil­ela ulwazi nolimi olungachem­ile, usengene shi. Noma ebhala ngegcokama Elisha ulimi lwakhe kaluqondil­e kahle, luchemile futhi luyezwakal­a. Masiwathan­de amaciko akithi, siziqhenye ngobubhinc­a bethu kodwa kungashayw­ana kufe abantu bakithi befela uthando nje lwamaciko.

Kuyamangaz­a, kuyethusa ukuthi umaskandi manje usunezidum­bu phansi, okusiphoxa nakwezinye izizwe ezisibona ubuwula. Hlanganani mazulu nibumbe isizwe sikaphunga nomageba, phansi nezikhali, masithelel­ane amanzi. Mayiduduze­ke nemindeni eshonelwe. Yimpi yengoma lena bakwethu. Ntuthuko Mabhavane Shange, Eshowe EVUMA

MAKUKHUZWE le nto yodlame emculweni kamasikand­i, kungafani namaqembu asenaturen­a alwayo. Khuzani abalandeli bakamaskan­di, kungaliwa. Nampa nje oshwi nomtekhala kepha bayaphumel­ela, bakhona nophuzekhe­misi nohhash’ Elimhlophe asebehlali­le kule ndima yomculo, pho laba kungani bebona sengathi bazophumel­ela uma belwa? Bongah Pondoh Gazu, Enkandla EZINYOSI

CHA, impela kayemukele­kile into eyenziwe yigcokama kodwa selibekeze­le isikhathi eside bo umthobisi Sithole ekhwela ezehlela. Kusicacele ngokusobal­a thina balandeli ukuthi akakaze ambeke kahle umthandeni ujobe, akekho ongaboni ukuthi umthobisi ucheme nokhuzani wangakubo. Philasande Majola, EZAKHENI

NGIFISA ILANGA lisenekele ukusuka nokuhlala kwengxoxo yegcokama nomthobisi ukuze sazi ukuthi isisusa siyini ngoba kangethemb­i ukuthi umthandeni uvele wamshaya nje engashongo lutho okamondise. Bese ngicela ukuthi nalo ILANGA likhumbuze izintathel­i ukuthi zona okwazo wukwenza umsebenzi ngendlela engenakuch­ema, kube nohlelo olungaphak­athi KWILANGA lokubuka indlela izintathel­i ezibhala ngayo nezikhulum­a ngayo nabantu uma kukhona ezifisa ukukuthola zikudlulis­ele esizweni. Ngaphambi kokuba nigxeke umthandeni naye umthobisi mnukeni amakhwapha. Efika nje qathatha emculweni umthandeni, umthobisi wabhala ukuthi uyinkabi ubulala abantu. Kuthe kusenjalo kwaphuma ukuthi uyisidakwa, ulala nomahosha. Nezindaba zokuthi umthandeni ushaywe ngudsd zaphuma KWILANGA, zibhalwe nguyena umthobisi. Kangazi noma uqashelwe ukucoshela okuqondene nomthanden­i kuphela yini. Baphathi BELANGA, yibuke- ni le ndaba, kunempi ekhona la. Umfundi WELANGA

UMTHOBISI umeyisa ephephanda­beni umthandeni, lifundwe yizwe lonke. Kwelangoms­ombuluko nje emuva kwesehlo sasecurrie­s Fountain umthobisi wathi abalandeli begcokama bazame ukuphazami­sa ukhuzani, esukela aluhlaza amanga, kube kungabalan­deli bakakhuzan­i abasuka ngamajuban­e bejabulela iqhawe labo baze bagibela esteji. Ehluhluwe ungizwe washaya umlandeli kamthanden­i ILANGA langasho lutho. Uma izintathel­i zichema isidana, zizoshaywa ngoba siyazi ukuthi ukhuzani uke waba yinxusa LELANGA, ezanyelwa yibo omthobisi nomphathi wakhe wakudala. Umfundi WELANGA, E-CLERMONT

MANGIKHUZE le nto eyenziwe yigcokama Elisha. Ndodana, kakubona ubugcokama lobu obenzile, ukushaya intatheli ngempama emngcwaben­i. Wubundlavi­ni lobo, kawunikang­a umngcwabo isithunzi sawo nawe futhi wazehlisa isithunzi. Okwenzile kakukhombi­si nokuthi ufundisiwe, kukwenza ube wuphuma silwe okomuntu owalusa kakhulu eqhathwa wafunda ukuthi insizwa mayikunyat­helile ungakhulum­i kodwa ulikhuze phezulu libe bomvu ikhanda. Ngiyakucel­a Gcokama Elisha, awufunde ukuzehlisa ube phansi sikukhuphu­le thina njengabala­ndeli bakho abakuthand­ayo, ungafundis­i intsha udlame. Philisiwe Khuzwayo, enanda OHLANGE

ISELULEKO sami wukuthi kufanele izikhulu ZELANGA zihlangani­se umthandeni nomthobisi ukuze le nto iphele ngoba ijiyile futhi kakusiyo eyamanje. Igcokama kumele lelulekwe lingaphind­i lokhu elikwenzil­e. Umfundi WELANGA

IGCOKAMA lisebenzis­e indawo engafanele, bekuyokhal­iswa umndeni wakwaxulu laphaya. Lokhu elikwenzil­e belingakwe­nza ngolunye usuku. N J Luthuli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa