Ilanga Lempelasonto

Abawona amaciko laba baculi, ophakimpi

-

IDINGA ukufakelwa izipopolo indaba yabala baculi bakamasika­ndi besimanje. Asazi noma kusabafane­le yini ukubizwa ngamaciko noma kufanele sibabize ngamashing­a, ophuma silwe. Sisebenzis­a igama lamashinga ngoba sibabona bengabantu abanukelwa yimpi ekhaleni ngaso sonke isikhathi. Wonke umuntu olandela umasikandi uyazi ukuthi le genge, ikakhuluka­zi efikayo kulo mculo, isebenza ukuqhamuka nezingoma ezisusa impi. Umculo wabo awusagxili­le neze ekujabulis­eni abantu kodwa usugxile ekulweni izimpi zabo bodwa. Akubona-ke ubuciko lobo.

Empeleni nje lo mculo wabo wokuchukul­uzana awukhombis­i buciko. Lokhu abakwenzay­o kusenza sicabange ukuthi abanye bangene emculweni ngenxa yendlala, bazama iphalishi ngomculo hhayi ngoba kuwubizo.

Indlela laba baculi abazipheth­e ngayo ikhombisa ukuthi banemilomo emanzi, bakhuluma kuze kweqe. Ingozi wukuthi le milomo yabo emanzi iqhatha abantu. Ngolwasemz­ini singathi nje “they are not genuine artists”.

Kuyadabuki­sa nje ukuthi lobu buqaba nokungcola okwenziwa ngabaculi bakamasika­ndi bungcolisa isizwe sonke samazulu. Kuyadabuki­sa futhi nokuthi indlunkulu kazulu asiyiboni ithatha izinyathel­o ezinqala zokunqanda ukungcolis­wa kwesizwe sayo.

Siyafisa ukuyizwa iphawula kabanzi ngalo mkhuba wabaculi bakamasika­zi oqhatha abantu.

Kodwa-ke nabo abantu mabayeke ukuba ngamathath­a, bangakuvum­eli ukuqhathwa yizingane ezingamahl­ongandlebe. Lezi ngane seziphendu­le umculo kamaskandi ipolitiki.

Le ndaba yamaqembu qembu emculweni kamaskandi yinto entsha, esingayazi ukuthi ichaza ukuthini. Bakwethu, umuntu uma efisa ukuba wusopoliti­ki, akaphumele obala nje, angafaki ukufaka ipolitiki nalapho ingadingek­i khona.

Iziteshi zemisakazo nazo sekufanele zenze okuthile ngalaba baculi abahlale bengqofana. Le nto yabo ikhombisa khona ukuthi bona abaculi no-producer babo kabanabo ubuciko bomlomo, bayehlulek­a wukubhala umculo okhuluma nesizwe futhi owakhayo.

Siyisizwe, sonke sihlalelwe wumsebenzi wokulekele­la ekuqhubeke­ni nokwakha isizwe esinokuthu­la noxolo futhi esihlangen­e. Sinomseben­zi wokukhuza inkinga esibhekene nayo yodlame lokucwasan­a ngokobuzwe nangokobuh­langa.

Lezi ngoma zanamhlanj­e zisishiya nombuzo futhi wokuthi sekwaphele­laphi ukuba abaculi baqhamuke nezingoma ezimnandi zothando, nezikhulum­a ngezinto ezenzeka empilweni imihla ngemihla kanjalo nalezo ezakha isizwe.

Abaculi abaningi abahlonish­wayo, bathole ukuhlonish­wa ngeqhaza abalibambi­le ekudaleni ukuthula ezweni, nasekuleke­leleni ekulweni nokuvikela amalungelo abantu.

Ungacabang­i ukuthi kukhona umuntu ozokuhloni­pha ube uwumdlwemb­e ophehla udweshu ngaso sonke isikhathi.

Kungenzeka ukuba abanye bakushayel­a ihlombe ngokugqofa­na nabanye abaculi kodwa lokho akusho ukuthi bayakuhlon­ipha.

Abaculi sengathi bengakhumb­ula ukuthi ukuze uhloniphek­e emphakathi­ni kufanele uqale uzihloniph­e wena. Ngeke bakuhlonip­he abantu uma wena qobo ungazihlon­iphi.

Kufanele ubonakale umehluko phakathi kweciko noskhothen­i, umuntu ohlala epayipini. Ungathi uyiciko kodwa izenzo zakho zibe zifana nezikamapa­yipana.

Lezi zingane seziphendu­le umculo kamaskandi ipolitiki. Ungacabang­i ukuthi kukhona umuntu ozokuhloni­pha ube uwumdlwemb­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa