Ilanga Lempelasonto

UTHATHA ISIHLALO SAKHE OBENTSHONT­SHELWE ESOBUKHOSI

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

KING ARTHUR: LEGEND OF THE SWORD UMQONDISI: Guy Ritchie ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Charlie Hunnam (Arthur), Astrid Berges-frisbey (The Mage), Jude Law (Vortigern), Djimon Hounsou (Bedivere), Eric Bana (Uther), Aidan Gillen (Bill) UHLOBO: Action/ Adventure/ Drama

IMINYAKA: 13 H/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

NGINGASHO nginganana­zi ukuthi abangazang­e bawuthande umsebenzi waphambili­ni kaguy Ritchie, ikakhuluka­zi isherlock Holmes, bazoba nenkinga efanayo nakule filimu.

Kuyinto engeyintsh­a ukuba umuntu osemncane abanjelwe isikhundla yizihlobo ngoba iminyaka ingakamvum­eli uma kuziwa ebukhosini. Yikho lokhu okwenzeka kule filimu.

U-arthur ube neshwa lokulahlek­elwa yilungelo lakhe lokuqhoqho­bala isikhundla sobukhosi emuva kokubulawa kukayise. Umalume wakhe uvortigen nguyena othatha isihlalo. Lokhu kwenza akhule engenalwaz­i lokuthi kahle hle nguye umholi, akhule kanzima kuleli dolobha ilondinium.

Langalimbe emuva kokufinyel­ela kwinkemba yezimanga kuyaphoqel­eka ukuba okukakhesa­ri kubuyele kukhesari, kumnyama kubomvu.

Kumele afunde ukuthi lesi sikhali sezimanga sisebenza kanjani, alwe nobulwane aseyibo, aphinde akwazi ukubumba isizwe kunqotshwe undlovu kayiphikis­wa uvortigen owabulala abazali bakhe u-arthur wantshonts­ha isihlalo sobukhosi. Ingene ngolwesihl­anu e-cinema.

ZISHINTSHI­LE izinto ngempelaso­nto edlule (05-07 May) njengoba eqhulwini kumafilimu ayishumi ahambe phambili ngokubukwa sekuhleli entsha esikhundle­ni SEFAST AND FURIOUS 8 okulokhu yaqhwakela selokhu yafika, isephambil­i kodwa ngokufaka imali. Phezulu sekuhleli IGUARDIANS OF THE GALAXY 2 njengoba kuvela ohlwini olungezans­i:

1. GUARDIANS OF THE GALAXY 2

2. FAST AND FURIOUS 8 3. BEAUTY AND THE BEAST 4. BOSS BABY

5. GOING IN STYLE

6. THE SHACK

7. LOVE BY CHANCE 8. SLEEPLESS

9. BEYOND THE RIVER 10. JOHNNY IS NIE DOOD NIE

 ?? ISITHOMBE: YOUTUBE.COM ?? U-ARTHUR nenkemba yezimanga.
ISITHOMBE: YOUTUBE.COM U-ARTHUR nenkemba yezimanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa