Abaculi nabezindaba bashade okasofa silahlane
ABACULI abangophumasilwe, amabhoklolo, noma iziqhwaga abaphume emculweni okhokhelwayo uma bengafuni kubhalwe ngabo. Kubamnandi konkabi uma bekhishwa begqanyiswa ngabezindaba besafuna udumo nemali kodwa uma sebeboza bafuna kungashiwo lutho ngabo ekubeni bona kanye bekwazi ukuzifunda izindaba zabanye ozakwabo.
Sikhipha isexwayiso esiqinile kulolu hlobo lwabaculi sokuthi uma besafuna ukuphumelela kule ndima abakuqonde ukuthi bona nabezindaba bashade umshado kasofasilahlane bethanda bengathandi.
Kusidumaze kakhulu okwenziwe ngumculi kamasikandi obizwa ngegcokama Elisha okubikwa ukuthi uthelekele intatheli yephephandaba lethu, wabukisa ngayo phambi kwabantu eyishaya ngempama yangaphindisela ngoba ihlonipha umthetho nemibandela esebenza ngaphansi kwayo.
Igama elithi “gcokama” lichaza inono, umuntu ozihloniphayo emphakathini. Kusishiye nemibuzo eminingi uma le nsizwa ecula kamnandi nethandwayo seyenza okungafani negama layo. Sididekile kumanje ukuthi sizoyibiza sithini uma siloba ngayo emuva kwalesi senzo esinyanyekayo esenze entathelini yethu esiyihloniphayo ikakhulukazi ekulobeni izindaba zabaculi bakamasikandi.
Ukuze kungaphinde kwenzeke lokhu sicela ukwazisa bonke abaculi ukuthi iminyango yabezindaba ivulekile kunoma ngubani onezikhalazo ngokusuke kubikwe yintatheli.
Umhleli wephephandaba uhlalele khona ukuzwa ukuthi abafundi basathokozile yini ngomsebenzi wokubika ngokungachemi kwezintatheli zakhe.
Abahleli abasineki uma kutholakala ukuthi intatheli yenzelele odabeni elubikile bayihlala amagqoza noma ikhishwe ngesango uma ingasalandeli imigomo yobuntatheli, ihubhuza amanga.
Ngakho siyabancenga abaculi bethu ukuba balisebenzise ithuba lokungafeli ngaphakathi ngenxa yokuswela ulwazi mayelana namalungelo abo uma bebona ukuthi intatheli thizeni izisikela kwelinonile ngabo.
Iphephandaba liyabadinga abaculi nabalandeli babo ngakho-ke kuhle kube nokubambisana okuhle.
Siyabavusa abaculi ukuba bazi futhi ukuthi izintatheli nazo zinamalungelo, akekho onegunya lokuzenzela noma yini kuzo, ayisaphathwa ke eyokubekwa kwazo isandla lowo usuke esegibele phezu kwendlu yesonto.
Ngisho umengameli wezwe imbala zihlala zibhala okuhle nokubi akwenzile, ezinye zize zimdwebe kabi kodwa asikaze sizwe ukuthi uzifuhlele ngempama noma wazivala ukuba zingabe zisacoshela izindaba ngoba uyawazi amalungelo azo.
Sixwayisa nabasacabanga ukugadla ezintathelini ukuba bangabe besalokotha, bazodibana nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili.
Izintatheli ziwazi kahle umthetho, odlalela kuzo angazibona elala ebaliwe noma ahlawuliswe izizumbulu zezimali nodumo lwakhe luphelele eziboyeni okwezithukuthuku zengcanga.
Ngakho sithi abahlehle abaculi nezibhakela kanye nezimpama zabo, balandele imigomo efanele ukuze kubanjiswane kuleli bhizinisi.