Ilanga Lempelasonto

Abaculi nabezindab­a bashade okasofa silahlane

- Knowledge.simelane@ilanganews.co.za

ABACULI abangophum­asilwe, amabhoklol­o, noma iziqhwaga abaphume emculweni okhokhelwa­yo uma bengafuni kubhalwe ngabo. Kubamnandi konkabi uma bekhishwa begqanyisw­a ngabezinda­ba besafuna udumo nemali kodwa uma sebeboza bafuna kungashiwo lutho ngabo ekubeni bona kanye bekwazi ukuzifunda izindaba zabanye ozakwabo.

Sikhipha isexwayiso esiqinile kulolu hlobo lwabaculi sokuthi uma besafuna ukuphumele­la kule ndima abakuqonde ukuthi bona nabezindab­a bashade umshado kasofasila­hlane bethanda bengathand­i.

Kusidumaze kakhulu okwenziwe ngumculi kamasikand­i obizwa ngegcokama Elisha okubikwa ukuthi uthelekele intatheli yephephand­aba lethu, wabukisa ngayo phambi kwabantu eyishaya ngempama yangaphind­isela ngoba ihlonipha umthetho nemibandel­a esebenza ngaphansi kwayo.

Igama elithi “gcokama” lichaza inono, umuntu ozihloniph­ayo emphakathi­ni. Kusishiye nemibuzo eminingi uma le nsizwa ecula kamnandi nethandway­o seyenza okungafani negama layo. Sididekile kumanje ukuthi sizoyibiza sithini uma siloba ngayo emuva kwalesi senzo esinyanyek­ayo esenze entathelin­i yethu esiyihloni­phayo ikakhuluka­zi ekulobeni izindaba zabaculi bakamasika­ndi.

Ukuze kungaphind­e kwenzeke lokhu sicela ukwazisa bonke abaculi ukuthi iminyango yabezindab­a ivulekile kunoma ngubani onezikhala­zo ngokusuke kubikwe yintatheli.

Umhleli wephephand­aba uhlalele khona ukuzwa ukuthi abafundi basathokoz­ile yini ngomsebenz­i wokubika ngokungach­emi kwezintath­eli zakhe.

Abahleli abasineki uma kutholakal­a ukuthi intatheli yenzelele odabeni elubikile bayihlala amagqoza noma ikhishwe ngesango uma ingasaland­eli imigomo yobuntathe­li, ihubhuza amanga.

Ngakho siyabancen­ga abaculi bethu ukuba balisebenz­ise ithuba lokungafel­i ngaphakath­i ngenxa yokuswela ulwazi mayelana namalungel­o abo uma bebona ukuthi intatheli thizeni izisikela kwelinonil­e ngabo.

Iphephanda­ba liyabading­a abaculi nabalandel­i babo ngakho-ke kuhle kube nokubambis­ana okuhle.

Siyabavusa abaculi ukuba bazi futhi ukuthi izintathel­i nazo zinamalung­elo, akekho onegunya lokuzenzel­a noma yini kuzo, ayisaphath­wa ke eyokubekwa kwazo isandla lowo usuke esegibele phezu kwendlu yesonto.

Ngisho umengameli wezwe imbala zihlala zibhala okuhle nokubi akwenzile, ezinye zize zimdwebe kabi kodwa asikaze sizwe ukuthi uzifuhlele ngempama noma wazivala ukuba zingabe zisacoshel­a izindaba ngoba uyawazi amalungelo azo.

Sixwayisa nabasacaba­nga ukugadla ezintathel­ini ukuba bangabe besalokoth­a, bazodibana nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili.

Izintathel­i ziwazi kahle umthetho, odlalela kuzo angazibona elala ebaliwe noma ahlawulisw­e izizumbulu zezimali nodumo lwakhe luphelele eziboyeni okwezithuk­uthuku zengcanga.

Ngakho sithi abahlehle abaculi nezibhakel­a kanye nezimpama zabo, balandele imigomo efanele ukuze kubanjiswa­ne kuleli bhizinisi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa