Kubhikishelwe udlame olubhekiswe kwabesifazane
Indaba isuswe udaba lukakarabo
IZIGEMEGEME zakamuva zokuhlukunyezwa kubulawe abantu besifazane sezilethe okukhulu ukukhathazeka eningizimu Afrika kanti sezenze abantu bahlangana bakhuluma ngazwi linye, bekhuza lo mkhuba.
Sekunemikhankaso okuqhanyukwe nayo okuzanywa ngayo ukunqanda ukuhlukunyezwa kwabesifazane.
Izolo ngomgqibelo inqwaba yabantu imashe yalibangisa e-unions Buildings, epitoli.
Le mashi yokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane iyingxenye yomkhankaso othi “not in my name”. Ibiholwa ngamaphoyisa kanjalo nama- bikers.
Ukholofelo Masha ongomunye wabahleli bale mashi uthi sekunesikhathi eside abantu besilisa bethule ngokuhlukunyezwa kwabesifazane. Uthi kuyenzeka owesilisa ezwe owesifazane ekhala kwamakhelwane kodwa athule aquthise, alale ebe azi kahle ukuthi kunenkinga.
Uthi kufanele kulwiwe nabahlukumeza abesifazane.
“Uma besidubula sizobadubula, uma belwa nathi sizolwa. Ayikho indoda okufanele ishaye noma idlwengule owesifazane ube ubuka,” kusho umasha.
Nohulumeni uzwakalise ukukhathazeka ngokuhlukunyezwa kwabesifazane okuqhubeka ezweni, uthi kuningi okudinga ukwenziwa ukunqanda ukuhlukunyezwa kwabo nezingane.
Oyisekela likangqongqoshe wezobulungiswa nokuthuthukiswa komthethosisekelo umnu umnu John Jeffery uthe izigameko zakamuva ziyesabisa.
Uthe bazokwenza noma yini ukuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi babhekana nengalo yomthetho.
Ngolwesihlanu ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi unkk Bathabile Dlamini ekhuluma emngcwabeni kakarabo Mokoena (22) obusesoweto, egoli, uthe baningi abesifazane emphakathini abaphila ngokuhlukumezeka, abahlala ebudlelwaneni ngethemba lokuthi izinto zizoshintsha.
Ukarabo kusolakala ukuthi wabulawa washiswa yisoka lakhe, kanti umzimba wakhe utholakale elyndhurst ngenyanga edlule.
Unkk Dlamini uthi uma kungenziwa lutho ngokuhlukunyezwa kwabesifazane, zisazokwanda izigameko ezifuze esikakarabo. Uphinde wexwayisa abesifazane ukuba baqaphele izimpawu zokuhlukunyezwa ebudlelwaneni, wathi uma bezibona lezo zimpawu mabaphume kulobo budlelwano.