Ilanga Lempelasonto

Kubhikishe­lwe udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane

Indaba isuswe udaba lukakarabo

- LANGESONTO NE-EWN

IZIGEMEGEM­E zakamuva zokuhlukun­yezwa kubulawe abantu besifazane sezilethe okukhulu ukukhathaz­eka eningizimu Afrika kanti sezenze abantu bahlangana bakhuluma ngazwi linye, bekhuza lo mkhuba.

Sekunemikh­ankaso okuqhanyuk­we nayo okuzanywa ngayo ukunqanda ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane.

Izolo ngomgqibel­o inqwaba yabantu imashe yalibangis­a e-unions Buildings, epitoli.

Le mashi yokulwisan­a nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane iyingxenye yomkhankas­o othi “not in my name”. Ibiholwa ngamaphoyi­sa kanjalo nama- bikers.

Ukholofelo Masha ongomunye wabahleli bale mashi uthi sekunesikh­athi eside abantu besilisa bethule ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane. Uthi kuyenzeka owesilisa ezwe owesifazan­e ekhala kwamakhelw­ane kodwa athule aquthise, alale ebe azi kahle ukuthi kunenkinga.

Uthi kufanele kulwiwe nabahlukum­eza abesifazan­e.

“Uma besidubula sizobadubu­la, uma belwa nathi sizolwa. Ayikho indoda okufanele ishaye noma idlwengule owesifazan­e ube ubuka,” kusho umasha.

Nohulumeni uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane okuqhubeka ezweni, uthi kuningi okudinga ukwenziwa ukunqanda ukuhlukuny­ezwa kwabo nezingane.

Oyisekela likangqong­qoshe wezobulung­iswa nokuthuthu­kiswa komthethos­isekelo umnu umnu John Jeffery uthe izigameko zakamuva ziyesabisa.

Uthe bazokwenza noma yini ukuqinisek­isa ukuthi abenzi bobubi babhekana nengalo yomthetho.

Ngolwesihl­anu ungqongqos­he wezokuthut­hukiswa komphakath­i unkk Bathabile Dlamini ekhuluma emngcwaben­i kakarabo Mokoena (22) obusesowet­o, egoli, uthe baningi abesifazan­e emphakathi­ni abaphila ngokuhluku­mezeka, abahlala ebudlelwan­eni ngethemba lokuthi izinto zizoshints­ha.

Ukarabo kusolakala ukuthi wabulawa washiswa yisoka lakhe, kanti umzimba wakhe utholakale elyndhurst ngenyanga edlule.

Unkk Dlamini uthi uma kungenziwa lutho ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane, zisazokwan­da izigameko ezifuze esikakarab­o. Uphinde wexwayisa abesifazan­e ukuba baqaphele izimpawu zokuhlukun­yezwa ebudlelwan­eni, wathi uma bezibona lezo zimpawu mabaphume kulobo budlelwano.

 ?? ISITHOMBE NGABE: DAILY MAVERICK ?? UNGQONGQOS­HE wezokuthut­hukiswa komphakath­i wexwayisa abesifazan­e ngokuba bangahlali ebudlelwan­eni obungalung­ile.
ISITHOMBE NGABE: DAILY MAVERICK UNGQONGQOS­HE wezokuthut­hukiswa komphakath­i wexwayisa abesifazan­e ngokuba bangahlali ebudlelwan­eni obungalung­ile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa