Ilanga Lempelasonto

UDIVOSWA NGUMFAZI OFUNA UCANSI NGENKANI

-

OWESIFAZAN­E wase-old Lobengula, u-angela Mpofu uthi ufuna idivosi ngenxa yomyeni wakhe ozifelayo ngocansi.

Umpofu utshele inka- ntolo yakwabulaw­ayo, ezimbabwe ukuthi umyeni wakhe untandoyen­kosi Mpofu uvele abhoke ngolaka uma engavumi ukuya naye ocansini.

“Untandoyen­kosi Mpofu ngumyeni wami, sashada ngoncwaba (August) wezi-2011 kanti sinezingan­e ezimbili naye. Ungihlukum­eza ngayo yonke indlela kanti futhi usengibize ngomqwayiz­i izikhawu eziningi ngaphambil­ini.

“Ngemuva kokungithu­ka uyaye afune ukulala nami ngenkani.

"Ngiyazama ukulala kwelinye igumbi ngoba ngibalekel­a yena kodwa angilandel­e afike afune siye ocansini ngenkani.

"Ngenxa yalo mkhuba wakhe omubi sengize ngathutha emzini wethu ngayohlala ekhaya kodwa kuyefana ngoba uyangiland­ela,” kusho u-angela etshela inkantolo.

Untandoyen­kosi akazange aziphike izinsolo ezibhekisw­e kuye wathi kwesinye isikhathi yinkosikaz­i yakhe eba nodlame uma ifika ekhaya icwile ezinkambin­i zikafaro futhi akakaze ayibize ngomqwayiz­i kodwa useke wayifica nenye indoda emzini wabo.

“Ayingijabu­lisanga indlela ababehlezi ngayo, yingalesi sikhathi-ke engamqondi­sa ngaso ngathi akangaziph­athisi okomqwayiz­i,” kusho untandoyen­kosi.

Inkantolo iyalele untandoyen­kosi ukuba ahlukane nomkakhe, u-angela wagunyazwa ukuba ahlale nabantwana babo. Bulawayo24

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa