UDIVOSWA NGUMFAZI OFUNA UCANSI NGENKANI
OWESIFAZANE wase-old Lobengula, u-angela Mpofu uthi ufuna idivosi ngenxa yomyeni wakhe ozifelayo ngocansi.
Umpofu utshele inka- ntolo yakwabulawayo, ezimbabwe ukuthi umyeni wakhe untandoyenkosi Mpofu uvele abhoke ngolaka uma engavumi ukuya naye ocansini.
“Untandoyenkosi Mpofu ngumyeni wami, sashada ngoncwaba (August) wezi-2011 kanti sinezingane ezimbili naye. Ungihlukumeza ngayo yonke indlela kanti futhi usengibize ngomqwayizi izikhawu eziningi ngaphambilini.
“Ngemuva kokungithuka uyaye afune ukulala nami ngenkani.
"Ngiyazama ukulala kwelinye igumbi ngoba ngibalekela yena kodwa angilandele afike afune siye ocansini ngenkani.
"Ngenxa yalo mkhuba wakhe omubi sengize ngathutha emzini wethu ngayohlala ekhaya kodwa kuyefana ngoba uyangilandela,” kusho u-angela etshela inkantolo.
Untandoyenkosi akazange aziphike izinsolo ezibhekiswe kuye wathi kwesinye isikhathi yinkosikazi yakhe eba nodlame uma ifika ekhaya icwile ezinkambini zikafaro futhi akakaze ayibize ngomqwayizi kodwa useke wayifica nenye indoda emzini wabo.
“Ayingijabulisanga indlela ababehlezi ngayo, yingalesi sikhathi-ke engamqondisa ngaso ngathi akangaziphathisi okomqwayizi,” kusho untandoyenkosi.
Inkantolo iyalele untandoyenkosi ukuba ahlukane nomkakhe, u-angela wagunyazwa ukuba ahlale nabantwana babo. Bulawayo24