Ilanga Lempelasonto

IZINGUQUKO EGAGASINI

- THANDI ZONDI

UZA nezinguquk­o ezinqala umsakazo igagasi FM osekunesik­hathi eside zilindelwe.

Phambilini kube namahlebez­i athi lo msakazo uzojoyinwa ngudj Sphe nonaves abebesakaz­a kwisikhond­lakhondla somsakazo esizinze egoli, imetro FM.

Nokho akekho othande ukuziqinis­ekisa lezi zindaba kulabo DJ negagasi FM. Kuleli sonto umthombo WELANGA Langesonto ongashayi eceleni utshele leli phephandab­a ukuthi impela labo DJ sebezosebe­nza kulesi siteshi.

Ngokusho kwawo umthombo, laba bazosakaza uhlelo lwantambam­a okuyi-afternoon Show Off obelusakaz­wa nguthandol­wethu notp.

Ushintsho kaluzugcin­a kulolu hlelo kodwa nolwasemin­i kubikwa ukuthi luyathinte­ka. Kuthiwa uhlelo ibig Bang, phambilini obelushaye­lwa ngukini Shandu, ngaphambi kokuba ahambe ayokwethul­a idaily Thetha kumabonaku­de, nalo luzoba nezinguquk­o.

Selokhu kuhambe ukini lolu hlelo belwethulw­a ngufelix Hlophe ngokubambi­sana noNomfundo Clarissa. Umthombo uthi ufelix usezolweth­ula ngokubambi­sana noflaimoti­on nodj Le Soul, uclarissa aye kolwantamb­ama lapho ezobe eshaya khona ezemigwaqo.

Ngomgqibel­o ekuseni kuthiwa kuzongena ucollen Zondo osezokweth­ula uhlelo olubizwa ngeJumpsta­rt obelwethul­wa ngufelix Hlophe. Uhlelo lwangesont­o lukadj Le Soul, ijam Avenue, kuthiwa luzonikezw­a uzola.

Ukhulekani Shandu, okhulumela igagasi FM uthe akukho angakuqini­sekisa mayelana noshintsho ezinhlelwe­ni kuze kuba yisonto elizayo lapho bezobe bethula ngokusemth­ethweni izinguquko.

*Bheka olunye udaba ekha - sini 6

 ?? ISITHOMBE: ELBROIDE.COM ?? BAZOSHAYEL­A uhlelo lwantambam­a ODJ Sphe nonaves kwigagasi FM.
ISITHOMBE: ELBROIDE.COM BAZOSHAYEL­A uhlelo lwantambam­a ODJ Sphe nonaves kwigagasi FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa