UDJ FISTAZ "UBALEKA NEMALI"
KUKHALWA ngesilomo sikadj okuthiwa sigoloza ukubuyisela emuva imali ebesiqashwe ngayo ngemuva kokungalubhadi emcimbini ebekufanele sinandise kuwona.
Umondli Makhathini ongumhleli womcimbi obuqala ukwenzeka kulo nyaka, icoastal Music Experience ebisemagabheni mhla zingama-29 kumbasa (April) ukhala ngodj Fistaz Mixwell ngokuthi ugoloza ukubuyisela emuva imali akhokhelwe yona njengoba ehlulekile wukwenza umsebenzi abewuqashelwe.
Umondli uthi UDJ Fistaz umkweleta u-r10 000. Echaza umondli uthi uxhunyaniswe ngudj 101 nofistaz ngaphambi kokuba amqashe kulo mcimbi.
“U-101 ojwayele ukuhlela imicimbi eport Shepstone ungitshele ukuthi zingama-28 kumbasa uzonandisa emcimbini wakhe esenzi’s. Ungitshele ukuthi nami ngingakwazi ukumthola azonandisa emcimbini wami ngosuku olulandelayo. Nebala ube esengixhumanisa naye lo DJ savumelana ngemali ngabe sengiyikhokha,” kuchaza umondli.
Uthi ngokusondela kwezinsuku zomcimbi, ubhuntshile obuhlelwe ngu-101, obuzoba nofistaz.
Uqhuba athi ngenxa yokubhuntsha kwalo omunye umcimbi ufistaz ube esemtshela ukuba ayigcwalise imali ngo-r2 000 ibe wu-r12 000 ngenxa yokuthi ubebize kancane ngoba ubezobe esuka eduze vele. Uthi umondli bavumelene ngaleyo mali kodwa ngokuhamba kwesikhathi UDJ Fistaz wangabe satholakala ocingweni.
Ngokubona izinsuku zomcimbi zisondela engasamtholi ocingweni ufistaz ube esenza imizamo yokuthola umdu Masilela, obezovala isikhala sikadj Fistaz. “Umdu ngimkhokhele konke abekufuna nebala wafika ukuzovala isikhala sikafistaz obengasatholakali ezingcingweni,” enaba. Uthi sekwedlule umcimbi uxhumanile nalo DJ owale waphetha ukubuyisa imali, wase emtshela ukuthi empeleni kwakufanele amkhokhele ur35 000 ngoba yiyona mali aqashwa ngayo.
“Uqale wangidlalela umacashelana elokhu eshona le nale, kwesinye isikhathi angalubambi ucingo. Ngokuhamba kwesikhathi ngithole i- email ebilibeka ngembaba elokuthi akazimisele ngokubuyisa imali,” kulanda umondli.
Kule e-mail ebhalwe ngozibiza ngo-usanda Mankahla, ILANGA Langesonto elinayo, ithi ufistaz uvume ukwamukela lo mcimbi ngenxa yokuthi kwakunomunye ayeqashwe kuwona osondelene nokamondli. “Sekusele isonto nengxenye ukuba kwenzeke umcimbi wokuqala sitshelwe ukuthi ngeke usenzeka. Lokhu bekuchaza ukuthi imali bekumele siyenyuse iphelele njengoba besibize engaphelele (kumondli),” okunye okubhalwe kule e-mail.
Kule e-mail kuphinde kuvele ukuthi ufistaz akatshelwanga lutho mayelana nemininingwane yamabhanoyi nendawo yokulala nokunye okuhambisana nokuqashwa kwakhe kusenesikhathi. Kuyo futhi le e-mail
kusolwa umakhathini ngokungasihloniphi isivumelwano esenziwe. UDJ 101 uluqinisekisile lolu daba njengoba ethi nguyena oxhumanise umakhathini nofistaz.
Uphinde waqinisekisa ukuthi umcimbi wakhe obuzoba nofistaz awubange usenzeka, wabazisa bobabili umakhathini nofistaz wabe esenxusa ukuba bakhulume ukuthi bazoqhubeka kanjani. “Ukuthi bagcine befinyelele kuphi angazi kodwa ngiyakhumbula umondli (Makhathini) ethi unenkinga yokuthola ufistaz ocingweni,” esho.
Imizamo yokuthola ufistaz nomankahla iphunzile njengoba izincingo zabo bezikhala zingabanjwa. lucky.cain@ilanganews.co.za