WOZA NAZO MZALA
SHWELE Nkosi, babazani bo, nansi ingane yabantu ingenelwe ukusangana ekhanda. Kodwa Nompilo wodumo lukanosipho emdlalweni uzalo, yini lena osuyenze ekhanda manje? Awuxoxele umzala ukuthi msangano muni lo owenzile.
Uyazi bese ngiqala ukukuthanda, sengikuzwela kodwa sengibonile ukuthi udumo luyakudaka. Ukhona umuntu ongenza le nto oyenzile ekhanda.
Kuyacaca lobubutebu obuphila kumabonakude bukusanganisa ikhanda. Buka nje ngathi uyavutha.
LO muntu okuthiwa ngudj Kotin, kuyacaca ukuthi ubuncelebane wabuncela ebeleni.
Ngimbone ephathini kagov’ner engasazikhuhli kanje kumnikazi wephathi, ngisho ethi uzama ukudlala ingoma ugov’ner, lutho ukusuka ukotin.
Okungithusile wukuthi ukotin ngiyamazi, uyazifela ngabesimame kodwa ukuthi ubefunani kugov’ner ngoba ubebona ukuthi akamnakile, angazi.
Ngiyasola ubefuna ukucela imali kodwa engazi ukuthi uzoyicela kanjani.
BASAKAZI nabaphathi bomsakazo wami enguwuhloniphayo ukhozi FM, ngisacela ningicacisele ngalo muntu wenu okuthiwa ngusphongo.
Insizwa yami yona iyathanda ukukhululeka kanti futhi nabantu iyabathanda kodwa angazi noma umzimba wakhe noma yigazi elingavumi.
Uma uhlezi naye kungathi usanda kuthola izindaba ezimthusile nje. Kuvele kube sengathi yikati lithelwe ngepharishi. Ngisizeni basakazi nani baphathi, ningicacisele ukuthi yini le eyenzeka kule nsizwa esencane kangaka.
KUTHIWA umuntu ufunda aze afe, kodwa manje angisazi noma sekusondele izinsuku zami zokufa yini. Lawa makhehla amabili azibiza ngegodfathers umthetho wawo avela kuphi?
Ngelinye ilanga ngicela osondelene nawo ukuba angixhumanise nawo ukuze angicacisele ukuthi ngesikhathi entunta ezindaweni zomjuxuzo, abazukulu basuke behlezi nobani ngempela?
Okungidida kakhulu wukuthi angiwazi esakhula, avumbuke manje nje. Kungcono ODJ Muntu nosiyanda, bona bangamakhehla agugele phambi kwethu. Lokhu kwegodfather kuyethusa.
KANTI usekhona lo mphuphe wetheku owawucula ngezinto zasepaki oginqigonqo kanye nomerry go round! Ngethuke ngacishe ngawa phansi ngibona ubhizori kweminye yemicimbi yetheku.
Phela lo mculi wacula ngazo zonke izinto zokudlala ezitholakala emapaki, waqeda maqede wanyamalala. Uma ungaxoxela umzala weBhizori, usukuphi manje, wenza ini futhi. Phela asithandi ukukubona wehla wenyuka, ungazi ukuthi wenzani.
Yey ngoba kulula ukuba umuntu avele aphenduke umphuphe nje.