Ilanga Lempelasonto

WOZA NAZO MZALA

-

SHWELE Nkosi, babazani bo, nansi ingane yabantu ingenelwe ukusangana ekhanda. Kodwa Nompilo wodumo lukanosiph­o emdlalweni uzalo, yini lena osuyenze ekhanda manje? Awuxoxele umzala ukuthi msangano muni lo owenzile.

Uyazi bese ngiqala ukukuthand­a, sengikuzwe­la kodwa sengibonil­e ukuthi udumo luyakudaka. Ukhona umuntu ongenza le nto oyenzile ekhanda.

Kuyacaca lobubutebu obuphila kumabonaku­de bukusangan­isa ikhanda. Buka nje ngathi uyavutha.

LO muntu okuthiwa ngudj Kotin, kuyacaca ukuthi ubunceleba­ne wabuncela ebeleni.

Ngimbone ephathini kagov’ner engasazikh­uhli kanje kumnikazi wephathi, ngisho ethi uzama ukudlala ingoma ugov’ner, lutho ukusuka ukotin.

Okungithus­ile wukuthi ukotin ngiyamazi, uyazifela ngabesimam­e kodwa ukuthi ubefunani kugov’ner ngoba ubebona ukuthi akamnakile, angazi.

Ngiyasola ubefuna ukucela imali kodwa engazi ukuthi uzoyicela kanjani.

BASAKAZI nabaphathi bomsakazo wami enguwuhlon­iphayo ukhozi FM, ngisacela ningicacis­ele ngalo muntu wenu okuthiwa ngusphongo.

Insizwa yami yona iyathanda ukukhulule­ka kanti futhi nabantu iyabathand­a kodwa angazi noma umzimba wakhe noma yigazi elingavumi.

Uma uhlezi naye kungathi usanda kuthola izindaba ezimthusil­e nje. Kuvele kube sengathi yikati lithelwe ngepharish­i. Ngisizeni basakazi nani baphathi, ningicacis­ele ukuthi yini le eyenzeka kule nsizwa esencane kangaka.

KUTHIWA umuntu ufunda aze afe, kodwa manje angisazi noma sekusondel­e izinsuku zami zokufa yini. Lawa makhehla amabili azibiza ngegodfath­ers umthetho wawo avela kuphi?

Ngelinye ilanga ngicela osondelene nawo ukuba angixhuman­ise nawo ukuze angicacise­le ukuthi ngesikhath­i entunta ezindaweni zomjuxuzo, abazukulu basuke behlezi nobani ngempela?

Okungidida kakhulu wukuthi angiwazi esakhula, avumbuke manje nje. Kungcono ODJ Muntu nosiyanda, bona bangamakhe­hla agugele phambi kwethu. Lokhu kwegodfath­er kuyethusa.

KANTI usekhona lo mphuphe wetheku owawucula ngezinto zasepaki oginqigonq­o kanye nomerry go round! Ngethuke ngacishe ngawa phansi ngibona ubhizori kweminye yemicimbi yetheku.

Phela lo mculi wacula ngazo zonke izinto zokudlala ezitholaka­la emapaki, waqeda maqede wanyamalal­a. Uma ungaxoxela umzala weBhizori, usukuphi manje, wenza ini futhi. Phela asithandi ukukubona wehla wenyuka, ungazi ukuthi wenzani.

Yey ngoba kulula ukuba umuntu avele aphenduke umphuphe nje.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UCELESTE Ntuli.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UCELESTE Ntuli.
 ??  ?? I-GODFATHERS
I-GODFATHERS
 ??  ?? Ugov’ner nodj Kotini
Ugov’ner nodj Kotini
 ??  ?? USPHONGO
USPHONGO
 ??  ?? NOMPILO
NOMPILO
 ??  ?? BHIZORI
BHIZORI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa