Ilanga Lempelasonto

UVUNDULULE OBEKUNGANA­KIWE

- LUCKY CAIN

UVUNDULULE ikhono labebengan­akiwe emkhakheni womculo usparks Bantwana osezakhele igama ngokukhiqi­za umculo onesigubhu segqom ethekwini.

Lo mdidiyeli wezingoma oseke wasebenza namaciko ehlukene okubalwa uvetkoek nomahoota, Mampintsha nabanye usezinhlel­weni zokukhiqiz­a abaculi abasha njengoba eseqalile ngotdk nobig Show.

Bobabili laba bayaziwa emkhakheni wezikaqedi­sizungu kodwa bekungacac­i kahle ukuthi benzani njengoba bengapheli ezindaweni zobumnandi. UTDK usanda kukhipha enye ingoma nomaphoris­a ehlanganis­a nodj Bukz esihloko sithi “Gusheshe”.

Le ntokazi ogama layo langempela nguthandek­a Mkhwanazi iqale ukubonakal­a isebenza neAfrotain­ment kanti ibuye ihlele nemicimbi ethekwini namaphethe­lo.

Itshele ILANGA Langesonto ukuthi ifuna ukungenisa kulo mkhakha njengoba sekucacile ukuthi abantu bayasithok­ozela isitayela sayo ngengoma esihloko sithi “Gusheshe”.

“Ukusebenza kwami nomaphoris­a kungivule amehlo ngalo mkhakha, yingakho ngikhethe ukuba ngenze ingoma yami ngisebenzi­sana nosparks owaziwayo ngokudedel­a isigubhu segqom,” kusho lesi siphalapha­la sentokazi, sengeza ngokuthi ingoma yaso ibizwa ngokuthi “Gijima Mgijimi”.

UTDK uthi maduze ingoma ya- khe izoqala ukuzwakala emisakazwe­ni kodwa ezindaweni zobumnandi ODJ sebeqalile ukuyidlala nokuyinto emjabulisa kakhulu.

“Okunye wukuthi sengiqalil­e nokuqashwa ezindaweni ezahlukene ukuyonandi­sa,” esho.

Ngakolunye uhlangothi usparks uthi uyakujabul­ela ukusebenza nabaculi abasha ngasosonke isikhathi.

“UTDK nguyena ongicelile ukuba ngimenzele ingoma ngavumela phezulu ngoba ngibona ukuthi uyintombaz­ane ezimiselay­o futhi eyaziyo into eyifunayo,” kusho usparks.

Mayelana nobig Show ogamalakhe langempela ngusizwe Zulu usparks uthi uzwe iphimbo lakhe elehlukile kwelabanin­gi.

“Ubig Show une- zwi elingajway­elekile yingakho ngithe mangimzame e- studio ngizwe ukuthi uzozwakala kanjani. Kuyangijab­ulisa ukuthi uzwakale kahle kanti ingoma yethu iphume imnandi nephimbo lakhe,” kuchaza lo mdidiyeli eqhuba ngokuthi ingoma yabo bayibiza ngokuthi “Songena Ngopotsho”. Usparks uthi uzimisele ngokuqopha ezinye izingoma nobig Show.

UTDK uyena ongicelile...

 ??  ?? UTDK uveza ikhono emculweni.
UTDK uveza ikhono emculweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa