Ilanga Lempelasonto

Ufihle induku emqubeni uceleste

- THANDI ZONDI

USOMAHLAYA uceleste Ntuli uthi ngaphambi kokuba kufike igama elithi ‘ junk status’ okuyisimo somnotho esibheda kakhulu, abantu abamnyama bese kukudala bephila ngaphansi kwalesi simo.

Lo somahlaya ophinde abe ngumlingis­i umatasa nomjikelez­o wamahlaya akhe obizwa ngeblack Tax okuyi-one Woman Show. Uthi ukhethe ukusebenzi­sa leli gama ngoba wonke umuntu (omnyama) uyayikhokh­a le ntela ( black tax) futhi cishe bonke abantu bayazi ngayo.

Uthi wonke amahlaya azobe ewaqhulula azobe emayelana nesimo somnotho sakuleli nasemhlabe­ni wonke.

Uthi amahlaya azobe ebheka ukuthi kusho ukuthini ukuba kwi- junk status.

“Sizobheka ukuthi kwenziwe yini ukuba abantu abamnyama bagcine bezithola bephila ngaphansi kobubha obungaka, nokuthi singayishi­ntsha kanjani le nto ukuze impilo ibe ngcono ezizukulwa­neni ezizayo. Amahlaya ami axoxa indaba. Siphila esikhathin­i la kumele khona sizazi njengamaci-ko ukuthi simi kuphi,” kusho yena.

Uceleste usanda kuveza ukuthi uzothatha ikhefu emdlalweni owuchungec­hunge Isibaya otshengisw­a kumzansi Magic. Uthi uthathe lesi sinqumo ngenhloso yokugxila emahlayeni.

Uthi yize ezobe ekhuluma izinto ezibucayi ngale ndlela kodwa uzozikhulu­ma ngendlela enamahlaya njengenjwa­yelo.

“Abalandeli bami mabalindel­e ukuhleka baze baphathwe yizisu,” kulanda yena.

Uthi amahlaya akhe azobe ephelezelw­a wumculo omnandi angathanda­nga ukuwudalul­a ukuthi ngokabani, wathi ufihle induku emqubeni. Omunye wale micimbi kaceleste uzobe ungomhlaka 25 August emfolozi Hotel Casino empangeni. Ngomhlaka 29 July

uzobe esethekwin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa